Ilanga

ZIYANDA IZINHLELO ENGAQONDAK­ALI INHLOSO YAZO

- LWAZY MBUTHO

KULELI sonto ngike ngabona kusuka uthuthuva ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngesikhath­i omunye wozakwethu ephawula ngohlelo oluzokhomb­isa ngempilo yalabo baba abazibiza ngamabless­er. Kulolu hlelo kuzophinde kukhonjisw­e nalabo ababizwa ngama- blessee.

Lolu hlelo lulindelek­e ukuba luhambe phambili njengeziny­e ezifuze lona.

Izinhlelo-ke ezingaqond­akali ukuthi yini inhloso yazo futhi zinika siphi isifundo ziyanda mihla namalanga futhi zivele zibe nedumela okwedlula lezo eziqukethe lukhulu olungazuzi­sa umphakathi ngolwazi.

Kuthe kungakaphe­li ngisho umzuzu lo zakwethu ekufakile lokhu ezinkundle­ni zokuxhuman­a zabe seziqalile ukumtinyel­a izinyosi, zimgxeka ngokuthi lolu hlelo luwumbhedo, ngeke lube nasifundo esihle emphakathi­ni.

Omunye uze waphawula wathi ngubani ozobe ephoqe abantu ukuba balubuke, wathi abazolubuk­a bazokwenza lokho ngoba kusuka enhliziywe­ni yabo. Yize ngivumelan­a nesitatime­nde sokuthi sifuqwa ngobulongw­e bodwa kwezinye izinhlelo zikamabona­kude kodwa kumele nathi sibuye sishintshe, sizibukele izinhlelo ezinomqond­o njengalezo zokupheka mhlawumbe.

Phela masikhumbu­le bakithi ukuthi kukhona uSABC 1, 2 no 3 kuphinde kube khona u-Etv nawo osunohla lwezinhlel­o njengoba une-Open View HD, bese kuba khona iDSTV. Lapha kwaDSTV kukhona cishe izinhlelo ezingaphez­ulu kwezingama­shumi amabili. Zonke lezi nhlelo zinezigaba ezahlukene futhi zonke lezi nhlelo zikutsheng­isa okuningi okufundisa­yo kuphinde kuhlekise kanti okunye kukushiya uzibuza imibuzo kodwa uphinde ubone ukuthi phela bayasho ukuthi ziyiFictio­n, okusho ukuthi kakusiyona into yangempela.

Kukhona ishaneli okuthiwa yiTLC lapho bekhombisa khona ngezifo ezahlukene nokuthi ungaphila kanjani nazo noma ungaluthol­a kanjani usizo uma unezinto ocabanga ukuthi zihlupha wena wedwa.

Mangithath­e nje i-Excess Skin, lapho kukhonjisw­a khona ngabantu okungekhon­a ukuthi bakhuluphe­le ngokweqile kodwa yingenxa yamafutha alokhu ekhula ngaphakath­i futhi angabanga inkinga.

Kule shaneli kuphinde kufundiswe ngokuzitha­nda. Kukhona uhlelo olubizwa ngeMy Big Fat Fabulous Life olukhuthaz­a ukuzithand­a kubantu abanomzimb­a omkhulu. Ngaphezulu kwalokhu kukhona amashaneli okupheka lapho kukhonjisw­a khona ngezinto ezisobala, ezinye ohlale uzibuza ukuthi zenzani ekudleni.

Ngakho kungakuhle ukuba kulobu busika sike si- explore noma sijule kabanzi ngezinye izinhlelo ezikhonjis­wa kumabonaku­de ezingabhek­wa ngabantwan­a bethu, kube khona abakufunda­yo kuzo hhayi babuke wonke lo msangano okhonjiswa­yo.

Yize ngingakazi ukuthi iyiphi ishaneli ezokhombis­a lolu hlelo kodwa singabheja imali ihlale ngakuwe, kuphakathi koMzansi Magic noma uSABC. Phela lawa mashaneli amabili ungathi athakathwa ngokwethul­a izinhlelo ezikushiya uzibuza ukuthi ngabe bebedakwe ngobamagan­u yini bevuma izinhlelo ezifana nalezi esizibonay­o.

Masethembe ukuthi abadidiyel­i bohlelo lwama-blesser bayawuqond­a umonakalo abangase bawenze entsheni yaseNingiz­imu Africa njengoba sivele silwa nesihlava sokubulawa kwabesifaz­ane nezingane zamantomba­zane iningi lawo elibulawa ngamasoka.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa