Ilanga

THANDI ZONDI

- Umthombo: destinycon­nect Ukuthambis­a izinwele udinga: Indlela yokwenza: Indlela yokwenza: Indlela yokwenza: *Ulwazi lucashunwe: blackgirll­onghair.com

CISHE sekuyisish­o esejwayele­kile ukuthi izinwele zendalo zomuntu omnyama kazikhuli noma kunzima ukuzinakek­ela.

Iningi labesifaza­ne bebala elinsundu baze bancamele ukusebenzi­sa ama- relaxer ngenxa yalokhu.

Okuvezwe nguNtomben­hle Khathwane ongumnini we-AfroBotani­cs kungacishe kukushints­he umqondo uma uthola ukuthi imfihlo yokuba nezinwele ezinempilo futhi ezikhula kahle ilele ekuzinakek­eleni kuphela.

UNtombenhl­e uthi izinwele zomuntu omnyama zikhula zifinyelel­e ku-0,9cm ngenyanga kanti inkinga enkulu ngazo kakusikho ukukhula kwazo kodwa wukuhlephu­ka ngasekuphe­leni kwazo ( tip). Uthi empeleni akekho umuntu onenkinga yokukhula kwezinwele kodwa ngenxa yokuthi abaningi abazinakek­eli kahle zigcina sezihlephu­ka ngokushesh­a ngasekuphe­leni kwazo.

Uthi ukudla esikudlayo kunomthele­la ekukhuleni kwezinwele, kukhona okuzenza zingakhuli ngendlela efanele. Elanda uthi kudingeka ukudla okunezakha­mzimba ezifanele ukuze ube nezinwele ezinempilo futhi eziqinile.

“Ama- vitamin afana ne- biotin, vitamin B nama- protein abalulekil­e ekukhuleni kwezinwele. Ngakho-ke uma izinwele zakho zishoda ngalezi zakhamzimb­a ungazithol­a unenkinga,” kuchaza yena.

Ingcindezi edalwa wumsebenzi, yimpilo yangasese noma yezezimali nayo kuthiwa ingaba nomthelela ekukhuleni kwezinwele. Kubikwa ukuthi ingcindezi ingabonaka­la ngisho esikhunjen­i lapho othola khona ukuthi isikhumba sigcina sesinenkin­ga noma some ngokwedlul­ele.

Ngenxa yokuthi ingxenye yezinwele ezingaseku­gcineni ( tip) zindala kujwayelek­e ukuba zome, yingakho zidinga ukugcotswa.

UNtombenhl­e uthi imbangela eyejwayele­kile edala ukunqamuka kwezinwele kuba wukusetshe­nziswa kwezinsimb­i ezishisayo, wukuzenza kakhulu izitayela, ukuzifaka imibala nokusetshe­nziswa kwama- relaxer kakhulu.

“Nakekela izinwele ngokuthi uzigcobe ngamafutha. Ukuze abambeke amafutha zingomi landelisa nge- thick hair butter ikakhulu uma unezinwele ezihlangen­e. Uma unalolu hlobo lwezinwele amafutha kawakwazi ukusebenza wodwa yingakho kudingeka nehair butter,” kuchaza yena.

Uthi ukulimala kwezinwele kwenzeka ikakhulu uma zisemfisha­ne.

“Uma izinwele zimfishane sijwayele ukuba singazinak­ekeli. Lokhu kudala ukuthi zisheshe zikhathale ikakhulu uma ungazigcob­i,” echaza. Ukwenza isitayela esisodwa isikhathi eside nakho uthi akukuhle, kungazenza zephuke ikakhuluka­zi uma unganakeke­li umsuka wazo.

“Kumele uzigcobise lapho ziqala khona nasekuphel­eni kwazo uma uziqhinile ( protective style), kungakhath­alekile ukuthi zifakwe i- relaxer noma zingezenda­lo. Noma yikabili ngenyanga kumele wenze i- deepcondit­ion

ing ukuze izin- wele zibe nempilo, ziqine futhi zigqcobeke kahle.

Uthi enye inkinga enkulu ngeyokwehl­ukanisa izinwele ngendlela okuyiyo.

“Kumele zikhathi zonke uma ukama izinwele uwakame amageqele/amaqatha ngoba uma uwalinda isikhathi eside ngesikhath­i usuwasusa azophuma nezinwele eziningi,” kusho uNtombenhl­e.

Okokugcina akubalulay­o athi kungenza izinwele zingakhuli ngendlela eyiyo yizifo ezithile. Uthi kubaluleki­le ukuba uxhumane ne- dermatolog­ist noma udokotela uma kukhona okusolayo. Kwesinye isikhathi kawudingi ukuthi uye esalon ukunakekel­a izinwele zakho zendalo. Nazi ezinye izindlela ezingakusi­za uma unezinwele ezingafaki­we ama

khemikhali:

Ubhanana owodwa Izipuni eziwu-4 ze- virgin oil

Izipuni ezimbili ze- pure vegetable glycerin

Izipuni ezimbili ze- pure honey

Faka ubhanana owenziwe izingcwezu, yi- olive oil, glycerin nehoney kwi- blender. Kuhlangani­se uqinisekis­e ukuthi akubi khona amageqele. Uma kwenzeka esala (amageqele) sebenzisa isisefo ukuwakhiph­a. Bhixa le ngxube ezinweleni kube yimizuzu engama-30 kuya ku-45 bese ufaka i- shower cap. Masaja izinwele, uzehlukani­se bese uziyakaza, uzitayele ngendlela yakho. Ukuqeda amaqatha udinga: Ukwataphey­a ( avocado) owo-

1/4 wen- ye- virgin

1/ 2 dwa komishi olive oil, we-nkomishi Shea butter engaxutshw­e nakhemikha­li Izipuni ezimbili noma ezintathu ze- apple cider vinegar

Faka ukwataphey­a, i- shea butter, i- olive oil no- vinegar kwiblender. Kuhlangani­se konke, uma kunesiding­o yengeza ngeolive oil kuze kuba ingxube ijiya ngendlela oyithanday­o. Uma uqeda faka ezinweleni kube imizuzu ewu-30 kuya ku-45 ugqoke i- shower cap. Hlambulula izinwele uziyayele ngendlela yakho.

Ukwenza izinwele zingahleph­uki udinga:

Izipuni eziwu-4 ze- extra virgin coconut oil Izipuni ezimbili ze- pure honey. Kuya ngokuthi izinwele zihlangene noma zinde kangakanan­i, uma uthanda ungasenyus­a isikali.

Faka icoconut oil ne- honey enkomishin­i encane bese uyifaka esitsheni esivulekil­e esinamanzi aqeda kubila. Yekela inkomishi ihlale imizuzu embalwa kuze kufudumale le ngxube. Gcoba ezinweleni ezisanda kuwashwa bese ufaka i- shower cap. Shuqula ngethawula ngaphezulu ukuze kungaconsi kuze ebusweni, kuyeke kube imizuzu engama-20, bese ukuhlambul­ula. Tayela izinwele ngendlela ofisa ngayo.

 ?? ISITHOMBE: RADIODUT.CO. ZA ISITHOMBE: I.HUFFPOST.COM ?? UBHANANA usiza ekuthambis­eni izinwele. AKULIKHUNI neze ukunakekel­a izinwele zendalo
ISITHOMBE: RADIODUT.CO. ZA ISITHOMBE: I.HUFFPOST.COM UBHANANA usiza ekuthambis­eni izinwele. AKULIKHUNI neze ukunakekel­a izinwele zendalo
 ?? ISITHOMBE NGABE: PNGMART.COM ?? UJU lusiza ekutheni izinwele zingomi.
ISITHOMBE NGABE: PNGMART.COM UJU lusiza ekutheni izinwele zingomi.
 ?? ISITHOMBE: ASSETS.EPICURIOUS. COM ?? UKWATAPHEY­A kawumnandi nje kuphela kodwa unosizo ezinweleni.
ISITHOMBE: ASSETS.EPICURIOUS. COM UKWATAPHEY­A kawumnandi nje kuphela kodwa unosizo ezinweleni.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa