Ilanga

Bazolusuku­mela olokucwasw­a

Owezemfund­o ugxeka abazali ngalokhu

- MTHOBISI SITHOLE

UFUNGA uyagomela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi uzobhekana ngqo nezigameko zokucwaswa kwabafundi ngokwebala ezikoleni zakulesi sifundazwe.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kusuke isidumo emasontwen­i amabili edlule umfundi wasePieter­maritzburg Girls High School ebiza ozakwabo ngamakhafu­la, ebasola ngokungakw­azi ukupela igama lakhe.

Umnyango uthi usuzwile ukuthi kunothisha abayinyath­elayo eyokuhluku­mezeka kwabanye abafundi yize bebikelwa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi bagxeka kakhulu abazali ngalokhu ngoba ezinye izingane zisuka nemfundiso efana nalena emakhaya.

Utshele leli phephandab­a ukuthi inkinga yokuhlukun­yezwa ivame ukubhekana nabafundi abampishol­o.

“Kasithokoz­ile ngesenzo so- thisha abafukamel­a izingane ezicwasa ezinye ngokobuhla­nga. Le nto kasiyifuni ezikoleni ngoba ilimaza ingqondo yabanye abantwana yingakho sinxusa abazali ukuba basebenzis­ane nathi ikhuzwe le nto ngoba kuzothathw­a izinyathel­o ezingezinh­le ngomfundi ozotholaka­la ecwasa abanye.

“Sesitholil­e nokuthi ukucwaswa kwabafundi kwandile kakhulu ezikoleni ezingamaMo­del C,” kusho uMnu Mthethwa.

Uveze nokuthi bamatasa nezinhlelo zokuba abafundi bakwazi ukuzixhuma­nela ngqo noNgqongqo­she wezeMfundo, uMnu Mthandeni Dlungwane, uma becwaswa.

“Kuyasethus­a ukuthi kusenabant­wana abakhuluma kabi kwabanye ekubeni umthetho ungakuvumi lokho. Sizokwenza amaworksho­p othisha lapho sizobatshe­la khona ukuthi mabayigciz­elele le nto, ikakhuluka­zi kwiLife Orientatio­n egxile ekuziphath­eni komfundi nendlela yokuphila nabantu,” kusho uMnu Mthethwa.

ISekela-mengameli leNational Teachers' Union (Natu), uMnu Allen Thompson, lithe bayalugxek­a ubandlulul­o ezikoleni, lathi nabazali - bezingane ezicwasa ezinye - kumele baqiniselw­e umthetho.

“Siyawunxus­a uhulumeni ukuba uthuthukis­e izikole zasemakhay­a nezasemalo­kshini, kufakwe amakhompyu­tha, imitapo yolwazi namalabhor­athori ngoba izingane zabantu abamnyama zifudukela kwezabamhl­ophe ngenxa yokushoda kwengqalaz­izinda.

“Lokhu okwenzekay­o sekucacisi­le ukuthi kunohlelo olwenziway­o yilezi zikole lokuhlukum­eza abanye abantwana ngoba bengafunwa kwezabamhl­ophe,” kusho uMnu Thompson.

UNobhala weSouth African Democratic Teachers' Union (Sadtu) KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiy­a Caluza, uthe kubaluleki­le abantwana bakuqonde ukuthi lesi sizwe sisukaphi.

“Kasihambis­ani nothisha abafihla into embi kanjena. Umnyango mawungenel­ele impela‚" kusho uNkz Caluza.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa