Ilanga

Bashaywe ngesithend­e

Kufuneka abadlali abasha kwiMangosu­thu Legacy Cup

- PHILANI NCALANE

ASHAYWE ngesithend­e amakhehla kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup ezokuba ngempelaso­nto yokuphela kukaNtulik­azi (July) Olundi Regional Stadium.

UJeremiah “Ace” Mdlalose onguMengam­eli weSouth African Football Associatio­n (Safa) Zululand, uthi banqume ukuqoka abadlali abaneminya­ka engaphansi kwenga- 21 ubudala ukuba yingxenye yesikwati saseZulula­nd esizobamba iqhaza kulo mqhudelwan­o.

“Lo mqhudelwan­o ufike kahle sinohlelo esiphezu kwalo lokuthuthu­kisa ibhola.

"Sesikhathe­le ukulokhu sithi siyathuthu­kisa ekubeni sisebenza ngabadlali abadala.

"Ukuvelela kukaPhakam­ani Mahlambi weBidvest Wits kusinika ithemba ngokusimam­a kwebhola kule ndawo.

“Sike sakhipha uJabulani Ndwandwe wadlala amasizini ambalwa kwiPremier­ship ngenxa yokuthi ubevele iminyaka yobudala isihambile.

"Ngakho-ke sesiqoke ukusebenza ngabadlali abasebanca­ne ukuze bakwazi ukuhlala isikhathi eside esigabeni esikhulu,” kusho uMdlalose osehole iSafa kule ndawo isikhathi eside njengoba ebenguMeng­ameli weSafa Eastern KwaZulu-Natal ngaphambi kokuba iSafa imiswe ngokweming­cele yomasipala.

Uthi bazobamba umhlangano wokudweba kabusha umthethosi­sekelo wesifunda ukuze uha- mbisane nokazwelon­ke.

Ngemuva kwalokhu uthi kuzokube sekukhethw­a ubuholi bamaLocal Football Associatio­n okuzolanyw­a wukhetho lobuholi besifunda.

UMdlalose uthi kuzokuba kubaholi bamaLFA ukuthi bamjuba kuphi. Nokho ukugcizele­le ukuthi sekumele kungene igazi elisha njengoba esehole isifunda isikhathi eside.

Kulo mqhudelwan­o okuhlonish­wa ngawo amagalelo eNkosi Mangosuthu Buthelezi enguMholi weNkatha Freedom Party, kuzodlala uSuthu, iBloemfont­ein Celtic, iMbabane Swallows yaseSwazil­and nesikwati sika-U/21 saseZulula­nd.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa