AMADUNGE KAWAPHUMI KWANGCOBO
MHLELI: Ngithi mangilungise iphutha elenziwa nguSolwazi Jabulani Maphalalala nomunye wakwaNgcobo wananela ngesonto elilandela lelo, la bethi khona amaDunge adabuka kwaNgcobo.
Empeleni kakunjalo, sasakhelene eMvoti ngaphambi kwezimpi (iMfecane) zeLembe (uShaka) zangowe-1816-1828. Besakhelene ngaseHlimbithwa nendlu yakwaNgcobo le yamaFuze, kaXhonxo owafika ezweni lamaDunge emuva kombango wakhe wobukhosi nomnewabo uNombika, Wafika uXhonxo emaDungeni waganiselwa, wasikelwa ingxenye yezwe leNkosi Vazi kaLuthumbela kaMdzakudza.
Le ndawo engaseGreytown kwakuyingxenye yezwe lakithi njengoba izwe lamaDunge lalilikhulu kakhulu, iNkosi uMdzakudza yabela umhlaba amakhosana ayo eyendlunkulu Bhoyiya, Luthumbela eqadini noMshudula ekhohlo.
Leli lizwe laliphakathi kweHlimbithwa noMvoti neMandlalati, kwathi ngenxa yokuzwana nokuganiselana kwaze kwathi noma sekuqala izimpi safuduka nabo oNgcobo (Fuze) beholwa nguMahawule. Thina izindlu zakwethu zobukhosi zaziholwa yiNkosi Bhoyiya, yiNkosi Nkani, yiNkosi Ngwane noNoqandambedu.
Sahamba sahlala eMgungundlovu kancane, basala lapho abanye bamaFuze, abanye baze bayozinza eceleni kwethu eMzinto, eNyamvini.
Thina maDunge sibadala kabi, sisuke enkabazwe sihambisana nezizwe zaBambo (oMkhize, Hlubi noDlamini) sihlukane sesilapha oBonjeni ngowe-1552AD. UVumizitha ozala uNgcobo noShangase, wayengakabibikho.
BabengamaLala thina singamaDebeNguni, sangena eNatal ngawo lowo 1552AD. Size sibe nehubo lesizwe nje elithi “Saphum’ enhla, saphum’ ezintabeni”, kushiwo zona izintaba zasoBonjeni phela, nayo leyo ndawo yayingakabiyona iSwaziland.
Ulele lapho-ke nje ukhokho iNkosi Ngubonduna. Le ndawo ibe yiSwaziland emuva kokuba amaNgwane esesele nezizwana azinqoba akha ubuNgwenyama, thina sabe sesilapha eMfolozi, eMvoti, sagcina sifudukele eNingizimu ngowe-1823.
Kuze kube namanje izindlu zobukhosi zisogwini naseXobho. Inkosana yethu sonke yile engusihlalo wamakhosi wonke KwaZuluNatal, iNkosinkulu Phathisizwe kaMabusana Mdunge.
Amanye amaDunge afuduka ayobhaca phesheya koMzimkhulu kuyoshaya eMzimvubu. Abiza amafani (izibongo) ahlukene njengezibongo zawo, uwezwa uma esethakaza. Lo mlando wakithi ngawucobelela emakhosini amadala nezingwevu nezinqolobane zomlando. Ngubonduna Chiliza, emaDungeni EXOBHO