UKHUNGATHEKILE UMNDENI WODUKE EBUYA E-KIMBERLEY
UBAMBA uyayeka umndeni wakwaNtshangane, eNtambanana, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal olahlekelwe yindodana yawo.
Lo mndeni uthi kakukho ongakwenzile kusukela ngonyaka ophelile wehla wenyuka uthungatha uMnu Thubelihle Ntshangase (23) oduke mhla zizine kuNhlangulana (June) nyakenye esuka eKimberley, eNorthen Cape, elibangise kubo eMpangeni Ngokusho komndeni, ubulokhu uxhumana naye ngesi-khathi esendleleni ebheke eGoli obekuzothi uma esefikile khona athathe izimoto eziya eMpangeni.
Unina kaMnu Ntshangase, uNkk Tholakele Ntshangase, uthi usehambe kwabahlolayo bemtshela izinto ezahlukene waya nasemakhazeni ezindaweni eziningi eGoli kodwa kalukho usizo alutholayo.
Uthi indodana yakhe ibisebenza emayini eKimberley kanti bekunezinyanga ezine nje ithole lo msebenzi emuva kokuphothula umatikuletsheni.
Utshele leli phephandaba ukuthi ngesikhathi indodana yakhe isemotweni, baxhumanile ngocingo futhi bekuzwakala ukuthi isemotweni kwathi ngokuhamba kwesi- khathi lwangabe lusangena ucingo, kwaba wukunyamalala kwayo.
“Baphume nomfowabo emsebenzini bengabantu abeza ekhaya.
"UThubelihle yena ufike imoto isigcwele wabe esethi uzolandela ngemuva kwazise umfowabo yena ubesegibelile.
"Simfonelile ngezikhathi zasemini sezwa nokuthi usemotweni ngoba bekuzwakala umsindo wabantu ngemuva naye elokhu ethi kakuzwakali kunomsindo kanti sesiyagcina ukukhuluma naye.
"Siqale lapho samthungatha sesibona sekuphela nosuku lwangakusasa engafiki ekhaya.
Siyile naserenki yamatekisi sayobheka ukuthi ugibelile yini, kwavela ukuthi ubekhona etekisini esuka eKimberley wafika naseGoli,” kusho uNkk Ntshangase.
Uthi baxhumanile nososeshini erenki yaseWanderers, eGoli - okuyilapho begibela khona uma beya eMpangeni - bakhonjiswa namaphepha aqukethe bonke abagibeli bangalolo suku okuvela ukuthi akagibelanga yena kodwa ufikile eGoli.
Utshele ILANGA ukuthi kwayena umshayeli obesuka eKimberely uthi ufike nabo bonke abantu eGoli, okusho ukuthi umonakalo wenzeke khona.
“Sixhunyaniswe nomunye obegibele naye kodwa ozinze eNquthu, washo ukuthi umbonile uThubelihle, emchaza ngezimpahla abezigqokile wathi umbone ehamba nomunye oyiSwati beyongena esiteshini okulindelwa kusona amabhasi,” kusho uNkk Ntshangase.
Uthi sebefisa ukuthola ithambo ukuze bazidelise emndenini ngoba njengoba kuthulekile nje, kabakutholi ukuphumula.
Icala livulwe esiteshini samaphoyisa eJohn Voster eGoli kanti okhulumela amaphoyisa aseGoli, uCapt Xoli Mbhele, uthe usazolubheka lolu daba.
Simfonelile ngezikhathi zasemini sezwa nokuthi usemotweni...