Ithungatha abadlali iTeam of Choice
ITHUNGATHA abadlali iMaritzburg United engenye yamakilabhu akhombisa ukukhula esifundazweni iKwaZulu-Natal.
ITeam of Choice yenze kahle ngesizini edlule iqeda kwi- top 8. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini eyandulela le esongwayo ivike izembe ngemizuzu yokugcina.
Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi le kilabhu isezinhlelweni zokuqinisa ikilabhu ngabadlali abasha.
Lezi zindaba ziqinisekiswe ngumnikazi wale kilabhu, uFarook “Ntshebe” Kododia.
“Yiqiniso ukuthi sisemkhankasweni wokuqinisa ikilabhu ngabadlali abasha.
"Njengamanje siphume umkhankaso wokuthungatha unozinti, umdlali wasophondweni lwesokunxele emuva naphambili, owasesiswini nomgadli.
Ngikholwa wukuthi uma sipheshe lezi zindawo sizokube sesiqedile.
“Nokho ngeke sithathe noma ngubani, uFadlu Davids obambe izintambo zokuqeqesha kunabadlali abamemile ukubahlola ngelizayo.
"Ngethemba ukuthi kukhona esizophuma nakho kuleyo nhlolokhono,” kusho uKadodia.
Limbuza leli phephandaba ukuthi ngabe uyisayina nini uDavids inkontileka yokuhola le kilabhu ngokugcwele uKadodia, uthe: “Ngicabanga ukuthi kuzophela leli sonto (eliqalayo) sekucacile konke ngoba kubambe izinto ezincane.”
UDavids wenze umsebenzi oncomekayo kwiTeam of Choice eyihola iqeda kwi- top 8 okwesibili emlandweni wayo.
Uthathe lesi sikhundla emuva kokushiya kukaRoger De Sa obebhinjelwa yizinto. UDe Sa ubejoyine le kilabhu ekuqaleni kwalo nyaka.