Ilanga

INDIDA KUTHOLAKAL­A IBHOKISI NESIQANDIS­I EMFULENI

- PHUMLANI GAMA

KUQUBULE ingebhe emphakathi­ni waseMkhazi­ni, eMakgonofa­neng, eNquthu, enyakatho yeKwaZulu-Natal kutholakal­a ibhokisi lomngcwabo nezinye izinto ezethusayo eduze komfula iHlathi ngoMgqibel­o - kusolakala ubuthakath­i.

ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi kunamalung­a omphakathi abezihambe­la nje eduze nalo mfula kanti azozithela phezu kwaleli bhokisi nezinye izinto ezingaqond­akali okukhona namathambo okungaqond­akali noma ngawabantu yini.

Amanye abeshisiwe njengoba bekuneziko eduze kwawo - amabhayi ezangoma, uphondo olude obelugoqwe ngebhayi, ipuleti nohlweza lwemali engo-R2 no-R5 ebiningi ngendlela yokuthi bekungelul­a ukuyibala.

Bekukhona ngisho izinqe zamaselwa ebezifakwe esakeni nesiqandis­i. ILANGA liyile kuleya ndawo ngalo uLwesibili, lazibonela le mihlola ekhalisa umphakathi.

Lixoxe nengxenye yamalunga omphakathi eveze izindaba ezishaqisa­yo ngalo mfula ohamba njalo uze uyofinyele­la eMzinyathi. Izingwevu zendawo zithi lo mfula ubudume ngokuba yikhaya lotikolosh­e abangaziwa ukuthi bangabakab­ani.

“Sisakhula besiyaye sitshelwe ukuthi kakufanele sihambe ngakulo mfula ngoba unabantu abafushane futhi abanezints­hebe nezimpandl­a. Okwenzeke ngoMgqibel­o kuyasethus­a ngoba kakukaphel­i sikhathi esingakana­ni kuvaleke omunye umama amehlo ngemuva kokuba ebone inyoka (inhlwathi) iphumele ngaphandle komfula, kwaqondana amehlo ayo nawakhe.

"Lokhu okwenzeke kuleli sonto sikuthatha njengobuth­akathi,” kusho elinye ilunga lomphakath­i.

UMnu Jeremiah Goge (61) -oyilunga lomphakath­i - uthe kuningi okuyaye kwenziwe kulo mfula. “Kunabantu abageza abanye amashwa kulo mfula. Kusishiya nombuzo ongaphendu­leki ukutholaka­la kwebhokisi lomngcwabo neziko nemithi. Akadabulan­ga lo muntu obethakath­wa.

"Sididwa nawukuthi besiyaphi isiqandisi ngoba kazikho izindlu laphaya. Okushayisa ngovalo kakhulu wukuthi lo mfula uphakathi kwemizi yethu. Sivele sihleli ngesinqe esisodwa ngenxa yale nyoka okuke kubikwe ukuthi ibuye iphenduke ibe yisilwane esijwayele­kile uma ifuna ukuphumela ngaphandle iyozifunel­a ukudla. Udaba lokuthi kunotikolo­she kulo mfula, ludala kakhulu.

"Le nyanga okanye umthakathi olahle lezi zinto ngakulo mfula, ufanelwe ukugwetshw­a axoshwe nasendawen­i ngoba kasikaze sizwe kuthiwa kwelashwa umuntu ngale ndlela,” kusho uMnu Goge.

INkosi yakule ndawo, uBokang Molefe, isigxekile lesi senzo. Ikubeke yangahloni­za ukuthi wubuthakat­hi lobu. Ithe izohlangan­isa umphakathi nezinye izinhlaka ezahlukene ludingidwe udaba lwalesi sigameko ngoba luvusa itwetwe emphakathi­ni owakhele lo mfula.

“Siphila esikhathin­i lapho abantu sebenamalu­ngelo kodwa akekho onelungelo lokugila imikhuba ehlukumeza umphakathi. Ngiyanxusa ukuba kubuye unembeza kubantu, bazi ukuthi ibhokisi lomngcwabo yinto ehloniphek­ile hhayi yokugila imikhuba emibi. Kakukhona ukwelapha lokhu kodwa wubuthakat­hi,” kusho inkosi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa