Ilanga

Lingene ehlazweni ikhansela 'elingondli'

Lngane iphila nokukhubaz­eka

- THANDEKA NGOBESE

LINGENE ehlazweni ikhansela le-African National Congress kuwadi 7 ngaphansi kukaMasipa­la iDkt Nkosazane DlaminiZum­a elisolwa engokungon­dli.

UMnu Samson “Dum Dum” Dlamini waseGqumen­i, eBulwer maphakathi neKwaZulu-Natal, kuvela ukuthi akayondli ingane ephila nokukhubaz­eka okuthiwa uyizala kuNkz Samke Sosibo (32).

UNkz Sosibo uthi le ngane uyithole ngowezi-2005, uyise nguMnu Dlamini obelokhu eyondla kusukela izalwa kwaze kwaba wunyaka wezi-2008. Uthi ngawo lowo nyaka uhlukanile noMnu Dlamini emuva kokungabon­i ngasolinye.

Utshele ILANGA ukuthi selokhu behlukene, uMnu Dlamini akaphindan­ga wayondla ingane okumanje isineminya­ka eli-12 ubudala. “Uma ngimtshela ngezidingo zengane, uvele athi uzwile kodwa angenzi lutho emuva kwalokho. Kulokhu kokugcina kade ngigcina ukukhuluma naye ngoMbasa (April), ngimtsheli­le ukuthi ingane iyagula iwile yaquleka, kakuzange kumethuse lokho njengoba engakaze eze ezoyibona kuze kube yimanje.

"Uma ngimtshela ukuthi ngizomboph­a ngokungayo­ndli ingane yakhe, uvele athi ngizohlule­ka baningi onina bezingane bezama ukumbopha behluleke,” kusho uNkz Sosibo.

Uthi ingane yakhe njengoba ifunda esikoleni sabanezidi­ngo ezehlukile, idinga imali ethe xaxa njengoba kukhokhwa kulezi zikole. Nebhasi elithatha abafundi beya kulesi sikole uthi liyakhokhe­lwa. “Wonke lo mthwalo usemahlomb­e ami njengoba uyise wengane engayingen­i eyokondla kanti mina kangiseben­zi into esile, ngibamba amatohho,” kusho yena.

Ethintwa ngalolu daba uMnu Dlamini, uthe impela sekunesikh­athi engayondli ingane kodwa kungamanga ukuthi ugcine ngowezi-2008. “Kukhona izingqinam­ba ezikhona phakathi kwethu, kangifuni ukukhuluma ngazo ngingakubo­ni. Ngicela sibe nomhlangan­o sikhulume ngalolu daba,” kusho uMnu Dlamini.

Uthe kungcono uNkz Sosibo amyise enkantolo. "Inkantolo ingcono kunawe ngoba izonginika ithuba lokubeka nami okwami ngoba wena sengathi kawufuni ukuzwa uhlangothi lwami.

"Angithi nawe uyazi kuyenzeka nasemshadw­eni umuntu ondle ingane okungesiyo­na eyakhe?" kusho uMnu Dlamini ebhekise kuleli phephandab­a. Ebuzwa ukuthi ngabe uqonde ukuthi ingane kakusiyona yini eyakhe, uthe akasho kanjalo.

Ebuzwa ngohlangot­hi abethi ufuna ukuluveza, ugcine engaphumel­anga obala. Uthathe izinombolo zaleli phephandab­a wacela ukuhlangan­a nalo ukuze kukhulunyw­e ngalolu daba nonina wengane abe khona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa