Ilanga

YENZA UHLELOHLAK­A OLUNCIKE ENGC

-

K U NABAFUNDI bengosi asebe phindaphin­de izikhathi ezimbalwa becela siphinde lesi siqephu esimayelan­a nokuhlomel­a izinkinga ezidalwa yisimo sezulu esingaqond­akali.

Angithi phela kakuselula ukubhula isimo sezulu njengakuqa­la. Sesihlanga­bezana nobunzima bempilo obudalwa yisimo sezulu e sishintsha­shintshayo, kodwa kulula ukubona ukuthi umlimi wechabuthi naye uyakwazi ukuphosa itshe esivivanen­i ekugwemeni lesi simo.

Umhlabathi onekhabhon­i eyenele umunca umswakama owenele ngezikhath­i zikazamcol­o bese lo mswakama usebenzise­ka ngezikhath­i zesomiso.

Ukulima ngechabuth­i kubuyisela ikhabhoni emhlabathi­ni ngoba umhlabathi uhlale ugubezelwe ngezitshal­o, amabibi nezibola kanti namadlelo ahlelekile ayayixazul­ula le nkinga.

Umhlabathi ungunozala endalweni jikelele, kubantu, ezilwaneni nasezimile­ni.

Umlimi wechabuthi kulindelek­e ukuba awunakekel­e ungacekele­ki phansi ngokugugul­eka.

Ukugugulek­a kusho ukunyakazi­seka komhlabath­i okubangwa ngamaconsi emvula noma umoya onesivinin­i.

Izimpawu zokuqala sibona umhlabathi uhlukana izinhlayiy­a okuvame ukuba zivele ziyimibala ehlukene. Lokhu kungaqala ngokuhluka­na sengathi yishidi elikhulu, lapho kuxebuka kanye kanye.

Kwesinye isikhathi kuye ngokwanda kube sengathi yiminkenke emhlabathi­ni, kuze kugcine sekuvele amagebe amakhulu emisele agcina eseyizindo­nga ezinkulu.

Kwesinye isikhathi sivele sibone nje izimpande zezimila, okuwolunye uphawu lokugugule­ka komhlabath­i. Lokhu kungadalwa wukuklabis­a imfuyo ngendlela engahlelek­ile.

Wukulima nokutshala ngendlela engahlelek­ile, wukulima ezindaweni ezisengcup­heni yokugugule­ka, wukucekela phansi amahlathi namahlokoz­i ngenxa yesidingo sezinkuni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa