AKUZIMFIHLO EZIVELA EMINGCWABENI YETHU
NGIDABUKILE ngizwa kuthiwa inkosikazi kaJabu “Gunman” Kubheka lo owaduma kwiYizo Yizo, icishe yamelwa yinhliziyo ithola iqiniso ngezingane zomyeni wayo. Kuthiwa beyazi izingane ezine kuphela kanti uma sezizonke zingama-24!
Cabanga ushade nomuntu iminyaka eli-10, uzitshela ukuthi nguwena omazi kangcono, kanti kawumazi nhlobo. Okubuhlungu kakhulu wukuthi le nto ivele phambi kwabantu emngcwabeni womyeni wakhe, wagcina eziphawulela umfelokazi ethi cha impela uyayiqabuka le ndaba futhi nomoya wakhe wephukile. Ngidabukile ngenxa yokuthi ngake ngayibona ngamehlo le nto yenzeka komunye womalumekazi ngisemncane.
Waphenduka umngcwabo washuba kwaba yisempini. Ngale kokuzwakala sengathi ngiphendula imingcwabo umas’gcozi bakwethu kepha ngibona ukuthi empeleni uma ushonelwe kule mihla ungumakoti noma uyinkosikazi ngokugcwele, kakumele uzitshele ukuthi uma kwedlula usuku lomngcwabo - sekufihliwe - kuzoke kuthi dwi. Cha ungazikhohlisi, ngosuku lomngcwabo yila kumele khona amaphilisi akho eBP asondele eduze ngoba wusuku la uthola khona isithombe esicacile ngalo muntu wakho obuthi uyamazi.
Uma uthanda ubocela izingane zikusondezele nomgqomo wamanzi ngoba hheyi, akumahlazo kweminye imingcwabo kuyafiwa! Kuyakikilizwana, kulwiwa izikhwele zama- ex, kubangwa ukuthi ngubani ozohlala emakhandleleni nabasemzini bagcina sebedidizela bahlukane phakathi. Thina kade sasibona ungaboni sithule nje. Angithi wena usuke wazi ukuthi ungu'ngqo', uyaziwa kubo kaBoy okanye ushadiwe nokushadwa, nansi indandatho iyabenyezela emunweni.
Ake ashone-ke umuntu wakhona, thula uzobona. Uma kungafikanga izintombi abezithembisa ukuzishada, kuzoba yizingane umyeni abekufihlele zona. Kazone ngaluthoke izingane futhi zinelungelo lokuzovalelisa kuyise. Inkinga yizinkulumo nezingxabano zonina, ewu kuyaye kube muncu nje kungenasidingo. Kumalumekazi kwaqhamuka inqwaba yezintombi zaseGoli ezazingaziwa ekhaya, zafika kwazona kazazani, zificana la emakhaya.
Ngize ngidabukele abafowabo balo osuke eshonile ngoba basuke sebegaxele, kakade basuke kade beyazi imikhuba yomfowabo ayigila le edolobheni ekusithekeni kodwa futhi bazi ukuthi lo muntu unomakoti njalo ekhaya. Uma eseshonile ubafo, kumele banweshwe yizintombi zikabafo ngapha zicela ukuyalelwa indlela eya emakhaya ukuze ziyofihla isoka lazo okanye uyise wezingane zazo. Ngakolunye uhlangothi besaba umakoti ukuthi uzobabheka kabi njengabantu abebehleli nje bazi izimfihlo ezingaka zomnewabo.
Kulezi zintombi ezine zaseGoli-ke ezafika umalumekazi egoyile, kwakukhona eyayizitshela ukuthi yiyona ezohlala emakhandleleni, izibona iyinkosikazi ngoba ibihlala nomalume endlini ngale edilobheni, kanti kayazi ukuthi kwayona iwumakhwapheni ngapha emakhaya ngoba kunomakoti. Abantu abadala-ke banobuhlakani bokuphatha lezi zindaba ezibucayi kanje. Uma sekufika ududulane lomakhwapheni bakamalume kube kunomakoti osehleli etshalini ezilile, abadala bavele bathi izintombi mazihlale ngokulandelana kobudala bezingane zazo, kushaywe ulayini emuva kukamakoti.
Kwaphinda kwasuka esinamathambo ngoba nomakoti usevuke inj’ ebomvu, akasakhali useyahayiza qobo enqaba ukuhlaliswa nalaba banakwabo abengabazi nhlobo. Ukubona njengokudelelwa lokho. Uyasukuma uhlubula ingubo uthi uyawaduba-ke amakhandlela, mabasale laba bagoye. Abakubo ngapha bayamvuna ngoba phela noma nivele ningamzwisisi umakoti wenu kodwa kakube kusaba lula ukumlulaza nokumdelela phambi kwabakubo bezomkhalisa.
Izingane ziqhamuka seziqhutshwa ngamaqhalaqhala angoninomncane. Uma ucabanga ukuthi bazokukhulumela abasemzini, khululeka-ke ngeke ukubone lokho. Phela bona bayazethusa, kade bazazi lezi zindaba, nguwena wedwa nje oziqabuka namuhla ngoba bewufihlelwe ngamabomu. Uthole ukuthi vele nohlelo lomngcwabo beluhlanganiswa yilo skwiza ongatholani kahle naye. Akenqeni-ke ukudedela umphathi wohlelo achachaze, avele avulele lo mkhuba obhedayo wabambesayo ithuba.
Lisukume liqhasha iqhalaqhala thizeni, lisho phezulu kwaculo lakhona nje yimpi, kuyaliwa, kanti ngomunye woanti bezingane uzokwembesa. Kakuyona inkinga ukuvalelisa ngaleyo ndlela abafisa ngayo ngoba phela kawukwazi ukuqhwaga umuntu eseshonile, unqabe naye kwabanye abebemthanda nabafisa ukwenza imigwigwi ebonisa ukumkhonza abebenakho. Inkinga yizinto abafike bazisho phambili ezisuke zibekwe kabi ngamabomu ukuze zihlaze umfelokazi njengomuntu obenziwa isidwanyampuphu ngumyeni wakhe.