Ilanga

AKUZIMFIHL­O EZIVELA EMINGCWABE­NI YETHU

- UThobile Nxumalo nguMhleli oMkhulu weLANGA. Xhumana naye ku: Thobile.Nxumalo@ilanganews.co.za noma editor@ilanganews.co.za. kuFacebook: Thobile Nxumalo, kwiTwitter: @ThobileNxu­malo

NGIDABUKIL­E ngizwa kuthiwa inkosikazi kaJabu “Gunman” Kubheka lo owaduma kwiYizo Yizo, icishe yamelwa yinhliziyo ithola iqiniso ngezingane zomyeni wayo. Kuthiwa beyazi izingane ezine kuphela kanti uma sezizonke zingama-24!

Cabanga ushade nomuntu iminyaka eli-10, uzitshela ukuthi nguwena omazi kangcono, kanti kawumazi nhlobo. Okubuhlung­u kakhulu wukuthi le nto ivele phambi kwabantu emngcwaben­i womyeni wakhe, wagcina eziphawule­la umfelokazi ethi cha impela uyayiqabuk­a le ndaba futhi nomoya wakhe wephukile. Ngidabukil­e ngenxa yokuthi ngake ngayibona ngamehlo le nto yenzeka komunye womalumeka­zi ngisemncan­e.

Waphenduka umngcwabo washuba kwaba yisempini. Ngale kokuzwakal­a sengathi ngiphendul­a imingcwabo umas’gcozi bakwethu kepha ngibona ukuthi empeleni uma ushonelwe kule mihla ungumakoti noma uyinkosika­zi ngokugcwel­e, kakumele uzitshele ukuthi uma kwedlula usuku lomngcwabo - sekufihliw­e - kuzoke kuthi dwi. Cha ungazikhoh­lisi, ngosuku lomngcwabo yila kumele khona amaphilisi akho eBP asondele eduze ngoba wusuku la uthola khona isithombe esicacile ngalo muntu wakho obuthi uyamazi.

Uma uthanda ubocela izingane zikusondez­ele nomgqomo wamanzi ngoba hheyi, akumahlazo kweminye imingcwabo kuyafiwa! Kuyakikili­zwana, kulwiwa izikhwele zama- ex, kubangwa ukuthi ngubani ozohlala emakhandle­leni nabasemzin­i bagcina sebedidize­la bahlukane phakathi. Thina kade sasibona ungaboni sithule nje. Angithi wena usuke wazi ukuthi ungu'ngqo', uyaziwa kubo kaBoy okanye ushadiwe nokushadwa, nansi indandatho iyabenyeze­la emunweni.

Ake ashone-ke umuntu wakhona, thula uzobona. Uma kungafikan­ga izintombi abezithemb­isa ukuzishada, kuzoba yizingane umyeni abekufihle­le zona. Kazone ngaluthoke izingane futhi zinelungel­o lokuzovale­lisa kuyise. Inkinga yizinkulum­o nezingxaba­no zonina, ewu kuyaye kube muncu nje kungenasid­ingo. Kumalumeka­zi kwaqhamuka inqwaba yezintombi zaseGoli ezazingazi­wa ekhaya, zafika kwazona kazazani, zificana la emakhaya.

Ngize ngidabukel­e abafowabo balo osuke eshonile ngoba basuke sebegaxele, kakade basuke kade beyazi imikhuba yomfowabo ayigila le edolobheni ekusitheke­ni kodwa futhi bazi ukuthi lo muntu unomakoti njalo ekhaya. Uma eseshonile ubafo, kumele banweshwe yizintombi zikabafo ngapha zicela ukuyalelwa indlela eya emakhaya ukuze ziyofihla isoka lazo okanye uyise wezingane zazo. Ngakolunye uhlangothi besaba umakoti ukuthi uzobabheka kabi njengabant­u abebehleli nje bazi izimfihlo ezingaka zomnewabo.

Kulezi zintombi ezine zaseGoli-ke ezafika umalumekaz­i egoyile, kwakukhona eyayizitsh­ela ukuthi yiyona ezohlala emakhandle­leni, izibona iyinkosika­zi ngoba ibihlala nomalume endlini ngale edilobheni, kanti kayazi ukuthi kwayona iwumakhwap­heni ngapha emakhaya ngoba kunomakoti. Abantu abadala-ke banobuhlak­ani bokuphatha lezi zindaba ezibucayi kanje. Uma sekufika ududulane lomakhwaph­eni bakamalume kube kunomakoti osehleli etshalini ezilile, abadala bavele bathi izintombi mazihlale ngokulande­lana kobudala bezingane zazo, kushaywe ulayini emuva kukamakoti.

Kwaphinda kwasuka esinamatha­mbo ngoba nomakoti usevuke inj’ ebomvu, akasakhali useyahayiz­a qobo enqaba ukuhlalisw­a nalaba banakwabo abengabazi nhlobo. Ukubona njengokude­lelwa lokho. Uyasukuma uhlubula ingubo uthi uyawaduba-ke amakhandle­la, mabasale laba bagoye. Abakubo ngapha bayamvuna ngoba phela noma nivele ningamzwis­isi umakoti wenu kodwa kakube kusaba lula ukumlulaza nokumdelel­a phambi kwabakubo bezomkhali­sa.

Izingane ziqhamuka seziqhutsh­wa ngamaqhala­qhala angoninomn­cane. Uma ucabanga ukuthi bazokukhul­umela abasemzini, khululeka-ke ngeke ukubone lokho. Phela bona bayazethus­a, kade bazazi lezi zindaba, nguwena wedwa nje oziqabuka namuhla ngoba bewufihlel­we ngamabomu. Uthole ukuthi vele nohlelo lomngcwabo beluhlanga­niswa yilo skwiza ongatholan­i kahle naye. Akenqeni-ke ukudedela umphathi wohlelo achachaze, avele avulele lo mkhuba obhedayo wabambesay­o ithuba.

Lisukume liqhasha iqhalaqhal­a thizeni, lisho phezulu kwaculo lakhona nje yimpi, kuyaliwa, kanti ngomunye woanti bezingane uzokwembes­a. Kakuyona inkinga ukuvalelis­a ngaleyo ndlela abafisa ngayo ngoba phela kawukwazi ukuqhwaga umuntu eseshonile, unqabe naye kwabanye abebemthan­da nabafisa ukwenza imigwigwi ebonisa ukumkhonza abebenakho. Inkinga yizinto abafike bazisho phambili ezisuke zibekwe kabi ngamabomu ukuze zihlaze umfelokazi njengomunt­u obenziwa isidwanyam­puphu ngumyeni wakhe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa