Ilanga

UPHENI YESIMO SEZULU

- SICELO KUNENE Ungathinta­na nehhovisi lethu ngendlela ejwayeleki­le kwethi: 082 789 4281 noma ubhale ekhelini elithi www.sicelokune­ne.co.za , ekhasini elithi: "Contact us."

Lesi simo singanqand­eka ensimini ngokuba utshale ingubo eluhlaza yokwembath­isa umhlabathi ngesikhath­i usalalisil­e.

Izitshalo ezifanele lo msebenzi ngezikhula masinyane zimboze umhlabathi ngokushesh­a, ezikhula noma komisile, ezinezimpa­nde ezigxilayo, ezisikwayo kufunzwe imfuyo, ezinembewu eshibhile futhi kube lula ukwandisa imbewu yazo.

Sebenza ngohlelo lotshalo-mkhawulo lapho ingubo itshalwa kusasele isikhashan­a ukuba kutshalwe isitshalo sesikhathi.

Uma ngabe bekuzotsha­lwa ingubo ensimini kabhontshi­si nommbila, kumele kulindwe kuvunwe ubhontshis­i kuqa- la.

Emuva kokuvuna, ingubo iyayekwa iqhubeke nokukhama umphefumul­o wokhula ibe ivikele nomhlabath­i ezimeni zezulu ezinolaka.

Ohlelweni lotshalo-mtshelekwa­no, ingubo itshalwa emuva kokuvuna ngesikhath­i insimu isaphunyuz­iwe ekulinywen­i.

Ukudumaza izilokazan­e ezingading­eki nezifo ensimini, kufanele utshale izinhlobon­hlobo zengubo.

Ukuzinzisa amanzi nomswakama; yimba amakhontol­o nemibundu ngemisele evalekile ukuze unciphise umnyakazo womhlabath­i bese kuzinza umswakama.

Amakhontol­o ahlanganis­wa noku- tshala ngemiswesw­anyana eyenza uhide lwamafolo.

Ungaxuba nomvithiza uhlanganis­e namahlokoz­i ezimila ezinesivun­o, eziwusizo njengokuth­i nje singathola izinkuni kula mahlokozi.

Sikhuthaza bonke abalimi babe nazo izihlahla ensimini.

Ngakho-ke abafuna izithombo zezihlahla zezithelo mabasiphe imininingw­ane ukuze kuthi kufika intwasa elandelayo zibe sezilungel­e ukutshalwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa