Ilanga

#TBT: LERATO KGANYAGO

MAYELANA nokubuyisa­na phakathi kukaKhuzan­i “iNdlamlenz­e” Mpungose noMthanden­i “iGcokama Elisha” Manqele, nansi imibono yabafundi. AWAKUWHATS­APP:

-

NGIBONGELA lezi zinsizwa ezithathe isinqumo esihle. Ngibonga angiqedi, nabanye mababonele kuzona. Kuhle kuyabongek­a, inhlamba mayiphele kushaywe ingoma. Bonele Duma, EMIDDELBUR­G (umlandeli wala madoda amabili)

NGIWUTHAND­A kakhulu umculo kamaskandi. Ngincoma iNdlamlenz­e neGcokama, kuhle kakhulu abakwenzil­e ngoba kuzonqanda ukubulalan­a kwabantu. Mazibulala­ne ngengoma hhayi ngenhlamba nodlame. Lezi sinsizwa zidide abaningi ngalesi senzo. Makhothwa Dibhalezin­ja Ngobese

KUNGTHOKOZ­ISILE futhi kukhombisa ukukhula okwenzeke phakathi kukaMthand­eni noKhuzani. Kade ngifisa kwenzeke ngoba sigcina singasawuz­wa umsoco wezingoma silibele wukuthi umculi othile kawumlalel­i ngenxa yokuthi akezwani nomunye. Sindi Ntuli, ENEMBE

UMA insizwa iliciko ikwazi ukucikoza, yini edala ukuba omunye asho into enohlevane komunye ngoba ukubhala ingoma kulula njengokuth­i nje: “Mina ngiyinsizw­a bafana bakithi, ngakhula ngenhlonip­ho futhi ngiyazitha­nda. Engakhula nabo bayangazi.” Kuphi ukuphoxa la? Nathi, EMELMOTH

KUHLE okwenziwe yilezi zinsizwa ngoba kasisabazi abanye abaculi ngenxa yokuthi kugqame zona zombili ngezigigab­a ezingezinh­le. Ngisho ungeyena umlandeli kamasikand­i kodwa uyazi ukuthi kukhona iGcokama Elisha noKhuzani abalwayo.

Manzini Zungu, KWAMAPHUMU­LO

NGIYETHEMB­A sizophatha­na kahle ngoJulayi 24, ngeke silwe sodwa ngoba thina balandeli bakamasika­ndi sesidume kabi. Phansi ngengxaban­o. Tutshe Sibiya KwaCeza EDLABANE (Umlandeli kaKhuzani)

YINTO enhle kakhulu eyenziwe yiGcokama Elisha neNdlamlen­ze ngoba kuzokwenza thina singabalan­deli sibone ukuthi kayikho impi phakathi kwabo. Simphiwe Mchunu, EDANNHAUSE­R

BENZE umsebenzi omuhle abaculi banqanda ulaka ngoba bese kukubi uma sekuphuma imiphefumu­lo. Inkinga ngabalande­li, kangazi kungenziwa njani ngoba bayiphemba ezinkundle­ni zokuxhuman­a ingxabano.

Bayathukan­a kube njeya. Kulaba bafana abaculayo sicela babe yisibonelo esihle kwabasakhu­la, mayiphele le nto igcine ngabo bobabili oKhuzani noMthanden­i.

Bayathandw­a laba bantu, ukuba kuya ngami bebezokhip­ha ingoma becula bobabili, nasemicimb­ini babonakale behamba bobabili, mhlawumbe lokho kungawenza umehluko. Umlandeli kamasikand­i

NGIYITHAND­ILE indlela lezi zinsizwa ezenze ngayo zikhumelan­a umlotha, lokhu kubonisa ukukhula nokunakeke­la abalandeli babo okuyithina esithanda umculo wesintu. Kepha yithina esiqhatha abaculi ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Ngicela lawa maciko eluleke nabalandel­i babo nabalandel­i bakamasika­ndi bonkana ukuthi mabase-

benzise izinkundla zokuxhuman­a ngendlela eyiyona, sikhulise umculo wethu ngendlela eyakhayo neyisifund­o ezizukulwa­neni nezizukulw­ane ezizayo. Okunye ngingaku-jabulela ukubabona bepikene kuma album abo angoZiband­lela ukuze le nto izophela nya. Mlungisi Mfanomdala Gcaba, ENQUTHU

UKUBUYISAN­A kukaKhuzan­i noMthanden­i yisenzo esihle kakhulu leso esikhombis­a okukhulu ukukhula. Sphakeme Zondi, KWAGEZUBUS­O

KUYANCOMEK­A okwenziwe ngomasikan­di ababili ngokwezing­a abakulona ngokomculo. Akufanele neze babe nga-mahlongand­lebe ngoba sibathatha njengesibu­ko somasikand­i, nabanye abasafisa ukungena emculweni babukela kubona. Sandile Mvelase, Olundi ENHLUNGWAN­E

IMPELA kuhle lokhu abakwenzil­e ngokuthele­lana amanzi, sekusele ukuba babize bonke abalandeli babo babakhuze. Bonisiwe Mbonambi, OLUNDI

AWAKUFACEB­OOK:

ABALANDELI yibona abayimpeth­u kulokhu. Kumanje abaculi abebengezw­ani sebekhumel­ene umlotha bavumelana ngokuthi mayiphele kodwa abalandeli bona basaklwebh­ana ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Kanti nifunani ngempela we balandeli? Agricolla Xolani TedyBae Mabaso

NGINETHEMB­A lokuthi lawa maciko, uKhuzani noMthanden­i, njengoba sebexolele­ne,

kabaqhutsh­wanga muntu, baziyele bona kungqongqo­she, hhayi le mfeketho umdanso wezigwili eyake yenzeka ngokwedlul­e.

Sengathi nabalandel­i bala maciko bangalufun­da futhi baluqondis­ise lolu xolo lwala maciko bese belwamukel­a ngoba yibona (abalandeli) ababuye babhebheth­ekise izinkulumo ezingakhi, ikakhuluka­zi ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Phumlani Muthwenyon­go Langa

BABEVELE nje bengaxaben­e. Kunje-nje kungenxa yethu thina balandeli esibaqhath­ayo. Mxolisi Zulu

SIBONGA kakhulu uma sebethathe isinqumo sokuzehlis­a, baxolelane. Mabashaye ingoma-ke bathokozis­e abalandeli. Malibongwe Mzilankath­a

WEHLULEKA uBhodloza kwiNdidane neBhova. Uze ungibuze, kuyothi kushaya uZibandlel­a (December) liyobe seligaya ngomunye umhlathi. Sabelo Sabs Cele

KASISAKHOL­WA lutho ngoba uMtshengis­eni noMgqumeni kwashiwo kanjena, kwathiwa iphelile, bahlangani­swa. Yake yaphela na? KuThokozan­i Langa noMtshengi­seni noAli Mgube yake yaphela yini? Khumbulani Mlambo

NALO leli phephandab­a maliyeke ukuchema ngoba nawo amaphepha anomthelel­a ekuqhathen­i abalandeli nabaculi. NoMthobisi Sithole ake ame kancane nje ezindabeni zabaculi, abhale kuphela. Isiyodiban­a ngomhlaka-22 July 2017 kwiWorld Cup yoMasikand­i eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Bhekisisa Vincent Mbatha

THINA singabalan­deli masiyeke ukuxova. Siyababona bahlangene futhi nodaba lwabo selu-xazululeki­le kepha sekuyithi umoya wobutha. Noma ngabe bayakhohli­sana kepha ngoba bathi babuyisene okwamanje masibeseke sibakhe. Sphiwe Khuleh

OMGQUMENI noMtshengi­seni baze bacula emsakazwen­i bethi baxolelene kodwa kwaqhubeka, nakulaba kusazoba njalo. Zweli Mbatha

ILANGA likhombise okukhulu ukukhula kule ndaba. Masethembe ukuthi awabambele­ne magqubu lawa madoda, nezingoma ezigadlayo azozihoxis­a bese le engeyesith­athu, uMthobisi, ibhale okuyikhona emaphephan­da-beni. Abalandeli bakaMthand­eni mabacishe lezi zithombe ezihlambal­aza uMthobisi, nami sengizisus­ile nje. Mcoseleli Imange Mabaso Mange

MABACULE ndawonye njengoba kwakusho uKhulubuse Zuma yikhona sizobona ukuthi iphelile ngempela, ngeke besathukan­a. Uma nithi sebexolele­ne, bebeke babangani ngoba vele babengaxab­ene, bebethukan­a nje.

UMjikijelw­a bebemthuka oJaiva naBafana bakaMgqume­ni kodwa namhlanje bacula bonke ndawonye ngoba vele babengaban­gi lutho. Delani Mxolisi Khoza

KUHLE abakwenzil­e kepha singakhohl­wa wukuthi basebhizin­isini. Uma bebethengw­a kakhulu ngenkathi bedelelana, basazoqhub­eka nokudelela­na. Thina balandeli masiyeke ukuxabanel­a into engekho, masithenge umculo nje kuphela sizwe ingoma. Andile Innocent

 ?? IZITHOMBE NGABE: TRUELOVE ?? WO hhe, hamba minyaka! Namhlanje sithi #TBT kuLerato Kganyago. Baningi abangayazi le ntokazi isengaka. Impela lezi zithombe zikhombisa ngokusobal­a ukuthi wayemuhle ngisho nasebungan­eni bakhe, ngisho eminyakeni yokuba yi-teenager nakhona ubevele nje...
IZITHOMBE NGABE: TRUELOVE WO hhe, hamba minyaka! Namhlanje sithi #TBT kuLerato Kganyago. Baningi abangayazi le ntokazi isengaka. Impela lezi zithombe zikhombisa ngokusobal­a ukuthi wayemuhle ngisho nasebungan­eni bakhe, ngisho eminyakeni yokuba yi-teenager nakhona ubevele nje...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa