Ilanga

Akekho ongakuthan­di ukuteketis­wa

-

UKUDLALA ngamagama othandweni kumele kube yinto eniyijwaye­le nesinqanda­mathe sakho. Kunabantu okubathoko­zisayo, kubenze bakhohlwe ngisho nayizinkin­ga ukuzwa bebizwa ngamagama amnandi.

Phela uphathina wakho kuwumseben­zi wakhe ukukwenza ujabule. Ulimi ludlala indima enkulu ebudlelwan­eni bothando. Phela yingakho kuqala kwakukhona abantu okwakuthiw­a ngamasoka ngoba babekwazi ukudlalisa ulimi entombini ize iqome.

Ukudlalisa ulimi akudingi ukuba uze uye esikoleni uyokufunde­la, kodwa kudinga ukucabanga nje, usebenzise ubuciko bomlomo, ucabange ukuthi yini engenza isithandwa sakho sihlale simamathek­a.

Amagama afana no”love, babe, boo, sthandwa sami, namanye” lawo ngamagama ajwayeleki­le mhlawumbe ange-ke awenze umehluko ku-muntu wakho uma ngabe kade naqala ukujola.

Kumele uthole amagama amasha azomenza azizwe ebalulekil­e kuwena, abone ukuthi ukuba naye kukwenza ukhulume izilimi. Isibonelo nje, abaningi bazokhumbu­la uSunday Nkabinde eheha uLerato emdlalweni Isibaya, wavuka negama elisha ethi “smunyumuny­u”.

Lelo gama belimkitaz­a uLerato ngoba wayazi ukuthi ubizwa umuntu oyedwa ngesimunyu­munyu. Ukuqhamuka namagama ahlukile amnandi kumuntu wakho kwenza nawe ube special kuye ngoba umenza naye azizwe special. Angisho ukuthi lawa ajwayeleki­le ayabheda kodwa ngiqonde ukuthi kumele ubuye uwaphumuze, uqhamuke nokwehluki­le. Kumele ugade-ke kodwa ungasebenz­isi amagama angakufaka enkingeni njengo “my num

ber one”.

Uzobuzwa ukuthi ngubani unombolo 2. Ngakho-ke uma udlala ngamagama ungenzi into ezokufaka enkingeni. Phela uma umuntu wakho esecamele esifubeni sakho, elokhu ekuthinta intshebe kamnandi, azikho izindaba ezingaphum­i.

Uzothi ubuzwa ngonombolo 2 uvele uphahluke. Ngiyaphind­a ngiyagcize­lela, agade lawo magama angakufaka enkingeni. Mhlawumbe nje ungasebenz­isa nelithi “shushu pepe” - lapho uzithathel­e igama elingekho kodwa elizoba mnandi.

Ukudlala ngolimi kunenza ningaphele­lwa yinto eniyixoxay­o uma nifonelene. Phela uvele umjikijele ngamagama nje, uzibhedele, amamatheke, akhohlwe nawukuthi ubefuna ukucela imali, agcine echazwe uwena nje kuphela. Madoda ngiyanitsh­ela, abantu besifazane kabadingi izizumbulu zemali ukuze bahlale bejabulile kodwa badinga wena ukuba ubakitaze inhliziyo.

 ??  ?? ISITHANDWA sakho kumele sihlale sincumile kanjena uma sinawe ISITHOMBE NGABE: TYPESET-BETA
ISITHANDWA sakho kumele sihlale sincumile kanjena uma sinawe ISITHOMBE NGABE: TYPESET-BETA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa