Akekho ongakuthandi ukuteketiswa
UKUDLALA ngamagama othandweni kumele kube yinto eniyijwayele nesinqandamathe sakho. Kunabantu okubathokozisayo, kubenze bakhohlwe ngisho nayizinkinga ukuzwa bebizwa ngamagama amnandi.
Phela uphathina wakho kuwumsebenzi wakhe ukukwenza ujabule. Ulimi ludlala indima enkulu ebudlelwaneni bothando. Phela yingakho kuqala kwakukhona abantu okwakuthiwa ngamasoka ngoba babekwazi ukudlalisa ulimi entombini ize iqome.
Ukudlalisa ulimi akudingi ukuba uze uye esikoleni uyokufundela, kodwa kudinga ukucabanga nje, usebenzise ubuciko bomlomo, ucabange ukuthi yini engenza isithandwa sakho sihlale simamatheka.
Amagama afana no”love, babe, boo, sthandwa sami, namanye” lawo ngamagama ajwayelekile mhlawumbe ange-ke awenze umehluko ku-muntu wakho uma ngabe kade naqala ukujola.
Kumele uthole amagama amasha azomenza azizwe ebalulekile kuwena, abone ukuthi ukuba naye kukwenza ukhulume izilimi. Isibonelo nje, abaningi bazokhumbula uSunday Nkabinde eheha uLerato emdlalweni Isibaya, wavuka negama elisha ethi “smunyumunyu”.
Lelo gama belimkitaza uLerato ngoba wayazi ukuthi ubizwa umuntu oyedwa ngesimunyumunyu. Ukuqhamuka namagama ahlukile amnandi kumuntu wakho kwenza nawe ube special kuye ngoba umenza naye azizwe special. Angisho ukuthi lawa ajwayelekile ayabheda kodwa ngiqonde ukuthi kumele ubuye uwaphumuze, uqhamuke nokwehlukile. Kumele ugade-ke kodwa ungasebenzisi amagama angakufaka enkingeni njengo “my num
ber one”.
Uzobuzwa ukuthi ngubani unombolo 2. Ngakho-ke uma udlala ngamagama ungenzi into ezokufaka enkingeni. Phela uma umuntu wakho esecamele esifubeni sakho, elokhu ekuthinta intshebe kamnandi, azikho izindaba ezingaphumi.
Uzothi ubuzwa ngonombolo 2 uvele uphahluke. Ngiyaphinda ngiyagcizelela, agade lawo magama angakufaka enkingeni. Mhlawumbe nje ungasebenzisa nelithi “shushu pepe” - lapho uzithathele igama elingekho kodwa elizoba mnandi.
Ukudlala ngolimi kunenza ningaphelelwa yinto eniyixoxayo uma nifonelene. Phela uvele umjikijele ngamagama nje, uzibhedele, amamatheke, akhohlwe nawukuthi ubefuna ukucela imali, agcine echazwe uwena nje kuphela. Madoda ngiyanitshela, abantu besifazane kabadingi izizumbulu zemali ukuze bahlale bejabulile kodwa badinga wena ukuba ubakitaze inhliziyo.