Kunabalingisi abadinga ukwethulelwa isigqoko
NAMHLANJE ngithanda ukuncoma nokukhuthaza abalingisi abangena bathi khaxa emsebenzini abawenzayo. Lapha ngikhuluma ngabalingisi okuthi noma bekuhlelwe ukuba angene iziqephu ezingaphansi kweziyishumi kodwa bavele bafake umfutho kwabakwenzayo bagcine behleli emdlalweni isikhathi eside, kube nzima kubakhiqizi ukubadedela ngenxa yezinga eliphezulu lomsebenzi.
Mhlawumbe mangiqale ngikucacisele ukuthi lapha ngikhuluma ngabantu abafana nobani - omunye wabo nguLinda Sebezo olingisa indawo kamama kaBeauty emdlalweni kamabonakude Isibaya esikhonjiswa kuMzansi Magic (161).
Kangiqondile ukukhuluma ngeSibaya kodwa lo mama wenza kube mnandi kakhulu ukubuka nanoma yimuphi umdlalo alingisa kuwona. Ngike ngazinika isikhathi ngilandela imidlalo uLinda abonakala kuyo okubalwa kuyo neGreed and Desire lapho ebedlala khona indawo kaSharon Dee.
Le ntokazi endala uma idlala iyakunyakazisa. Kangiphathi uma kuthiwa ayibe yisidakwa, ivele ingene khaxa. Kukhona nalapho elingisa khona kuMzansi Bioskop enoBen 10, nakhona ushaya into yomhlaba. Kwesinye isikhathi ngisho ungazimisele ngokubukela lowo mdlalo kodwa uma ekhona uLinda uvele ube nogqozi nofuqufuqu lokubukela. Indlela adlala ngayo ivele icacise nje ukuthi ubizelwe kule nto.
ULinda useke wabonakala emidlalweni eminingi yeshashalazi - nalapho ubehamba yedwa kanti eminye imidlalo aseke wabonakala kuyo kukhona othi Ses' Top La, Isidingo, Zabalaza neGold Diggers.
Ngamanye amazwi ngithi kunabantu abalingisa indawo igcine isiyibona nje, uvele ungamboni omunye umuntu ongakwazi ukuyidlala ngaphandle kwakhe.
Omunye engingambala futhi nguNthati Moshesh. UNthati uke wabonakala elingisa emdlalweni iHome Affairs waphinda wangena kwi-7de Laan. Uqhubekile wadlala nakwiScandal, dukuduku wangena kwiSaints and Sinners lapho eveze ikhono elehlukile elingisa indawo kaMamohato Khumalo.
Le ntokazi noma ungayinika yiphi indawo emdlalweni ivele igijime nayo nje kalula kucace ukuthi le nto isegazini kuyo. Ngeke ngimshiye ngaphandle uFlorence Masebe naye ongomunye wabalingisi abagabe ngobuhlakani kanti uphinde akhulume izilimi ezahlukene.
UFlorence uke wabonakala emidlalweni esibala kuyo uMuvhango, Generations, Ring of Lies neminye. Le ntokazi isizakhele igama kwezokulingisa kanti naye ungomunye wabalingisi abangena khaxa emidlalweni yeshashalazi.
Ngizama ukuveza ukuthi kukhona abantu abavele bakuhlabe umxhwele uvele ubone ukuthi lowo mdlalo othizeni wenziwe yibo ukuba ube sezingeni eliphezulu kakhulu.
Sengiphetha nje kungakuhle ukuba bonke abalingisi bazinike isikhathi esanele ukuzilungiselela imidlalo eyahlukene ukuze amakhono abo avelele kakhulu kunalokho abasuke bebekelwe khona.