Ilanga

Kunabaling­isi abadinga ukwethulel­wa isigqoko

- LWAZY MBUTHO Nolwazi@ilanganews.co.za

NAMHLANJE ngithanda ukuncoma nokukhutha­za abalingisi abangena bathi khaxa emsebenzin­i abawenzayo. Lapha ngikhuluma ngabalingi­si okuthi noma bekuhlelwe ukuba angene iziqephu ezingaphan­si kweziyishu­mi kodwa bavele bafake umfutho kwabakwenz­ayo bagcine behleli emdlalweni isikhathi eside, kube nzima kubakhiqiz­i ukubadedel­a ngenxa yezinga eliphezulu lomsebenzi.

Mhlawumbe mangiqale ngikucacis­ele ukuthi lapha ngikhuluma ngabantu abafana nobani - omunye wabo nguLinda Sebezo olingisa indawo kamama kaBeauty emdlalweni kamabonaku­de Isibaya esikhonjis­wa kuMzansi Magic (161).

Kangiqondi­le ukukhuluma ngeSibaya kodwa lo mama wenza kube mnandi kakhulu ukubuka nanoma yimuphi umdlalo alingisa kuwona. Ngike ngazinika isikhathi ngilandela imidlalo uLinda abonakala kuyo okubalwa kuyo neGreed and Desire lapho ebedlala khona indawo kaSharon Dee.

Le ntokazi endala uma idlala iyakunyaka­zisa. Kangiphath­i uma kuthiwa ayibe yisidakwa, ivele ingene khaxa. Kukhona nalapho elingisa khona kuMzansi Bioskop enoBen 10, nakhona ushaya into yomhlaba. Kwesinye isikhathi ngisho ungazimise­le ngokubukel­a lowo mdlalo kodwa uma ekhona uLinda uvele ube nogqozi nofuqufuqu lokubukela. Indlela adlala ngayo ivele icacise nje ukuthi ubizelwe kule nto.

ULinda useke wabonakala emidlalwen­i eminingi yeshashala­zi - nalapho ubehamba yedwa kanti eminye imidlalo aseke wabonakala kuyo kukhona othi Ses' Top La, Isidingo, Zabalaza neGold Diggers.

Ngamanye amazwi ngithi kunabantu abalingisa indawo igcine isiyibona nje, uvele ungamboni omunye umuntu ongakwazi ukuyidlala ngaphandle kwakhe.

Omunye engingamba­la futhi nguNthati Moshesh. UNthati uke wabonakala elingisa emdlalweni iHome Affairs waphinda wangena kwi-7de Laan. Uqhubekile wadlala nakwiScand­al, dukuduku wangena kwiSaints and Sinners lapho eveze ikhono elehlukile elingisa indawo kaMamohato Khumalo.

Le ntokazi noma ungayinika yiphi indawo emdlalweni ivele igijime nayo nje kalula kucace ukuthi le nto isegazini kuyo. Ngeke ngimshiye ngaphandle uFlorence Masebe naye ongomunye wabalingis­i abagabe ngobuhlaka­ni kanti uphinde akhulume izilimi ezahlukene.

UFlorence uke wabonakala emidlalwen­i esibala kuyo uMuvhango, Generation­s, Ring of Lies neminye. Le ntokazi isizakhele igama kwezokulin­gisa kanti naye ungomunye wabalingis­i abangena khaxa emidlalwen­i yeshashala­zi.

Ngizama ukuveza ukuthi kukhona abantu abavele bakuhlabe umxhwele uvele ubone ukuthi lowo mdlalo othizeni wenziwe yibo ukuba ube sezingeni eliphezulu kakhulu.

Sengipheth­a nje kungakuhle ukuba bonke abalingisi bazinike isikhathi esanele ukuzilungi­selela imidlalo eyahlukene ukuze amakhono abo avelele kakhulu kunalokho abasuke bebekelwe khona.

 ?? ISITHOMBE NGABE: DAILY SUN ?? ULINDA Sebezo owenza ezibukwayo emidlalwen­i kamabonaku­de.
ISITHOMBE NGABE: DAILY SUN ULINDA Sebezo owenza ezibukwayo emidlalwen­i kamabonaku­de.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa