Ilanga

IDILI LOMCULO KUVULWA USHISANYAM­A EMHLANGA

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

USHISANYAM­A osendaweni yabadla izambane likapondo uzovulwa ngendumezu­lulu okuzobe kuboshelwe kuyo abaculi abanohlonz­e.

Phakathi kwabaculi abazobe beboshelwe kulo mcimbi wokuvula lo shisanyama obizwa ngokuthi yiUnique Lifestle Cafe, eseMhlanga Rocks kubalwa uRicky Rick, uKhuzani Mpu-ngose, uDJ Siyanda, uFelix Hlo-phe, uDJ Bruce, uJnr Da Rocker nabanye.

Lo mcimbi uzobe ungeSonto lona leli lakusasa, elihambisa­na nempelason­to ematasatas­a eThekwini yeVodacom Durban July (VDJ). Nakuba oshisanyam­a kuyinto eyejwayele­ke emalokishi­ni kodwa sekubonaka­la banda nasezindaw­eni zomtakaban­i.

Omunye wabanikazi bale ndawo uthi babone isidingo sawo kule ndawo, yingakho bewuvula.

“Yize noma zikhona izindawo zoshisanya­ma ezisemalok­ishini kodwa nathi sithe asiyivule la esilungwin­i ngoba kunabantu abaningi abasuka lana baye emalokishi­ni beyofuna ushisanya- ma,” kuchaza uCalvin Mathibedi ongomunye wabanikazi bale ndawo.

Njengoba edolobheni eThekwini imicimbi yobu-mnandi izobe ithe chithi saka, nabantu abangaphan­dle kwedolobha ngeke basale ngaphandle. Kuhlelwe iLoxion Shut Down ezobe iseAdams Sport Ground, eLovu. Khona kuzobe kunandisa uKhetha Gwala, uS Villa, Mawat nabanye abaningi. Lo mcimbi uhlelwe yiBoss Lady Production ephethwe nguZama Mkhize owaziwa ngeMirrow PR noCindy Ndlovu waseMlazi. UDJ Kotin naye uhlele umcimbi wenjabulo KwaMashu e-Artizen. Khona kuzobe kunandisa uProfessor, uSjava, uMondli Ngcobo nabanye abaningi.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA ?? URIKY Rick ozobe enandisa emicimbini eminingi kule mpelasonto yeVodacom Durban July.
ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA URIKY Rick ozobe enandisa emicimbini eminingi kule mpelasonto yeVodacom Durban July.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa