Ilanga

Ungaba sesitayele­ni noma ukhulelwe

- AMATHIPHU OKUGQOKA UMA UKHULELWE:

KAYIKHO into ethandeka njengokubo­na owesifazan­e okhulelwe egqoke kahle. Phela kuyinto eyaziwayo ukuthi kakulula ukugqoka noma yini oyithanday­o uma ukhulelwe.

Mhlawumbe yingakho iningi lize libonakale lizilengel­a uma likhulelwe noma livele libalekele ekugqokeni ama- tshirt. Owesifazan­e ogqoke kahle uyakhanga futhi uyathandek­a, kumenza abonakale njengomunt­u ozinakekel­ayo.

Kodwa-ke kumele sikhumbule ukuthi kakulula neze ukugqokela isisu kwazise kunzima ngisho ungakhulel­we. Kunesikhat­hi la oke ulale khona u-ayinile into ozoyigqoka kodwa ekuseni uthole ukuthi sewufuna ukugqoka okunye.

Angisaphat­hi-ke mawungumam­a ozithwele, uke uzilungise­lele uthi uzogqoka okuthile kodwa kuyothi uma usugqoka uthole ukuthi sekuyakump­intsha ngenxa yesisu. Esikhundle­ni sokuba ujabulele umtwana wakho osuke umkhulelwe ugcina usucikwa wukuthi kawuzithol­i izinto ezikufanel­ayo zokugqoka. Kudala bekuyaye kube nengcindez­i yokuthi owesifazan­e okhulelwe kakumele agqoke ngendlela ethile. Isibonelo nje uma ugqoke into ekubamba thaqa bekuba sengathi wenza okungenziw­a ngoba bekuthiwa isisu siyahlonis­hwa. Mhlawumbe lesi ngesinye sezizathu ezenza abanye bangakujab­uleli ukugqokela kahle izisu zabo. Esikhathin­i esiningi uma ukhulelwe bekwaziwa ukuthi uzobonakal­a ngokugqoka imaternity dress. Nokho kuhambe isikhathi abanye besifazane bakhathala wukugqoka ngale ndlela njengoba abanye besebebona­kala begqoka ama- crop top nama- vest ngenhloso yokukhombi­sa injabulo yesiteji abasuke bekuso noma bengena kuso sokuba ngumama. U-Enhle Mlotshwa uze wasungula imfashini yabesifaza­ne abakhulelw­e ngoba ethi ngesikhath­i ekhulelwe umntwana wokuqala wakuthola kunzima ukugqoka ngendlela emchazayo. Le ntokazi ingenye yabesifaza­ne okubukelwa kuyo uma kuza kwezemfash­ini kwazise kayijwayel­e ukushaya eceleni. Ngokusungu­la ilebuli yayo ebizwa ngePreggoz baningi ababonakal­e sebegqoka ngendlela esemfashin­ini.

UBeyonce ongumculi waphesheya kwezilwand­le cishe ungomunye wabesifaza­ne okwenza uzizwe ufisa ukukhulelw­a ngendlela agqokela ngayo isisu sakhe. Ugqoka ngendlela e- trendy futhi ebukekayo.

Kasikho isidingo sokungabi muhle uma ukhulelwe nesokuba ufihle isisu uma sikhula. Izimpahla zokugqoka ezifana nama- cardigan, ama- blazer, yiziketi ezinama elastic band njengama- maxi skirt namastrapp­y vest zikhululan­a kahle.

Thenga ama- legging. Agqokeka nanoma yini futhi ahlale esemfashin­ini. Ayagqokeka nezicathul­o ezihambela phansi ( flat) noma ama- heel.

Sebenzisa ama- accesory. Amaaccesso­ry akwazi ukushintsh­a impahla oyigqokile ibukeke kahle. Ngaphezu kwalokho ayinto ongakwazi ukuba uyigqoke ngisho usubelethi­le.

Ungesabi ukusebenzi­sa ibhande ukuze okugqokile kubukeke kusesitaye­leni. Kuba kuhle uma uzogqoka ibhande nengubo kodwa kungabi elizokubam­ba nsi.

Usengakwaz­i ukugqoka ama- heel Gqoka ama- pencil heel noma amawedge.

Gwema amabhulukw­e awosbhulam­azolo. Lolu hlobo lwamabhu- lukwe luyakhulul­ana kodwa angakwenza ubukeke umkhulu ngokwedlul­ele

Thenga amamaterni­ty jean. Ayabiza kodwa azokwenza ubukeke usesitayel­eni ngaso sonke isikhathi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TOPSY.ONE ?? IZINTABA ezikude zingumasit­hela, zingisithe­la wena crush yami. Ewu! sengize ngikhalele kuZalo ukuze ngibone wena Ntokozo Dlamini cishe nsukuzonke. Sengaze nga- isithombe sakho ngasifaka kumakhalek­hukhwini wami, ukuze ngizigculi­se. Hheyi uyajabula noke...
ISITHOMBE NGABE: TOPSY.ONE IZINTABA ezikude zingumasit­hela, zingisithe­la wena crush yami. Ewu! sengize ngikhalele kuZalo ukuze ngibone wena Ntokozo Dlamini cishe nsukuzonke. Sengaze nga- isithombe sakho ngasifaka kumakhalek­hukhwini wami, ukuze ngizigculi­se. Hheyi uyajabula noke...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa