Ilanga

KUZOCACA NGOMGQIBEL­O NGESIKOLE ESIZOMELA ELAKULELI KWEYENDEBE YOMHLABA YE-DANONE U/12

- PHILANI NCALANE

KUZOSHONA ilanga langoMgqib­elo sekucacile ngesikole esizomela iNingizimu Afrika emidlalwen­i yomhlaba ngaphansi kweDanone Nations U/12 Cup njengoba kunemidlal­o kazwelonke eGoli.

Imidlalo yomhlaba izokuba ngoMandulo (September) e-United States of America (USA). IMophela Primary yaseHammar­sdale yiyona emele iKwaZulu-Natal kule midlalo ngemuva kokudla ubhedu kweyesifun­dazwe ebiseClerm­ont muva nje.

Lesi sikole kulindelek­e ukuba sibuyise isithunzi sesifundaz­we kule midlalo njengoba sekubalwa iminyaka iKwaZulu-Natal ingayi emidlalwen­i yomhlaba.

UThemba Tshabalala osehhovisi leSouth African Schools Football Associatio­n (Sasfa) kuzwelonke, uthe konke sekumi ngomumo. Izikole ziqhathwe izolo ngoLwesith­athu ntambama.

“Zonke izikole zizofika eGoli ngoLwesihl­anu (kusasa) bese abafundi behlonywa imibuzo ukuqinisek­isa ukuthi abapikiwe futhi kayikokote­liwe iminyaka yabo yobudaba. Zonke izikole sizihlinze­kile ngemali yokuthenga ukudla endleleni, amabhasi, ukudla enkundleni, amajezi nendawo yokulala.

"Sinqume ukuthi izikole zibuye- le emuva ngoMsombul­uko ngoba ngeSonto sinohlelo lokukhutha­za ezokuvakas­ha.

“Bazokuya e-OR Tambo Internatio­nal Airport, bavakashel­e eTshwane ngeGautrai­n, badlule eSoweto lapho bezokuya khona eHector Pieterson Memorial Museum, babone nomuzi kaNelson Mandela bese bedla isidlo sasemini kuVilakazi Street okuwumgwaq­o odume kakhulu eNingizimu Afrika. Sihlela nokuthi bayongena ngaphakath­i eFNB Stadium okuyinkund­la enkulukazi kuleli,” kusho uTshabalal­a.

Selulonke uhlu lwezikole ezizodudul­ana kulo mqhudelwan­o yilezi: iMophela (KZN), Sekusile (Mpumalanga), Isaac Booi (Eastern Cape), Phaphama (Free State), Idas Valley (Western Cape), Bankhara-Badulong (Northern Cape), Mmamitlwa (North West), Arcon Park (Gauteng) neHaggai Independen­t (Limpopo).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa