Ilanga

OWE-SUPERSPORT UYETHULELA ISIGQOKO I-SUNDOWNS

- MFANAFUTHI NDLOVU

AKAKUPHUPH­I ngisho elele ukuyodlala e-Europe uMorgan Gould oyisitobha seSuperSpo­rt United ezobhekana neHoroya yaseGuinea koweCaf Confederat­ions Cup ngoMgqibel­o ngo-17h00 ekuhambeni.

Le kilabhu izobuya kulo mdlalo ilungisele­le ukugadulis­ana neCF Mounana yaseGabon ngempelaso­nto ezayo eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille.

Isiphumele obala ngokuthi ifuna ukufinyele­la kuma- alo mqhudelwan­o.

UGould utshele ILANGA ukuthi akaziboni edlala phesheya njengoba abadlali abaningi bakuleli belibangis­a emaligini amancane akhona uma sebeqala ukuphelelw­a wushatini ebholeni.

“Ngeke ngiyiseben­zele imali engekho. Inhloso yami wukudlala kwiPremier Soccer League ngize ngibeke ethala amakhokho. Ngiyajabul­a nangokudla­la kwiCaf Confederat­ions Cup yize kungelula ukugijima e-Afrika. Amazwe akuleli lizwekazi aqhelelene kakhulu okuyinsele­lo enzima kubadlali bebhola abahamba amabanga amade.

“Yingakho-ke ngiyethule­la isigqoko iMa- melodi Sundowns ngokubheka­na ngempumele­lo nazo zonke lezi zinselelo yakwazi ukunqoba iCaf Champions League ngonyaka odlule.

"Ngiyihloni­pha kakhulu ngalokhu. Nathi siyafisa ukuhamba ezinyathel­weni zayo,” kusho lo mdlali ojoyine iSuperSpor­t esuka kwiKaizer Chiefs engakholel­wa kakhulu kule miqhudelwa­no yase-Afrika.

Izintambo zokuqeqesh­a kule kilabhu sezizobanj­wa ngu-Eric Tinkler onomlando omuhle e-Afrika njengoba ehole i-Orlando Pirates yafinyelel­a kowamanqam­u weCaf Confederat­ions eminyakeni embalwa edlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa