Umthetho mawuyeke ukutotosa izigebengu
Kusizani ukuba siqhoshe ngokuthi iziboshwa
zihlunyeliswa
izimilo ekubeni izingane ezoniwe yizona zifisa nokufa?
UDABA olushicilelwe ephephandabeni ILANGA mayelana nentombazanyana okuthiwa idlwengulwe ngowesilisa waseMozambique ezindlini zangasese ebhishi laseRichards Bay, lwenza siqhubeke nokubuka ukuba ntekenteke komthetho waseNingizimi Afrika.
Okubuhlungu wukuthi le ntombazanyana ibizigcinile ihamba uMkhosi woMhlanga.
Kwenza sidliwe yingebhe ukubona ukuthi umthetho kakukho nokuncane okwenzayo ukwesabisa izigebengu njengoba sesike sasho phambilini ukuthi sekucacile ukuthi kaziwazi nokuthi uyisidikiselo saliphi ibhodwe. Ukuhlwithwa kobuntombi bengane yisela nje lomgulukudu, kwenza sibe novalo lokuthi izingane zingagcina zingasazigqaji ngokuzithiba ngoba phela kuyacaca ukuthi kuleli lizwe abantu abanamalungelo amakhulu yizigebengu.
Kayaxaka ukuthi kwazinhlangano ezilwela amalungelo abantu eziye ziklabalase kudume izihosha uma kuthintwe abantu abathile, zithule zithe du.
Uma nje kungathiwa kunesiboshwa esidube ukudla ejele ngoba sikhonondela okuthile, ungabona isimanga, kutatazela osigaxamabhande ngoba phela aziswa kabi amalungelo azo.
Uyadela owaziyo ukuthi yini le ebaluleke kangaka ngezigebengu ukwedlula abantu abangenacala, abafana nale ngane eyehlelwe yileli lishwa. Kade kwasa siyikhuluma indaba yokuthi umthetho waseNingizimu Afrika untekenteke.
Sikhuluma nje isonto siliqale ngomsindo lapho kuvele izithombe zasejele laseGoli iziboshwa zidansa zigodle izintokazi ebezigqoke ngendlela exakile. Lokhu kwenza sibone ukuthi kuningi okonakele eNingizimu Afrika - kakukwazi ukuthi abantu beboshiwe kodwa bavakashiselwe amantombazane. Sibona nokuthi kusho ukuthi umkhuba ofuze lona kawuqali, wukuthi besingakaze sibe nenhlanhla yokuthi uvele.
Sike sabuza ukuthi kungani iNingizimu Afrika, ngoba ingabangani neChina neRussia, ike iyocobelela kula mazwe ukuthi umuntu osuke eboshiwe uphathwa kanjani ukuze afunde ukuthi ukuphambana nomthetho kakulungile. Kusizani ukuba siqhoshe ngokuthi iziboshwa zihlunyeleliswa izimilo ekubeni izingane ezoniwe yizona, abantu ababulawelwe izihlobo zabo nabalinyazelwe izihlobo zabo befisa ngisho ukufa ngenxa yazo?
Siyazi ukuthi bakhona abantu abenza amacala bengahlosile futhi bakhona abasuke sebezisola ngabakwenzile kodwa kuyadabukisa ukuthi kubekwe bona phambili, izisulu zona zifaniswe nabantu nje okungenzekanga lutho kubona.
Nayo le yabokufika abafika benze ubugebengu kuleli, kumele isukunyelwe ngamandla kwazise kukhona abasuke beze eNingizimu Afrika ngoba behluphekile ngempela, abanye babo bezosiza lona leli lizwe - abangagcina sebeboshwa ngabhandelinye nemigulukudu.
Uma uhulumeni uqhubeka nokutotosa izigebengu, lizowa bhu phansi izwe ngoba abantu bazogcina bephelelwe yisineke. Ukugwema isimo esifuze lesi, makubekwe phansi ipolitiki yokuncenga amavoti ehambisana nokutotoswa kwezigebengu, ziboshwe zijeziswe kanzima ukuze nabasafisa ukwenza ubugebengu bahlehle nyova.