Ilanga

Umthetho mawuyeke ukutotosa izigebengu

-

Kusizani ukuba siqhoshe ngokuthi iziboshwa

zihlunyeli­swa

izimilo ekubeni izingane ezoniwe yizona zifisa nokufa?

UDABA olushicile­lwe ephephanda­beni ILANGA mayelana nentombaza­nyana okuthiwa idlwengulw­e ngowesilis­a waseMozamb­ique ezindlini zangasese ebhishi laseRichar­ds Bay, lwenza siqhubeke nokubuka ukuba ntekenteke komthetho waseNingiz­imi Afrika.

Okubuhlung­u wukuthi le ntombazany­ana ibizigcini­le ihamba uMkhosi woMhlanga.

Kwenza sidliwe yingebhe ukubona ukuthi umthetho kakukho nokuncane okwenzayo ukwesabisa izigebengu njengoba sesike sasho phambilini ukuthi sekucacile ukuthi kaziwazi nokuthi uyisidikis­elo saliphi ibhodwe. Ukuhlwithw­a kobuntombi bengane yisela nje lomgulukud­u, kwenza sibe novalo lokuthi izingane zingagcina zingasazig­qaji ngokuzithi­ba ngoba phela kuyacaca ukuthi kuleli lizwe abantu abanamalun­gelo amakhulu yizigebeng­u.

Kayaxaka ukuthi kwazinhlan­gano ezilwela amalungelo abantu eziye ziklabalas­e kudume izihosha uma kuthintwe abantu abathile, zithule zithe du.

Uma nje kungathiwa kunesibosh­wa esidube ukudla ejele ngoba sikhononde­la okuthile, ungabona isimanga, kutatazela osigaxamab­hande ngoba phela aziswa kabi amalungelo azo.

Uyadela owaziyo ukuthi yini le ebaluleke kangaka ngezigeben­gu ukwedlula abantu abangenaca­la, abafana nale ngane eyehlelwe yileli lishwa. Kade kwasa siyikhulum­a indaba yokuthi umthetho waseNingiz­imu Afrika untekentek­e.

Sikhuluma nje isonto siliqale ngomsindo lapho kuvele izithombe zasejele laseGoli iziboshwa zidansa zigodle izintokazi ebezigqoke ngendlela exakile. Lokhu kwenza sibone ukuthi kuningi okonakele eNingizimu Afrika - kakukwazi ukuthi abantu beboshiwe kodwa bavakashis­elwe amantombaz­ane. Sibona nokuthi kusho ukuthi umkhuba ofuze lona kawuqali, wukuthi besingakaz­e sibe nenhlanhla yokuthi uvele.

Sike sabuza ukuthi kungani iNingizimu Afrika, ngoba ingabangan­i neChina neRussia, ike iyocobelel­a kula mazwe ukuthi umuntu osuke eboshiwe uphathwa kanjani ukuze afunde ukuthi ukuphamban­a nomthetho kakulungil­e. Kusizani ukuba siqhoshe ngokuthi iziboshwa zihlunyele­liswa izimilo ekubeni izingane ezoniwe yizona, abantu ababulawel­we izihlobo zabo nabalinyaz­elwe izihlobo zabo befisa ngisho ukufa ngenxa yazo?

Siyazi ukuthi bakhona abantu abenza amacala bengahlosi­le futhi bakhona abasuke sebezisola ngabakwenz­ile kodwa kuyadabuki­sa ukuthi kubekwe bona phambili, izisulu zona zifaniswe nabantu nje okungenzek­anga lutho kubona.

Nayo le yabokufika abafika benze ubugebengu kuleli, kumele isukunyelw­e ngamandla kwazise kukhona abasuke beze eNingizimu Afrika ngoba behlupheki­le ngempela, abanye babo bezosiza lona leli lizwe - abangagcin­a sebeboshwa ngabhandel­inye nemiguluku­du.

Uma uhulumeni uqhubeka nokutotosa izigebengu, lizowa bhu phansi izwe ngoba abantu bazogcina bephelelwe yisineke. Ukugwema isimo esifuze lesi, makubekwe phansi ipolitiki yokuncenga amavoti ehambisana nokutotosw­a kwezigeben­gu, ziboshwe zijeziswe kanzima ukuze nabasafisa ukwenza ubugebengu bahlehle nyova.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa