IQEMBU LIZOSEBENZA KANZIMA UKUBUYISA ISITHUNZI
UMNU Cyril Ramaphosa oyisekela-mengameli le-African National Congress (ANC) nezwe, uthi kumele iqembu lakhe lisebenze kanzima ukubuyisa isithunzi ebelinaso.
Ekhuluma esidlweni se-United Methodist Church of Southern Africa eMthatha, e-Eastern Cape, sokuqoqa imali ngoLwesihlanu, uMnu Ramaphosa uthe ingqungquthela yemigomo ye-ANC ebiseNasrec, eGoli ngeledlule, inikeze leli qembu ithuba lokuzibheka lizakhe kabusha, libuyise nokuzethemba ebelinakho.
“Sekusele emahlombe ethu ukuthi sikubuyisa kanjani ukwethenjwa ngabantu okusilahlekele ngesikhathi siklwebhana ngaphakathi, obekwenziwa wukushayisana kwemibono.
"Sinomthwalo omkhulu emahlombe wokuhola abantu sibayise ezweni lesethembiso njengoba sasithembisile,” kusho uMnu Ramaphosa.
Uncome iqhaza leSouth African Council of Churches (SACC) ngokuvundulula inkohlakalo nombiko ewukhiphile ngokuphathwa kombuso ngesiqhebezabuqama wumndeni wakwaGupta. Lo mbiko iSACC iwudalule ngoNhlaba (May).
“Ibandla liyiso futhi liyizwi labantu. Linendima enkulu okumele liyikhathule ukuqondisa izinto ezingahambi kahle ezweni lakithi. Kakumangalisi ukuthi iSACC izibone ibophezelekile njengenhlangano emele amabandla ukuthi iwudalule lo mbiko wokuphathwa kombuso ngesiqebezabuqama,” kusho uMnu Ramaphosa.
"Makuhlale kusemiqondweni yethu ukuthi sifisa ukuphila eNingizimu Afrika enjani, sifisa ukuhlala emphakathini onjani.
"Masibuke ngokujula ukuthi ngabe lo mphakathi esihlala kuwona manje yiwona yini lona esasiwulwela. Kuzokhumbuleka ukuthi abanye bethu baze balahlekelwa yimpilo yabo belwela leli lizwe ukuba libe ngelikhululekile,” kusho uMnu Ramaphosa.
Sinomthwalo omkhulu wokuhola abantu sibayise ezweni lesethembiso.