ISABATHA KALIBALWA NGEWASHI, LIBAL
NGIFISA namuhla sikhulume ngosuku lweSabatha njengosuku lukaNkulunkulu. Igama elithi Sabbath ngelesiHebheru, elisho ukuphumula, okuyikho usuku lweSabatha lubizwa ngolokuphumula.
Umsuka walolu suku usencwadini yeGenesis 2:2-3.
UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesi6 imisebenzi yakhe ayeyenza, waphumula ngolwesi-7. UNkulunkulu wabusisa usuku lwesi-7 walungcwelisa, ngokuba ngalo waphumula emisebenzini yonke abeyidalile.
Uma kuthiwa ingcwele, ngesuke ithintene noNkulunkulu njengoba naye engcwele. Lokhu-ke kusitshela ukuthi kalukho usuku olungangolwesi-7. Lapha-ke kasikaze sitshelwe lutho ngabaJuda njengoba kuye kuthiwe iSabatha ngelawo.
Ngesikhathi uNkulunkulu eseshicilela imithetho yakhe, wakubeka njengomthetho ukuthi lolu suku lukhunjulwe noma luhlonishwe okuwukuthi kwakungasekho kuzikhethela noma uyalugcina noma qha kodwa kwabe sekuphoqekile.
Kwi-Eksodus 20:8-11 “Khumbula usuku lweSabatha ulungcwelise. Izinsuku eziyisithupha uyakusebenza, uwenze wonke umsebenzi wakho kepha usuku lwesikhombisa luyiSabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; kawuyikusebenza msebenzi ngalo wena nendodana yakho nendodakazi yakho nenceku yakho nencekukazi yakho nezinkomo zakho nomfokazi osemzini wakho; Ngalo mthetho yonke into edaliweyo ngosuku lweSabatha kumele iphumule emisebenzini yayo.”
UNkulunkulu wakubeka njengempoqo ukuthi abantu bakhe bangabasi umlilo ezindlini zabo ngosuku lweSabatha, Eksodus 35:3. Inhlosongqangi kwakuwukuba abantu bangapheki ngeSabatha.
Yebo kasitshelwa ukuthi kungani kwakungamele bapheke noma kubaswe umlilo ngeSabatha kodwa umninimandla wonke unamandla okushaya umthetho futhi angachazi ukuthi kungani eshaya lowo mthetho.
Abantu-ke basho izinto eziningi ngendaba yomlilo beyihlanganisa nesikhathi samanje sobuchwepheshe. Ngicabanga ukuthi igama elisho ukubasa kalifani nelithi ukukhanyisa. Umuntu uma ebasa umlilo usuke efuna ukushisa into ethile ukuze aguqule isimo sento engasebenziseki sibe ngesesebenzisekayo.
Njengoba kungashiwo-ke ukuthi kungani ungabaswa umlilo, kukuwe-ke wena ogcina lo mthetho ukuthi ukukhanyisa ugesi kuwukubasa yini. Uma kunjalo, kusho ukuthi ungawukhanyisi kodwa ngalokho ungabe sewuthi wumthetho weSabatha kodwa kube wumthetho wakwakho.
Lo mthetho-ke weSabatha wawugcizelela ukuthi umi ingunaphakade ezizukulwaneni ngezizukulwane zabantu bakhe - Eksodus 31-13-17. “Yisho kubantwana bakwa-Israel, uthi: ‘Anogcina amasabatha ngokuba aluphawu phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu ukuba nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo. Ngalokho abakwa-Israel bayakuligcina iSabatha, balilonde ezizukulwaneni zabo libe yisivumelwano esiphakade.