LWA NGOKUSHONA KWELANGA
Liluphawu phakathi kwami nabantwana bakwa-Israel kuze kube phakade ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova walenza izulu nomhlaba, kepha ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka. Yebo le miyalo yayinikwa uMose engumholi wesizwe sikaNkulunkulu kodwa wawumbandakanya nabo bonke abantu.
Kungaleso sizathu bonke abantu abathi bangabantwana bakaNkulunkulu bebophezeleka kule miyalo noma imithetho ngoba uNkulnkulu munye akekho owabaJuda nowabezizwe ngaphandle konkulunkulu abenziwe ngezandla. Ngokomthetho iSabatha kalibalwa ngewashi kodwa libalwa ngokushona kwelanga.
Lokhu-ke kuwukuthi luqala ngokushona kwelanga ngoLwesihlanu liphele ngokushona kwelanga ngeSabatha. Kunenkulumo-ke ekhona ngisho emaNazaretheni yokuthi liqala ngehora le-18h00 ngoLwesihlanu liphele ngele-18h00 ngeSabatha.
Lokhu kukhuluma kakulona neze iqiniso. Thina maNazaretha ihora le- 18h00 nsuku zonke yisikhathi esenza ngaso umthandazo wokulala, okungahlanganise lutho neSabatha. Kuphela kuwukuthi ngoLwesihlanu ngomthandazo wokulala, siye sifunde uMthandazo weSabatha hhayi owokulala njengansuku zonke. Lowo wumyalelo esawunikwa nguShembe.
Kuke kwenzeke ehlobo ihora le18h00 lishaye ilanga lingakashoni kodwa umthandazo wokulala wenziwe, okungasho ukuthi sekuyiSabatha. Kanjalo nasebusika, ihora le-18h00 lishaya sekumnyama, okungasho ukuthi sekuyiSabatha.
Kunevangeli-ke elithi uJesu waliqeda iSabatha nomthetho wokungabasi ngeSabatha ngesikhathi bekha umbila ensimini ngeSabatha. Incwadi kaMatewu 12:5-8: “Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngeSabatha abapristi bayalona iSabatha ethempelini bangabi nacala na?
Kodwa ngithi kini: ‘Kukhona lapha okukhulu kunethempeli.’ Kepha uma benazi ukuthi kuyini lokhu, wukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ningabalahlanga laba abangenacala ngokuba indodana yomuntu iyiNkosi yeSabatha.” Kule ncwadi akukho lapho uJesu athi khona malingabe lisagcinwa iSabatha kodwa uthi yena unamandla okulephula ngoba uyinkosi yalo.
Ngake ngezwa omunye wezinkonzo ezigcina iSabatha ethi bona bayabasa ngeSabatha ngoba nabafundi bakha umbila bawudla ngeSabatha belambile. Kangazi-ke noma nabo banayo yini iNkosi yeSabatha enokugunyaza ukwenza okungenziwa ngalo.
Kakukho-ke eBhayibhelini la kuthiwa malishintshe iSabatha libe ngolunye usuku ngoba uNkulunkulu wathi liyisibopho saphakade.
Yisona sizathu-ke uShembe wanikwa nguNkulunkulu umyalo wokugcina iSabatha, wathi liwumkhosi wentethelelo, ngalo siyahlangana siyozibika kuNkulunkulu, sivume izono zethu, sicele nentethelelo ngalo.
INkosi ibusise enikuzwile Mvangeli Nduli ENKANDLA