AbeChiefs baphendule iPirates ihlaya
UMfundisi uhlekise waphiwa ijezi
I-ORLANDO Pirates iphendulwe ihlaya emngcwabeni kaMichael “Bizzah” Dlamini ozakhele olukhulu udumo ebhakuzisa amagoli kwiKaizer Chiefs kusuka isungulwa ngonyaka we-1970 kuya kowe-1976.
UBizzah ufihlwe ngoMgqibelo emathuneni iHeroes Acre, aseChesterville entshonalanga yeTheku, emuva kwenkonzo ebiseOlive Convention Centre, eNorth Beach, eThekwini.
Enkonzweni yokuphelezela uBizzah, iPirates iphendulwe ihlaya nguPastor Thomas Radebe weEkhaya Christian Fellowship Centre, obephethe inkonzo. Uthe abantu kumele balandele iChiefs kwazise ikhona ngisho eBhayibhelini kuwona wonke amavesi. Uthi iBhayibheli likhuluma ngaMakhosi.
Uthi kunekilabhu evela kanye nje vo eBhayibhelini lapho kuthiwa khona: “Mathambo hlanganani.”
Usho kanjena uPastor Hadebe kwaqhuma olukhulu uhleko. Emuva kwenkonzo iNceku iphiwe ijezi leziMpofana.
NeSekela likaNgqongqoshe wezoLimo, uBheki Cele ongumlandeli wokuqina weChiefs, lenze okufanayo lithi kumele kusungulwe umqhudelwano omusha wetop 11 ukuze kusizakale nenye ikilabhu ehlulekile ukubona i- top 8 ngesizini edlule.
IPirates ishaye udaka ngesizini edlule njengoba ihluleke okokuqala ngqa selokhu kusungulwe iPremier Soccer League (PSL) ngowe-1996 ukuqeda kwi-top 8 eyisango lokugijimela isicoco esicebe kunazo zonke kuleli, iMTN8 egabe ngo-R8 million emuva kwemidlalo emine nje kuphela.
UCele ubuye wakhuthaza intsha ukubamba iqhaza kwezemidlalo ukuzakhela igama njengoBizzah ingabi yisiqalekiso kubazali ngokudla izidakamizwa ebala i- whoonga esithakwa nangomlotha wezidumbu athe kumshaqisa kakhulu ukuthi ababhemi balesi sidakamizwa bawuthola kanjani.