Ihlazo iKZNA ingamelwa kwelesizwe
IHLAZO iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ingamelwa eqenjini lentsha yaseNingizimu Afrika elizobamba iqhaza kwi-International Association of Athletics Federation (IAAF) World Youth Championships ezoqala ngoLwesithathu isongwe ngeSonto eKenya.
Elakuleli lizokube limelwe ngabasubathi besilisa abali-13 nabesifazane abali-12 kule midlalo okulindeleke ukuba lenze kahle kuyona. Nokho kushayisa ngovalo ukungabi bikho ngisho komgijimi oyedwa oqhamuka kwiKZNA kuleli qembu kwazise abalakhiwe kulindeleke ukuba babe yingxenye yama-Olympic ngowezi-2020 eJapan.
Elakuleli libeke amathemba alo kuSokwakhana Zazini owenza i-400m Hurldes. UZazini unesikhathi esishesha kunabo bonke ontanga yakhe nonyaka kuleli banga.
Ukhombise ukuthi unekhono kulo mdlalo ngesikhathi eqopha isikhathi esingu-48:48 okungesisheshayo emhlabeni nonyaka kanti ukleliswe waba ngowesine emhlabeni ngokuqopha isikhathi esingu-46:20 kwi-400m. Uzophinde enze ne-4x400m kanti bakhona nabanye okubhekwe ukuba benze kangcono.
Selilonke iqembu lakuleli lididiyelwe kanje, kwabesilisa: uRetshiditswe Mlenga (AGN), uTshenolo Lemao (AGN), uNdimande Nthuthuko (CGA), uRobbert De Villiers (ACNW), uJulian Bogner (AGN), uRoelof van der Walt (CGA), uSokwakhana Zazini (AGN), uBreyton Poole (WPA), uWalko van Wyk (BOL), uJulian Bogner (AGN), uJonathan de Lacey (CGA), uBrandon Morne (CGA), uJonathan de Lacey (CGA), uJoshua Maas (AMPU) noJohannes Schelbusch (AFS).
Kwabesifazane, uRose Xeyi (AGN), uJoviale Mbisa (AFS), u-Angel Kivido (AFS), uNicole Louw (AFS), uLyndi Roelofse (CGA), uDiphau Mashishi (CGA), uShanley Koekemoer (AGN), uZeney van der Walt (AGN), uGontse Morake (AGN), uMieke Strydom (SWD), uTharina Van der Walt (AFS) noJana van Schalkwyk (BOL).