KUPHELE USIZI EXHASWA NGESIKEBHE
KUPHELE usizi kumgwedli osemncane wesifazane waKwaZuluNatal ephiwa isikebhe wuMnyango WezeMidlalo wesifundazwe emuva kokwenza kahle kwiDusi Canoe Marathon ephuma isine kwi-U/18 ngowezi-2015.
UKhanyo Shanye waseShongweni ngaKwaNdengezi entshonalanga yeTheku, akawakholwanga amehlo akhe enikwa isikebhe esisha ceke ngabomnyango wezemidlalo oholwa nguBongi SitholeMoloi.
Lo mgwedli osebuya ngisho eNamibia, eBotswana naseTunisia ngalo mdlalo uthe ubebhekene nengwadla yokungakwazi ukuziqeqesha ngenxa yokwesela isike- bhe.
Unqume ukungalibambi iqhaza kwiDusi yanonyaka kwazise wenza unyaka wokuqala ezifundweni zeHospitality Management eLangeni College.
Uthi ubefuna ukugxila kakhe ezifundweni zakhe.
Umnyango wezemidlalo wamthembisa ngowezi-2015 ukumthengela zonke izinto zokugwedla ngesikhathi umbona enza kahle kwiDusi.
UKhanyo uthi isikebhe sakhe sifike ngoLwesibili kanti bathembise ukumlethela esinye sesibili ingakapheli le nyanga.
“Sizongisiza kakhulu lesi sikebhe engixhaswe ngaso wumnyango. Impilo ibisinzima kakhulu kwazise ebengisisebenzisa bekungesona esami futhi singisinda, lesi engisitholile silula kakhulu. Sengizobuyela ngokugcwele kwiCanoe.
"Sengiwaqalile amalungiselelo eDusi yangonyaka ozayo. Inkinga ebengibhekene nayo bekuwukugijima,” kusho uKhanyo.
Ngonyaka ozayo uzokube egijima kwi-U/23 kanti unelikhulu ithemba lokuthi uzokwenza kahle njengoba esizwa ngabantu asebemnkantshubomvu uThembinkosi Ngcobo noSibonelo Khwela.
Ngaphandle kweDusi Canoe ubuye enze neCanoe Polo lapho kudlalwa khona ibhola emanzini kuhanjwa ngezikebhe. Nonyaka ubemele elakuleli eNamibia. Babe yizingqwele.