Ugogo usolwa ngokudayisa abazukulu
Ubesuke efuna imali yamankwebevu
UNGENE kwelikhulu ihlazo owesifazane osekhulile waseMkhuze, enyakathompumalanga yeKwaZuluNatal osolwa ngokudayisa abazukulu bakhe kwabesilisa abehlukene ukuba balale nabo ukuze ezothola imali yokuthenga utshwala.
Lona wesifazane oneminyaka engama-51, uvulelwe icala ngokudayisa ngabazukulu bakhe ababili abangamantombazane oneminyaka eyisi-6 noneli-10 kwabesilisa emajoyintini.
ILANGA lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi lo wesifazane - esingeke simdalule igama lakhe ukuvikela abazukulu bakhe - ubesaziwa ezindaweni zokucima ukoma eMkhuze ukuthi uma ufuna isinene esishibhile, uxhumana naye -uzokudayisela abazukulu bakhe ngemali encane.
Umthombo waleli phephandaba uthi lo wesifazane ubebakhokhisa u-R30 kuya ku-R50 abesilisa ukwenza la manyala ezinganeni. Kuthiwa abazukulu bese bazi ukuthi njalo uma kuyimpelasonto, kumele bayosebenzela uninakhulu.
Umthombo uthi lezi zingane bezihlala noninakhulu eMkhuze - unina eseMpangeni ngokomsebenzi engazi ngale mikhuba. ILANGA lithole ukuthi amalunga omphakathi wakule ndawo abekhathazekile ngalesi senzo njengoba le nto ibiyenzeka phambi kwawo kodwa esaba ukungenelela.
Umthombo uthi izingane zithathwe ngosonhlalakahle zagcinwa endaweni ephephile ngemuva kokuvela kwezindaba zokuhlukumezeka kwazo.
“Bengihlale ngiyizwa ngabantu beyixoxa indaba yalo gogo kodwa ngingayikholwa. Ngethuke kwaphela nasozwanini ngizwa ixoxwa ngabantu abasondelene nami, bechaza ukuthi ubadayisa kanjani abazukulu bakhe uma esefuna utshwala,” kuchaza ilunga lomphakathi elisidonse ngendlebe ukuba singalidaluli igama lalo ukulivikela.
Liqhube lathi lixoxelwe ukuthi lo wesifazane ufika ezindaweni zotshwala ehamba nazo lezi zingane atshele abesilisa ukuthi uma kukhona ofuna ucansi olushibhile makaxhumane naye.
Kuthiwa abesilisa abasuke sebedakiwe bebeya ngobuningi beyothenga. Umthombo uthi izingane zihambe ziyovakashela unina eMpangeni ofike waqaphela ukuthi kukhona okushaya amanzi ngalena eneminyaka eli-10.
Kuthiwa ubone ukuthi kayisakwazi ukubamba umchamo. Abaziyo bathi le eneminyaka eli-10, ngenxa yokujwayela ebiyenziswa khona nguninakhulu, ibisizifunela kubafana baseMpangeni abadala kunayo.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Vukani Mbhele, uthe besebezwile ngalolu daba. Uthe osonhlalakahle bazithathile izingane zigcinwe endaweni ephephile.
Utshele ILANGA ukuthi izingane zizothola usizo lokwelulekwa ngokomqondo nonina. Uthe bazoxhumana noninakhulu wengane ukuthola ukuthi yiluphi usizo anganikwa lona ngoba kuyacaca ukuthi naye uyaludinga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi likhona icala elivuliwe lokudlwengula elivulwe esiteshini samaphoyisa aKwaMbonambi, uthi kuboshwe owesilisa osolwa ngecala lokudlwengula okuthiwa lenzeke khona KwaMbonambi.