KUNYAMALALA IMALI YESIKOLE
KUKHALWA ngokuxetshulwa komkhoma emalini yesikole iNsizwakazi Primary eMariannhill, entshonalanga yeTheku, okubikwa ukuthi kwabelwana ngayo ngasese.
Kuthiwa izinkinga ziqale phansi kulesi sikole ngenxa yokunyamalala kwemali kucashwe ngokuthi kuthengwe izinsizakusebenza nengqalasizinda kodwa zingabonakali kwazona lezo zinto.
Kuthiwa uthishanhloko wakulesi sikole - oqashwe ngoZibandlela (December) nyakenye emuva kokuba yibamba kusukela ngowezi-2015 - kunabathile asebenza nabo esigungwini esilawula isikole ngendlela engenabo ubulungiswa.
Kwenzeka lokhu nje, kusaphele iminyaka emibili kumiswe obenguthishanhloko kulesi sikole, uNkz Duduzile Gumede, esolwa ngokungasebenzisi ngendlela efanele imali. UNkz Gumede akabuyanga kwaze kwaqashwa omunye uthishanhloko ngokugcwele.
“Isigungu ebesikhona phambilini sihlakazwe ngabazali ngoba kukhalwa ngokuthi kasethembekile njengoba sifihle umkhonyovu wokudliwa kwemali. Sekukhona esinye, kwasona kasiqondakali indlela esisebenza ngayo nothishanhloko.
"Lolu daba selubikwe kaningi kumhloli nakumqondisi wehhovisi lezemfundo ngaphansi komkhandlu wesifunda uMlazi, uMnu Bheki Ntuli kodwa naye ulugxoba ngezinyawo. Kasisathembi lutho ngakho konke okuqhubekayo. Kuyakhombisa ukuthi baningi abantu abakule nto yokuqhunyuzwa kwemali,” kusho umthombo.
ILANGA likhulume nosihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Dumisani Sokhulu ngalolu daba, wathi akanayo impendulo ngoba kwayena akasayini ezimalini kodwa konke okwenzekayo uthishanhloko namanye amalunga amabili esigungu bazibambele mathupha.
"Kalikho izwi enginalo uma kwenziwa umsebenzi othinta imali, ngivalelwa ngaphandle. Imali isasayinelwa yisekela lami nomgcinimafa. Isizathu sokuba ngingatshelwa lutho kangisazi kodwa ngiyakuthola emakhoneni ukuthi kunezinkulumo ezithi ngiyaphenywa nakuba ngingalwazi lolo phenyo ngoba kalikho necala engibekwe lona,” kusho uMnu Sokhulu.
ILANGA lithole ukuthi inkampani ephenya ngezimali zangonyaka ophelile, yi-T.A Linda Auditors. Kuthiwa embikweni wayo kabukho ubufakazi bokuthi imali ibisebenza kanjani. Enye kuvela ukuthi beyikhishwa ngisho kuvalwe izikole kuthengwa ngayo izimpahla zokwakha nakuba zingekho iziliphu zakhona. Kuthiwa le nkampani ikutholile ukuthi iningi imali ebiphuma ebhange kodwa umcwaningimabhuku akakwazanga nokuthola i- cheque counterfoil esikoleni.
Kuvela ukuthi kunezinto obekubhalwa ukuthi ziyathengwa kodwa uma kuhlolwa zingabonakali. Lesi sikole besinesabelo-mali esingaphezulu kukaR300 000 ngonyaka wezimali ophelile. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi yizinsolo ezibucayi lezi umnyango ozozibhekisisa. Uthi uma kunokuphathekayo emuva kophenyo kuzothathwa izinqumo ezinqala kwabathintekayo.
Ngivalelwa ngaphandle, kuthiwa ngiyaphenywa okuyinto engingayazi.