Ludingidwa namuhla olwezibhedlela
Lzikhulu zifuna ukwazi kufihlwani
ZISALOKHU zikhale njalo iziguli ezelashelwa umdlavuza ezibhedlela ezinkulu KwaZulu-Natal, i-Addington Hospital eThekwini neNkosi Albert Luthuli Central Hospital eCato Manor, eningizimu yeTheku.
Zithi sesenyukile isikhathi ezisilindayo ukuya emshinini oshisa umdlavuza, sisuka ezinyangeni eziyisi-6 ziya kweziyisi-8. Zitshele ILANGA - okuyilona eliqale ukuloba ngalolu daba oseluphenduke isithebe sebandla - ukuthi kulezi zibhedlela isikhathi ezinikezwa sona uma zifuna ukushisa izicubu ezinomdlavuza, sekuba wuZibandlela (December) kuya kuMasingana (January) wangonyaka ozayo.
Esinye salezi ziguli ezikhulume neLANGA (igama laso esiligodlile) sithe: "Kunzima ukulinda lesi sikhathi njengoba kwabona abomnyango wezempilo behlale besho ukuthi umdlavuza kawube usanqandeka uma sewuhlale isikhathi eside ungelashwa.
“Sesilinde usuku lokufa njengoba usizo singalutholi sesifike kubona odokotela. Mina ngithole ngoMasingana (January) ukuthi nginomdlavuza emlonyweni wesibeletho. Ngikuthole lokhu ngesikhathi ngiyolanda amaphilisi kashukela emtholampilo base bengihlola.
"Bangifonelile sebethi mangiyolanda imiphumela okuthe uma ngifika khona bathi mangidlulele e-Addington ngiyokwelashwa khona.
"Kuleso sibhedlela bafike bangidlulisela e-Albert Luthuli,” kusho lona wesifazane onomdlavuza.
Uthi akazi kungani isibhedlela i-Addington simdlulisele e-Albert Luthuli. Ilunga leDemocratic Alliance (DA) elibhekelele ezempilo ephalamende, uNkk Patricia Kopane, lithi udaba lokunganakwa kweziguli ngumnyango wezempilo, bazoludingida ephalamende namhlanje ngoLwesine.
Lokhu kulandela ukuba bevinjiwe ukungena esibhedlela i-Addington ngoMsombuluko.
Bebethi bafuna ukuyozibonela isimo nenhlalo lezi ziguli eziphila ngaphansi kwaso.
Uthi bafuna ungqongqoshe walo mnyango KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo achaze ukuthi yini le abayifihlayo kulezi zibhedlela - uma zonke izinto zihamba kahle aze avimbe amalunga ephalamende ukuba angene.
“Lo ngqongqoshe ukhombisile uthi akanandaba neziguli. Kuyamangalisa ukuthi ngudokotela owafunga ukunakekela abantu abagulayo lona owenza kanje, ngabe ngiyezwa ukuba ngumuntu nje owavele wathathwa wafakwa esikhundleni lo owenza kanje hhayi udokotela owazi ngayo yonke imithetho yezempilo.
"Babalelwa ema-300 abantu asebefile ngenxa yokungakhandwa kwemishini nokushoda kodokotela esibhedlela,” kusho uNkk Kopane.
UDKt Dhlomo ephendula ngokuvimba amalunga ephalamende esibhedlela, uthe inkinga kawasihloniphanga isikhathi sokungena esibhedlela.
Uthe nawo bekumele afike ngesikhathi sokungena kwezivakashi ukuze izisebenzi zikwazi ukuwachazela indlela okusetshenzwa ngayo hhayi ngesikhathi lapho zisuke nazo zimatasa khona neziguli.