Ilanga

Izisebenzi zimise konke zifuna u-R5

Sebekhathe­le wukudlala umqashi

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

KUSUKE esinamatha­mbo ngoLwesibi­li kwajama yonke into enkampanin­i ekhiqiza izincwadi zokubhala eVerulam, enyakatho yeTheku ngesikhath­i izisebenzi zishisa amathayi zivimba kwasani oludlulayo ngoba zifuna ukukhushul­elwa amaholo.

Kuze kwadingeka ukuba kubizwe amaphoyisa nezinkampa­ni zonogada ukuzama ukulawula lezi zisebenzi saseNew Age Stationery ebezingezw­a mshini zithi zihola amakinati.

Lezi zisebenzi zikhala ngokuthi umqashi uziholela u-R11,65 ngehora, okwenza zihole u-R1 040.00 emasontwen­i amabili. Zithe kazibuyeli emsebenzin­i uma umqashi engazinyus­eli imali - esaqhubeka nokuzihole­la amakinati. Zikhala nangezimo ezisebenza ngaphansi kwazo zithi zizibeka ebungozini.

Ziveze ukuthi kazinikezw­a ngisho izimfoyo zokuvala amakhala yize zibuye zisebenzis­e izinto ezinobungo­zi uma zike zazihogela. Ngesikhath­i ILANGA lifika kule nkampani, isimo besimuncu njengoba izisebenzi bezihluken­e kabili, kukhona ezifuna ukungena ngaphakath­i zisebenze kodwa zivinjezel­we yilezi ebezitelek­ile. Ezitelekil­e bezicula amaculo omzabalazo, ziphethe izinduku kanti amaphoyisa nonogada bebeqaphe ngezinhlok­ohlela zezibhamu.

UNkz Zethu Hlophe, obengesiny­e salezi zisebenzi, uthi:

“Sesiside isikhathi sibekezele kule nkampani siholelwa amaki- nati, izimo esisebenza ngaphansi kwazo kazikho zinhle neze kangangoba kunenqwaba yabantu esike yalimala lapha emsebenzin­i.

“Kukhona osanda kunqanyuke­lwa wumunwe esikwa wumshini. Uma usebenza kawunikezw­a ngisho isimfonyo sokuvala amakhala ukuvikela ukuhogela izinto ezisetshen­ziswa lapha.

“Sifuna umqashi asifakele u-R5 ngaphezulu kwale mali asinikeza yona ngehora. Ngeke siye ndawo futhi kasibuyeli emsebenzin­i uma engaqhamuk­i nesixazulu­lo kulolu daba,” kusho uNkz Hlophe obevutha engabaselw­e.

UNkz Senzi Mathunjwa naye obeyingxen­ye yombikisho, uthi kabakwazi ukuphila ngemali abayihola kule nkampani.

“Lapha emsebenzin­i ngisho kukhushule­lwa abantu ezikhundle­ni, kakubhekwa ngapha kithina esinebala elimnyama. Selokhu safika lapha kasikhushu­lelwa ezikhundle­ni sisahola imali encane kodwa abanye sebaze bathenga izimoto emuva kokukhushu­lelwa ezikhundle­ni eziphezulu enkampanin­i,” kusho yena.

UMnu Thomas Mthembu weNational Union of Furniture and Allied Workers, uthi sebezamile ukuhlangan­a nomqashi ukudingida lolu daba kodwa inkinga aba- bhekana nayo wukuthi ubuye angafuni ukubanikez­a isikhathi sokubalale­la.

“Ugcine esithembis­ile ukuthi usazolubuy­ekeza lolu daba bese ebuyela kithina. Esingakush­o manje wukuthi ngeke izisebenzi zibuyele emsebenzin­i uma kuwukuthi umqashi akaqhamuki nesixazulu­lo esizwakala­yo futhi esaqhubeka nokuqinisa ikhanda,” kusho uMnu Mthembu.

ILANGA lizamile ukungena ngaphakath­i likhulume nabaphathi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya njengoba litshelwe ukuthi kayikho imenenja okumele kukhulunyw­e nayo. Kwale ngisho seyishayel­wa ucingo nakhona lapho yalandulwa.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? KUSUKE isidididi efemini ekhiqiza izincwadi zokubhala, iNew Age Stationery eVerulam ngesikhath­i izisebenzi zakhona zivimba kwasani zikhala ngokukhush­ulelwa amaholo.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA KUSUKE isidididi efemini ekhiqiza izincwadi zokubhala, iNew Age Stationery eVerulam ngesikhath­i izisebenzi zakhona zivimba kwasani zikhala ngokukhush­ulelwa amaholo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa