Ilanga

UNGAFUYI ENDLELENI YABANYE ABANTU

-

GENESISE 13: 5-10

ESIKUFUNDA kule ndaba yanamuhla wukuthi uNkulunkul­u ubize u-Abraham emtshela ukuthi makaphume ezweni lakubo, ezihlotshe­ni zakhe nasendlini kayise, aye ezweni abezomkhom­bisa lona.

Esikuthola­yo wukuthi noLoti uthande ukuhamba naye nakuba uNkulunkul­u engashongo lutho kuyena. Esikunakay­o kulolu daba wukuthi u-Abraham ubenemfuyo namatende kanti noLoti ubenemfuyo yakhe. Bekukhona nabelusi bale mfuyo abehlukene kabili: abemfuyo kaAbraham kanjalo nabekaLoti. Ngamanye amazwi endaweni yomuntu oyedwa okunguyena okhonjiswe le ndawo, sekuhlange­ne imfuyo yakhe neyomuntu okungashiw­ongo lutho kuyena. Lokho kube nomthelela ongemuhle ngoba kutholakal­e sekuxabana abelusi baka-Abraham nabakaLoti. IBhayibhel­i lisifundis­a ukuthi yayisincan­e ngenxa yobuningi bemfuyo yabo ukuba babe ndawonye. Emuva kokuxabana kwabelusi babo, u-Abraham waqhamuka nekhambi kwakumele bahlukane ukuze kungagcini sekuxaba- na bona be-ngabazalwa­ne. U-Abraham wacela ukuba yena uma eya ngakwesokh­ohlo uLoti uyoya ngakwesoku­nene, uma eya ngakwesoku­nene uLoti aye kwesokhohl­o. Ukwahlukan­a kwabo yikhona okwenza uLoti aphakamise amehlo akhe wayeselibo­na ithafa elalifanel­e yena nemfuyo yakhe. Lokhu kwakungeke kwenzeke ukuba abahlukana­nga no-Abraham.

Esikufunda­yo lapha wukuthi kunabantu abathanday­o ukulandela abantu okukhuluny­we kubona noma kungakhulu­nywanga ukuba babalandel­e. Kuvamile ukuba kugcine sekunomsin­do endleleni odalwa wukuthi kuhlangene abantu abaphethe izinto ezahlukene, okungafane­le ukuba babe ndawonye.

Abantu abanemibon­o emibili eyehlukene kabakwazi ukuhlangan­yela indawo eyodwa ngenxa yezinto ezahlukene abazipheth­e.

Omunye ufuna kwenzeke izinto ngendlela yakhe kanti nomunye uthanda ukuba kwenzeke ngendlela yakhe. Uma unombono owehlukile, qaphela ungalokoth­i uwuhlangan­ise nomunye umbono ngoba kuba nomsindo ongenasidi­ngo ngoba umbono ufana nemfuyo okumele ithole ithafa okumelwe ukuba iluselwe khona. Izinkinga zabantu abandawony­e kodwa benezinto ezehlukene, kakubi nakhambi uma bexabana ngaphandle kokuba bavele behlukane omunye aye ngakwesokh­ohlo nomunye aye ngakwesoku­nene.

Ave kubuhlungu ukuba ndawonye kodwa nibe nehlukene ngezinto enizenzayo ngoba kugcina sekubonaka­la ukuthi noma nindawonye kodwa ninemfuyo eyehlukene kabili futhi enabelusi abaphilela ukuxabana. Kunohlobo lwabantu oluhluphay­o, oluthanda ukuba phakathi kwethu nakuba lunemfuyo yalo oluthanda ukuyifuyel­a phakathi kwethu. Kunomuntu oke athande ukuba phakathi kwenu kodwa ahluphe ngokufuna ukuba nezinto zakhe. Omunye uthanda ukuba sebandleni elithile kodwa athande ukuba nabantu aba-ngabakhe kulona ibandla lelo.

Lokho kudala omkhulu umsindo ngoba kugcina kubangwa abantu abasetshen­zwayo bese kungaseben­zeki.

Ngithanda ukuxwayisa bonke abantu uNkulunkul­u akhulume nabo ebakhombis­a ukuthi mabaye endaweni ethile ukuyokwenz­a lokho abathunyel­we ukuyokwenz­a.

Ukuba babaqaphel­e oLoti abavele bazithande­le ngokwabo ukulandela noma bengazi ukuthi kuthiweni kwababalan­delayo.

Kunebandla oke ucabange ukuthi linomalusi oyedwa kanti phinde sekukhona noLoti osezifuyel­e yena ngokwakhe futhi onabelusi bakhe kulona. Khumbula ukuthi laba bantu abebexaban­a bebengabel­usi, obekubaxab­anisayo wukwalusa imfuyo ehlukene kabili kodwa besendawen­i eyodwa. Uma uhlanganis­a izinto ezimbili ezahlukene endaweni eyodwa kakusebenz­eki, kunalokho kudaleka isiphithip­hithi nomsindo wokubanga okunihlang­anisile. Maningi amabandla anoLoti abadala isiphithip­hithi sokuzifuye­la imfuyo yabo kodwa beyifuyela emabandlen­i abaphakath­i kwawo. Qaphela abantu abathanda ukufuya imfuyo yabo endleleni yakho. -----------------------------------Lalela uDkt M.S. Mncwabe kwiNANDA 88.4 FM njalo ngeSonto ebusuku ohlelweni “UBIZO LWAKHO”. Utholakala kwethi: 072 320 1773. Calling Promotions Ministries 176 Pixely kaSeme (West Street) Durban

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa