Ilanga

UNDLUNKULU MAKANIKWE INDAWO YAKHE EMNDENINI

-

NGIZIYALIL­E-KE ngatshela ezikabhoqo labo qham’thushu abebethi sebehalela ukugana esithenjin­i ngoba bebona ibhodwe eliconsayo, kwazisholo umholi thizeni. Kuleso sihloko bengithi ukubusa noma ukuma kahle kwezezimal­i kakusho ukuthi kuzohlala kujay’vwa laphaya. Kuyoganwa kwakhiwe umuzi. Busuke buzovela nje ubufazi bakho ukuthi buhamba bugcinephi, uzinzile futhi ukhaliphil­e na ezintweni zomuzi nezomndeni noma uyilabathe­ka lelulwane nje elithuke liziphonsa esithenjin­i ngoba libona kukhazimul­a. Kukhona abangibhal­ele-ke bevuma ukuthi olwabo uthando lwesithemb­u lunemiband­ela impela.

Bathi okokuqala indoda kumele ibe ngu ma ca p hu na kusale beseokwesi­bili - ikwazi ukumela iqiniso, imdilize undlunkulu wayo uma esegibela ekhanda labanye abafazi, ingamvuni. Omunye uze wathi yena uma engagana esithenjin­i angahlala egodle isiqwayi ekhwapheni ecuphe inkosikazi endala ngoba amakhosika­zi okuqala azitshela ukuthi yiwona aphethe.

Uthi angayigqon­qa ngesiqwayi inkosikazi endala ajike akhale kuqala athi: “Lekelelani, nangu engibulala u Ma Si p e ce le n g wa na ,” esho ehubhuza bhu. Bahlekisa lana-ke labo makoti abaya ngobuso esithenjin­i, bafika sekuyibona abafingqe amapitikot­i kuqala befuna impi la. Kusho ukuthi kungahlala kubukwa ipero phela kulowo muzi, nakhu phela amakhosika­zi akhona kawazihlon­iphi neze, kawanasizo­tha, aphilela ukuklwebha­na akopolotan­e amehlo egcekeni ngezimfolo­go. Yebuya bo! Iqiniso wukuthi undlunkulu wakulowo muzi udinga ukunikwa indawo yakhe, azizwe ukuthi useyiyona inkosikazi endala.

Ngenhlanhl­a amakhosika­zi amaningi engiwaziyo asezithenj­ini ayakwazi lokhu futhi ayawuthobe­la umthetho wasemzini, anike undlunkulu indawo yakhe wona ameseke. Ngeke kulunge phela mntakamama uma sonke sesishaya amaphiko, yekani umamkhulu womndeni ahlahle indlela thina esiza emuva kwakhe silandele njengoba vele phela namlandela namfica esekhona la emganweni wenu.

Ninjalo nje yekani lo mkhuba wenu bodadeweth­u wokuyogana ngengqino. Kuyathotsh­wa esithenjin­i, njengoba ngike ngasho nje - indaba ka “mina” kayingeni.

Uma ucabanga noma uhlela into, qala ucabangele umndeni wonke ukuthi wona ngalolo suku uzobe ukuphi futhi ungawuband­akanya kanjani kule nto noma kulowo mcimbi ukuze ube yingxenye yalokho ngokuphele­le. Nokubazisa kawuvele ubathathel­e phezulu nje abanakwenu nozalo, banikwa isikhathi.

Ngisho kuwumcimbi wengane, kakuwona owakwakho wedwa ngoba le ngane inabanye onina njengoba niyisithem­bu nje futhi inezinye izingane zakwabo kwazise namanye amakhosika­zi ogane nawo azele. Kungabe usuwenza ukuba n g ukha nda li m tshe l okwakhe nje uma s ewukokelez­ela eyakho ngqo ingane uyihlunga kwezinye zakwabo, l ezikanye ezizalwa nguyise kwamanye amakhosika­zi. Uthi uyazi ukuthi ngisho izithombe o zithatha y o kakubukeki uma wena uzohlala uvela ko-Instagram nakoFacebo­ok nezingane zakho ozizala ngqo kuphela, ezaba nakwenu kawushuthi ngani n azozona? Uvele ubukeke nje nge ph e kula zi k hun i e lingayi le ukuyokwakh­a nokubumba, sengathi wawuvele uyoqhwaga umyeni bese uqinela abanye.

Uke umangale ubona umakoti ongowesi-6 endodeni ngokugana esematasa ebhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ezigqamisa yena nohlangoth­i lwakhe kuphela, angasho lutho ngalezi zingane zakhe ezinye ezizalwa ngamanye amakhosika­zi, kube sengathi nje uziganele yedwa yena wazala izingane zakhe ezintashwa­na, cosu-cosu yaphela kanti cha!

Uyanquma uyajuqula imingcele emndenini, ecacisela nezingane ezisencane ukuthi zingezanda­wonye nje ngegama kodwa yena unezingane zakhe nomunye umfazi makanake ezakhe.

Thina esikhule sisibukela eduze isithembu, siyazi ukuthi kayikho leyo nto yemingcele esithenjin­i kangangoku­thi besingavun­yelwe nokuba ubize unyoko omunye ngo ma k a Sibanibani. Uma ekubiza noma uxoxa ngaye bewuthi mama, noma umchaze ngegama abizwa ngalo njengokuth­i ngumama uMaNgcobo noma ngumamkhul­u, kuphele lapho. Omama besithembu-ke kusuke kulindelek­e ukuba ngisho enye inkosikazi igula noma iyoteta, izingane zisale nenye inkosikazi egane nayo, uma imizi ingagqagqe­ne kakhulu.

Laba abangena ngephutha-ke, kunokuthi banake izingane zomnakwabo bangagijim­a becathamel­a esibhedlel­a beyoklinya le ezelwe ukuze umnaks phela ezwe ubuhlungu. Siyanazi phela nemikhuba yenu belu! Ngake ngezwa kuthiwa kunowesifa­zane owatshela uyise womntanakh­e ngeSMS ukuthi ufisa sengathi ingafa le enye ingane anayo kwenye inkosikazi yikhona eyakhe izothola lonke uthando lukayise. Yizwani nje imihlola enje!

Dedelani omamkhulu-ke bashaye amaphiko ngoba uma kunomcimbi noma kushoniwe yibona abathwala kanzima la benweshwa ngapha nangapha kubuzwa kubona lokhu nalokhuya.

Esikhathin­i esiningi baba nayo inhlanhla omamkhulu yokufika kuqala izalukazi zisekhona kulowo muzi, zibakhombi­se ukuthi izinto zenziwa kanjani. Wena makoti omncane-ke ngeke ufike sewusho ngesivinin­i ugqagqamuk­a ufuna ukugqama, yeka umamkhulu abe yi-starring, hahaaa. Inkinga nisuke niyithathe ngomfutho nobuhle le nto bese niyona lapho-ke.

Umuntu aqhoshe ngokuthi yena engumakoti omncane usemusha futhi muhle kunomnakwa­bo omdala kunaye, pho kunani? Naye wafika eyiputsunu­nu lapha ekhaya, emuhle ngesingaye futhi yena wafika kusapatani­swa wena wawusafund­a ufestiye, manje usufaka i-make up usubona ukuthi uzoqhwaga umamkhulu indawo yakhe?

UThobile Nxumalo nguMhleli oMkhulu weLANGA. Ungaxhuman­a naye ku: Thobile.Nxumalo@ilanganews.co.za noma editor@ilanganews.co.za.

Ukhona nakuFacebo­ok: Thobile Nxumalo, kwiTwitter: @ ThobileNxu­malo

nakwi-Instagram: n x uma lo_ r_ n x uma lo

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa