UNDLUNKULU MAKANIKWE INDAWO YAKHE EMNDENINI
NGIZIYALILE-KE ngatshela ezikabhoqo labo qham’thushu abebethi sebehalela ukugana esithenjini ngoba bebona ibhodwe eliconsayo, kwazisholo umholi thizeni. Kuleso sihloko bengithi ukubusa noma ukuma kahle kwezezimali kakusho ukuthi kuzohlala kujay’vwa laphaya. Kuyoganwa kwakhiwe umuzi. Busuke buzovela nje ubufazi bakho ukuthi buhamba bugcinephi, uzinzile futhi ukhaliphile na ezintweni zomuzi nezomndeni noma uyilabatheka lelulwane nje elithuke liziphonsa esithenjini ngoba libona kukhazimula. Kukhona abangibhalele-ke bevuma ukuthi olwabo uthando lwesithembu lunemibandela impela.
Bathi okokuqala indoda kumele ibe ngu ma ca p hu na kusale beseokwesibili - ikwazi ukumela iqiniso, imdilize undlunkulu wayo uma esegibela ekhanda labanye abafazi, ingamvuni. Omunye uze wathi yena uma engagana esithenjini angahlala egodle isiqwayi ekhwapheni ecuphe inkosikazi endala ngoba amakhosikazi okuqala azitshela ukuthi yiwona aphethe.
Uthi angayigqonqa ngesiqwayi inkosikazi endala ajike akhale kuqala athi: “Lekelelani, nangu engibulala u Ma Si p e ce le n g wa na ,” esho ehubhuza bhu. Bahlekisa lana-ke labo makoti abaya ngobuso esithenjini, bafika sekuyibona abafingqe amapitikoti kuqala befuna impi la. Kusho ukuthi kungahlala kubukwa ipero phela kulowo muzi, nakhu phela amakhosikazi akhona kawazihloniphi neze, kawanasizotha, aphilela ukuklwebhana akopolotane amehlo egcekeni ngezimfologo. Yebuya bo! Iqiniso wukuthi undlunkulu wakulowo muzi udinga ukunikwa indawo yakhe, azizwe ukuthi useyiyona inkosikazi endala.
Ngenhlanhla amakhosikazi amaningi engiwaziyo asezithenjini ayakwazi lokhu futhi ayawuthobela umthetho wasemzini, anike undlunkulu indawo yakhe wona ameseke. Ngeke kulunge phela mntakamama uma sonke sesishaya amaphiko, yekani umamkhulu womndeni ahlahle indlela thina esiza emuva kwakhe silandele njengoba vele phela namlandela namfica esekhona la emganweni wenu.
Ninjalo nje yekani lo mkhuba wenu bodadewethu wokuyogana ngengqino. Kuyathotshwa esithenjini, njengoba ngike ngasho nje - indaba ka “mina” kayingeni.
Uma ucabanga noma uhlela into, qala ucabangele umndeni wonke ukuthi wona ngalolo suku uzobe ukuphi futhi ungawubandakanya kanjani kule nto noma kulowo mcimbi ukuze ube yingxenye yalokho ngokuphelele. Nokubazisa kawuvele ubathathele phezulu nje abanakwenu nozalo, banikwa isikhathi.
Ngisho kuwumcimbi wengane, kakuwona owakwakho wedwa ngoba le ngane inabanye onina njengoba niyisithembu nje futhi inezinye izingane zakwabo kwazise namanye amakhosikazi ogane nawo azele. Kungabe usuwenza ukuba n g ukha nda li m tshe l okwakhe nje uma s ewukokelezela eyakho ngqo ingane uyihlunga kwezinye zakwabo, l ezikanye ezizalwa nguyise kwamanye amakhosikazi. Uthi uyazi ukuthi ngisho izithombe o zithatha y o kakubukeki uma wena uzohlala uvela ko-Instagram nakoFacebook nezingane zakho ozizala ngqo kuphela, ezaba nakwenu kawushuthi ngani n azozona? Uvele ubukeke nje nge ph e kula zi k hun i e lingayi le ukuyokwakha nokubumba, sengathi wawuvele uyoqhwaga umyeni bese uqinela abanye.
Uke umangale ubona umakoti ongowesi-6 endodeni ngokugana esematasa ebhala ezinkundleni zokuxhumana ezigqamisa yena nohlangothi lwakhe kuphela, angasho lutho ngalezi zingane zakhe ezinye ezizalwa ngamanye amakhosikazi, kube sengathi nje uziganele yedwa yena wazala izingane zakhe ezintashwana, cosu-cosu yaphela kanti cha!
Uyanquma uyajuqula imingcele emndenini, ecacisela nezingane ezisencane ukuthi zingezandawonye nje ngegama kodwa yena unezingane zakhe nomunye umfazi makanake ezakhe.
Thina esikhule sisibukela eduze isithembu, siyazi ukuthi kayikho leyo nto yemingcele esithenjini kangangokuthi besingavunyelwe nokuba ubize unyoko omunye ngo ma k a Sibanibani. Uma ekubiza noma uxoxa ngaye bewuthi mama, noma umchaze ngegama abizwa ngalo njengokuthi ngumama uMaNgcobo noma ngumamkhulu, kuphele lapho. Omama besithembu-ke kusuke kulindeleke ukuba ngisho enye inkosikazi igula noma iyoteta, izingane zisale nenye inkosikazi egane nayo, uma imizi ingagqagqene kakhulu.
Laba abangena ngephutha-ke, kunokuthi banake izingane zomnakwabo bangagijima becathamela esibhedlela beyoklinya le ezelwe ukuze umnaks phela ezwe ubuhlungu. Siyanazi phela nemikhuba yenu belu! Ngake ngezwa kuthiwa kunowesifazane owatshela uyise womntanakhe ngeSMS ukuthi ufisa sengathi ingafa le enye ingane anayo kwenye inkosikazi yikhona eyakhe izothola lonke uthando lukayise. Yizwani nje imihlola enje!
Dedelani omamkhulu-ke bashaye amaphiko ngoba uma kunomcimbi noma kushoniwe yibona abathwala kanzima la benweshwa ngapha nangapha kubuzwa kubona lokhu nalokhuya.
Esikhathini esiningi baba nayo inhlanhla omamkhulu yokufika kuqala izalukazi zisekhona kulowo muzi, zibakhombise ukuthi izinto zenziwa kanjani. Wena makoti omncane-ke ngeke ufike sewusho ngesivinini ugqagqamuka ufuna ukugqama, yeka umamkhulu abe yi-starring, hahaaa. Inkinga nisuke niyithathe ngomfutho nobuhle le nto bese niyona lapho-ke.
Umuntu aqhoshe ngokuthi yena engumakoti omncane usemusha futhi muhle kunomnakwabo omdala kunaye, pho kunani? Naye wafika eyiputsununu lapha ekhaya, emuhle ngesingaye futhi yena wafika kusapataniswa wena wawusafunda ufestiye, manje usufaka i-make up usubona ukuthi uzoqhwaga umamkhulu indawo yakhe?
UThobile Nxumalo nguMhleli oMkhulu weLANGA. Ungaxhumana naye ku: Thobile.Nxumalo@ilanganews.co.za noma editor@ilanganews.co.za.
Ukhona nakuFacebook: Thobile Nxumalo, kwiTwitter: @ ThobileNxumalo
nakwi-Instagram: n x uma lo_ r_ n x uma lo