ZIBONDIWE NGAMAFILIMU ETHEKWINI
IVULWA ngokusemthethweni namuhla (ngoLwesine) ebusuku iDurban International Film Festival (DIFF), nokuwumbukiso wezinhlobonhlobo zamafilimu odume umhlaba wonke.
Sekungokwama-38 wenzeka lo mbukiso onikeza abakhiqizi bamafilimu ithuba lokuhlanganyela ndawonye kuthuthukiswana.
Ngale kwemincintiswano nokubukwa kwamafilimu okwenzeka cishe nsuku zonke ngesikhathi uqhubeka, abanothando lwale mboni balekelelwa ngezindlela ezahlukene.
Lapha sikhuluma kusukela ekuthuthukiseni ikhono lokulingisa, ukukhiqiza, kubanike nethuba lokweshela abatshali zimali imbala. Umcimbi wokuvulwa kwe-DIFF usePlayhouse, enkabeni yeTheku, lapho kuzovulwa ngefilimu yakuleli iSerpent.
Ngosuku lokuvulwa kuyaye kunikezwe ithuba abasunguli bayo (DIFF), bachaze ngokuzokwenzeka ezinsukwini ezilandelayo njengoba izoze igoqwe ngempelasonto ezayo zingama-23.
Kubuye kuhanjelwe nezikhungo zamafilimu ezisemalokishini nokuyinto engajwayelekile, kube nezigcawu zokuhlonyiswa ngolwazi kwabasafufusa.
Bazobe bethe chithi saka abavela kule mboni bakwamanye amazwe omhlaba njengokujwayelekile.
Khona manjalo, ngoMgqibelo zizobe zidlana imilala khona ePlayhouse kusihlwa kumenyezelwa abanqobe kumaSimon Mabhunu Sabela Awards.
Lo mncintiswano wezindondo sekuwunyaka wesihlanu uhlelwa yiKwaZulu-Natal Film Commission. Kugxilwa kakhulu kulabo baKwaZulu-Natal abagqamile ngaleso sikhathi, nalabo abawumhlahlandlela kwezamafilimu, izingwevu.