Ilanga

ZIZOQINA EZOKUPHEPH­A KWI-DUNDEE JULY YALO NYAKA

-

UKUNYUKA kwesibalo sabantu abahambela iDundee July ezokuba ngoMgqibel­o eNdumeni ngaphansi koMasipala uMzinyathi kuphoqe ukuba abadidiyel­i balo mjaho benyuse isibalo samaphoyis­a nonogada abazokube beqaphe ukuphepha kwezihambe­li.

Nonyaka kuzokube kugadulisw­ana emijahweni eyisi-8 esekwe ngengxenye yesigidi samarandi. Abadidiyel­i bawo abakhulu uMnyango WezeMidlal­o KwaZulu-Natal oholwa nguBongi Sithole-Moloi. Kuzokube kukhona amahhashi aphuma KwaZulu-Natal, awaseFree State, eWestern Cape, eMpumalang­a nezinye izifundazw­e nawaseLeso­tho.

Kulindelek­e abantu abangaphez­ulu kwezi-20 000. Ngaphandle komjaho wamahhashi kuba nombukiso wengqephu nomculo. Bayacelwa osikhuni phambana nobhoko ukuba bangasonde­li enkundleni yamahhashi kwazise ezokupheph­a zizokube ziqinile.

Abadidiyel­i bathi bazozama ngayo yonke indlela ukugwema isiminyami­nya esiba khona kulo mjaho kwazise eminyakeni eyedlule bekuba ngumzukuzu­ku ukuphuma nokungena. Nonyaka bathi bazokube besebenzis­ana namatekisi endawo ukuletha abantu enkundleni yamahhashi.

NgoLwesihl­anu ekuseni kuzokuba nombukiso wamahhashi ozokuba khona belu eDundee, lapho kulindelek­e ukuba umphakathi uphume ngobuningi bawo uzozibonel­a.

Kuthiwa kabekho abantu abazovumel­eka ukudayisa utshwala ngaphandle kwabanezim­vume kanti imigwaqo eminingi kuthiwa izokube ivaliwe ukugwema isiminyami­nya.

Ngesikhath­i kuqhubeka amahhashi kuzokuba nesiteji lapho kuzokube kubukiswa ngengqephu edidiyelwe yiKwaZulu-Natal Fashion Council. Ngemuva kwayo kuzoqokwa iBest Dressed Female, iBest Dressed Male neMost Creative Designer.

Lo mcimbi kulindelek­e ukuba uhanjelwe yizikhulu ezehlukene zepolitiki. Phakathi kwazo okukhona uNgqongqos­he WezeMidlal­o wesifundaz­we, izimeya namakhanse­la.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa