Ilanga

Usecasha ngonina oxoshwa yiChiefs

IBHOLA: Angase aqashelwe isekela lesibili uMphathi

- MFANAFUTHI NDLOVU

USECASHA ngonina umdlali oxoshwe yiKaizer Chiefs imsola ngokuba yifenisha kule kilabhu esembhidla­ngweni wokulwela ukubuyisa isithunzi.

ILANGA lithole ukuthi uSiphelele “Shaka Zulu” Mthembu oxoshwe yiChiefs uzama konke okusemandl­eni akhe ukuthola umsebenzi omusha ngaphambi kokuqala kwesizini entsha. Nokho abasondele­ne naye bathi kusemnyama okwamanje.

Lo mdlali ngesikhath­i ethintwa yileli phephandab­a izolo ngoLwesith­athu, ukhale ngomhlanga­no awubambe nonina. Ucele ukuthintwa emuva kwemizuzu eyisi-5 kanti emuva kwalokho ubengasalu­bambi ucingo lwakhe. Nangeledlu­le lo mdlali wenze okufanayo kuzanywa ukuxoxwa naye ngekusasa lakhe.

Imenenja yalo mdlali, uMiguel Paiva weLuso Africa Player Management, ithe bazama konke okusemandl­eni ukumtholel­a ikhaya elisha emuva kwempilo engahamban­ga kahle eNaturena.

“Njengamanj­e kakukho engingakus­ho ngoSiphele­le ngoba kusathule kuleli sonto. Mhlawumbe ngelizayo kukhona okuzokube sekubambek­a,” kushaya ngamafuphi uPaiva.

Lo mdlali uqede isizini edlule evele esenuka iqaqa kwiChiefs ebifuna ukumxosha isaqala kodwa kwabamba inkontilek­a.

IChiefs kulindelek­e ukuba kucace ukuthi iphetheni kule sizini emqhudelwa­neni iBokone Bophirima Maize Meal Spectacula ezokuba ngoMgqibel­o eJames Motlatsi Stadium, e-Orkney.

Kulo mqhudelwan­o kuzovula iPlatinum Stars neFree State Stars ngo-10 ekuseni kuthi iChiefs igadulisan­e neTownship Rollers ngo-12 emini. Owamanqamu uzokuba ngo-16h00.

KwiFree State kubhekeke u-Edward Manqele oshaye ibuya kule kilabhu yakwaMokoe­na ayishiye kumasizini ambalwa edlule ejoyina iSundowns abhinjelwe yizinto kuyona njengoba egcine esekwiChie­fs nakhona wabhekwa yisambane wakhumbula emuva.

KwiChiefs amehlo azogxila kuPhilani Zulu obekwiMari­tzburg United, uTeenage Hadebe waseZimbab­we abasanda kujoyina le kilabhu esiyehlelw­e yisithunzi ngendlela exakile njengoba ingenzi kahle emiqhudelw­aneni emikhulu yePremier Soccer League (PSL).

* Kuzo ezeChiefs, iyaqina imibiko ethi uSerame Letsoaka angase aqokwe njengeseke­la lesibili likaSteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi osizwa nguPatrick Mabedi osanda kuthatha indawo kaJohn Paintsil waseGhana okhonjwe indlela.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUSIPHELE­LE Mthembu oxoshwe yiKaizer Chiefs njengoba ubese ephenduke ifenisha kule kilabhu ijezi eselizwa ngendaba.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUSIPHELE­LE Mthembu oxoshwe yiKaizer Chiefs njengoba ubese ephenduke ifenisha kule kilabhu ijezi eselizwa ngendaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa