Ufuna u-R1.5m obizwe ngenkawu
Ubonga ngokungenelela
UFUNA uR 1.5 million ngokwehliswa isithunzi ngobengumqashi wakhe owesilisa waseJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal emuva kokunqoba icala abelifake eNkantolo yezokuLingana, eThekwini. UMnu Thabo Lungisani Khanyile ubemangalele uMnu Mohammed Razeeiden Ali ongumnikazi weBlue Ocean Security Company ngokumbiza ngenkawu.
NgoMsombuluko uMohammed ulahlwe ngecala lokwehlisa isithunzi sikaMnu Khanyile. Leli cala liqulwa nje, uMnu Khanyile ubeselahle ithemba ngokuthi lisayobuye liqulwe emuva kwesenzo somphenyi walo osebenzela esiteshini samaphoyisa asePhoyinti eThekwini obelokhu ebhala ecisha, engafuni ukulandisa isisulu ngokuqhubekayo.
UMnu Khanyile uthe ubonga amandla eLANGA ngokusukumela lolu daba ngoba emuva kombiko walo ziqalile eziphuthumayo zokuludingida. Phambilini ubetshele leli phephandaba ngalolu daba ngoba enovalo lokuthi kungase kube nokwenzelela enkantolo ngoba uMohammed, uMshushisi London Hussein, yimantshi uMnu Mourrienyeing (eligcine lingatholakalanga igama lakhe eliphelele) bangabohlanga olulodwa.
Imantshi ilahle ummangalelwa ngecala maqede yamgweba izinyanga ezintathu ebhadla ejele noma akhokhe u-R10 000 00 nenhlawulo ka-R20 000, 00 okufanele ufakwe esikhwameni seMandela Foundation. UMohammed uqoke ukukhokha imali kunokuba abhadle ejele. Ngaphezu kwalokho, ubuye walengiselwa isigwebo seminyaka eyisihlanu, engatholakali enza icala elifanayo.
UMnu Khanyile utshele ILANGA ukuthi kumanje usezinhlelweni zokufaka amaphepha enkantolo ukuze umsolwa ezogeza igama lakhe ngokumehlisa isithunzi. “Ngibonga ukungenelela kweLA
kulolu daba ngoba besekuthulekile. Ukuba kanithintanga izikhulu zamaphoyisa esigabeni esiphezulu, belungeke lukhulunywe lolu daba. Ngiyabonga kakhulu ngenikwenze kimi, sengathi ningaqhubeka njalo nokulwela abangakwazi ukuzilwela. Ngifuna angikhokhele u-R1,5 million ngokubukisa engehlisa isithunzi engifanisa nenkawu. Kusho ukuthi ngokwakhe ngiyisilwane mina. Sekuwumlando ukuthi bengichashiswa okwengcanga uma ngiso- ndela kumphenyi wecala ngifuna ukwazi ngokuqhubekayo ngaleli cala.
"Sekuwumlando ukuthi bebevalelana nommangalelwa ehhovisi lomshushisi, uma ngithi ngicela ukukhuluma nomphenyi wecala ngifuna ukusho okuthile, avele angisuse ngesankahlu eduze kwakhe.
"Leli cala lingifake kwezinkulu izindleko ngisuka eJozini ngiya enkantolo eThekwini. Nakuba bengingethembi kodwa ngigculisekile ngendlela inkantolo esingathe ngayo leli cala,” kusho uMnu Khanyile.