BANGALILAHLI ITHEMBA ABACULI ABANGAQOKWANGA KUMA-SATMA
UKUNGAQOKWA kwabamanye amaciko akusikhona ukuthi yingoba engakulungele ukuqokwa kodwa asenalo ithuba nangokuzayo.
UMsunguli wamaSouth African Traditional Music Achievements Awards(SATMA), uDkt Dumisani Goba, uthi basazolithola nabanye abaculi ithuba bengaphatheki kabi ngokungaphakanyiswa kwamagama abo.
Uveze nokuthi abanye abangaqokwanga kwenziwe ngukuthi abawathumelanga ama- forms okungenela. Lokhu ubekusho ngoMgqibelo ebusuku e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) eThekwini emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kwamaciko aqokiwe kulo nyaka kuma Satma. Kulo mcimbi ingqephu kwimfashini beyidla lubi nokuyikhona okuthathe izihlwele lapho bebezibonakalisa khona abamodelayo.
Okushiye imibuzo eminingi ngukuthi njengoba ubuyile umkhakha wabasakazi, ngabe kuzokwenzakalani phakathi komsakazo uKhozi FM noMhlobo Wenene FM okuyiyona ebimisana kabi eminyakeni eminingi kulesi sicoco.
Le mikhakha ibisahoxisiwe ngenxa yokuthi kuhlonishwa ukudlula emhlabeni komsakazi woMhlobo wenene, uSaba Mbixane, olimale nesithuthuthu eminyakeni emibili edlule.
Kulo nyaka izinkani zababili kanti kubuye kwangezwa nemikhakha emisha. Abanqobile mhla zingama-30 kuMandulo (september) emcimbini ozokuba eMabatho Convention Centre eNorth West eMahikeng, uzohlomula imali engango-R20 000 ohambisana nendondo kanti u-R10 000 kuyona izogcinwa esikhwameni samaSatma ukuze iyomsiza umculi uma eseshonile. ABAQOKIWE Best Male
-Qadasi noMaqhinga Hadede -Quincy K Majotha The Lagacy iGeza lakwaMgube Madanono Best Female Artist
-Izindlovukazi zikaMageba -Buselaphi Best Poet
-Ndumiso Maphumulo -Magcwabe iMbongi -Bongani Mavuso Best Masikandi Album
-Buselaphi “uMakhandakhanda” -Amageza Amahle iNhlesa nenhlama
-Zanefa Ngidi “umalume umbavumbavu” -Maqhinga “isishwapha somona” -Bahubhe “Izihlwele” -Ama-SAP “Akenivume nithi” -Abafana bakaMgqumeni “six to six” Best Newcomer
-EzeNdidane -Isichomane sasoPongolo -Abafana bomndeni -Tau Pitso Best indigenous Comedian
-Hallo M -Tsepiso Nzayo -Elton Mduduzi -Comfort Masombuka -Sale man -Madeza Best Raggee Album
-Mucco “The Legacy” -Black Johman “Peace teacher” -Maqhawe Ngcobo “our prophet” Best Afro soul -Bheki Nqoko Vusi Nova -Branda Mntambo. Eminye imikhakha nabaqokiwe ikhona kule website: www.satmaawards.co.za