KUTHANQAZEKE UMLANDELI KUDLIWA I-CHIEFS
INDIDA kuthanqazeka umlandeli iSuperSport United ihlula iKaizer Chiefs ngo-1-0 wegoli likaJeremy Brockie kwi- quarter-final yeMTN8 ngoMgqibelo ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngesikhathi uphela nje umdlalo wala makilabhu ngemuva kancane kwehora lama22h00, kunomlandeli othanqazeke lapho kupaka khona izimoto esuka esitezi sokuqala sale nkundla ebigcwele iphuphuma abalandeli abayizi-45 000.
Leli phephandaba lithole imibiko ehlukene, bebodwa abathi uzithanqaze phansi ngoba ecikwa wukuhlulwa kweziMpofana, abanye bethi basola ukuthi ududulelwe phansi. Kuthiwa ungeniswe esibhedlela kukubi.
Lokhu kwenze ILANGA lathinta uVusi Mazibuko oyiMenenja yale nkundla, othe: “Ukhona umlandeli okuthiwa uthanqazeke lapho kupaka khona izimoto esuka esitezi sokuqala senkundla. Ulwazi olugcwele lwalolu daba ngizokuba nalo ngoMsombuluko (namuhla).”
Kucishe kwasuka esinye isidumo ngemuva kwalo mdlalo isigejane sabalandeli beChiefs sibhodla umlilo ngokungabi bikho kwezitimela eziya KwaMashu naseMlazi. Sigcine sisabisa ngokungqongqisa amahhovisi akwaMetrorail. Kuthiwa laba balandeli bahlale kwaze kwalamula ihora lesibili lapho kufike khona isitimela esithathe abaya KwaMashu sabuya ngelesithathu sesizocosha abalibhekise eMlazi.
Omunye umlandeli obehamba nesithandwa sakhe uthe: “Sizogcina singasayi ezinkundleni ngoba kasinakekelwa. Bengihamba nomndeni njengoba ngizithole sengisele dengwane.” UThabile Kunene okhulumela iMetrorail, uthe ngeke akwazi ukuphawula, makuxhunywane no-Isabel Westhuizen ongatholakalanga ngesikhathi sokuloba.