SENYUKILE ISIBALO SABANGENELE IMANDELA MARATHON
SENYUKE ngabasubathi abayizi-3000 isibalo sababhalisele ukubamba iqhaza kwiMandela Day Marathon ezokuba ngempelasonto yokugcina yale nyanga eMgungundlovu.
Lo mjaho uhlukaniswe izigaba eziyisi-7. NgoMgqibelo kuneTrial Run, iMountain Biking, iTriathlon neYouth Run, ngeSonto kube ne-42km ezoqala eManaye Hall, eMbali, i-21km ezosukela kwiHalf Way (ye-42km), i-10km ne-4.6664km ezogijinywa yizitatanyiswa.
Yonke le mijaho izophelela eHowick Capture Site.
Izibalo zomjaho wanonyaka ziqinisekiswe nguJohan van Staden ongumdidiyeli wawo. Uthi kwiRoad Running bebelindele abasubathi abayizi-9000 kodwa bathola abayizi-12 185. Uthi bahlelele abasubathi indawo yokulala eMbali naseHowick, kanti bazokwamukela kuphela abasubathi abayi1 200.
“Bonke abasubathi bazoshiya izimoto zabo eMbali bese sibathatha ngezethu sibayise lapho kuqala khona imijaho. Noma sebeqedile kuzokuba nezimoto ezizobathatha zibaphindisele emuva. Yonke imijaho yangeSonto izoqala ngo-6, izimoto zizoqala ngo-4 ekuseni ukuthutha abagijimi,” kusho uJohan.
Imiphumela yeSupa Mama 21km Challenge kwabesilisa ihambe kanje, esigabeni esivulelekile: 1.Bonginkosi Zwane 69:23, 2.Sithembele Fanekho 70:46, 3. Elvi Mjaja 73:05.
Kwabesifazane: 1.Loveness Madziva 83:41, 2.Nwabisa Mjoli 97:50, 3.Lisa Collett 98:06
Kwi-10km kwabesilisa: 1.Prodigal Khumalo 32:44. Kwabesifazane: 1.Zama Mokoena 40:47.
EyeCross Country ihambe kanje, kwabesilisa kwi10km: 1.Bonginkosi Zwane (Boxer) 37:04, 2.Sipho “Gift” Mbanjwa (Phantane) 37:08, 3.Mthokozisi Mazibuko (Speed Exp) 37:58. Kwabesifazane: 1.Nwabisa Mjoli (Hollywood Bets) 46:47, 2.Thobile Mkhize (Speed Exp) 47:19, 3.Bathabile Mkhize (Speed Exp) 47:42.