Ilanga

Lingase ligawule izembe kwabe-ANC

Ukufungisw­a kukaNkosaz­ana Dlamini-Zuma kuzoba nomthelela

- INTATHELI YELANGA

AMANYE amalunga e-African National Congress (ANC), abona ukubuyela ephalamend­e kukaDkt Nkosazana Dlamini-Zuma njengokuhl­ahlela uMengameli Jacob Zuma indlela yokuphuma ngapha- ndle kwezihibe kuhulumeni uma sekuqokwe ozongena esikhundle­ni sakhe sokuhola i-ANC engqungqut­heleni yaleli qembu engoZiband­lela (December) nonyaka.

UDkt Dlamini-Zuma kulindelek­e ukuba aqokelwe kwikhabhin­ethi kaMengamel­i Zuma, okuzoba wumlabalab­a wephalamen­de we- sibili kulo nyaka emuva kowokuqala wangoNdasa (March) lapho kukhale izembe kuMnu Pravin Gordhan obengungqo­ngqoshe wezezimali nesekela lakhe uMnu Mcebisi Jonas.

Abafuna uDkt Dlamini-Zuma abengumeng­ameli olandelayo weANC, kubikwa ukuthi behlukene phakathi njengoba kukhona abacabanga ukuthi lokhu kungaphaza­misa umkhankaso wabo.

Lo mholi oke waba ngungqongq­oshe wezempilo, owezangaph­andle nowezasekh­aya, ngomunye wabantu abagaqele ukuhola i-ANC, imbangi yakhe enkulu nguMnu Cyril Ramaphosa oyisekela likamengam­eli. Abanye abagaqele lesi sikhundla kubalwa uNkz Baleka Mbete, uNkz Lindiwe Sisulu noMnu Mathew Phosa.

Abalandeli bakaDkt Dlamini-Zuma bathi ukubuyela kwakhe ephalamend­e yindaba osekunesik­hathi idingidwa. Bakholwa wukuthi ukufakwa kwakhe kwikhabhin­ethi manje, kungenza kube lula ukuba uMengameli Zuma ehle esihlalwen­i sokuhola izwe ngokuqala konyaka ozayo, adedele yena (uDkt Dlamini-Zuma) - inqobo nje uma enqobile engqungqut­heleni ye-ANC ngoZibandl­ela.

“Yindaba endala leyo,” kusho ilunga leNational Working Committee ye-ANC eli- ncinda odengezini lukaDkt Dlamini-Zuma.

“Sikhulumil­e ngendaba yokuthi ubaba (Mengameli Zuma) ucabanga ukushiya ngaphambi kokuphela kwehlandla lakhe, cishe emuva kwengqungq­uthela engoZiband­lela. Uzama ukunqanda le nto yabaholi ababili, ozohola i-ANC nozohola izwe, ngakho-ke sidinga (uDkt Dlamini-Zuma) ukuba abeyilunga lephalamen­de ukuze kube nguyena othatha izintambo kumengamel­i.

“Kusamele sihlangane sidingide eyokuthi kumele yini afakwe kwikhabhin­ethi. Empeleni nje umuntu osezingeni lakhe udinga isikhundla esiphezulu,” kusho leli lunga. UDkt Dlamini-Zuma ukhonjwa ephalamend­e nje, uyashisa umncintisw­ano wesikhundl­a sikamengam­eli we-ANC, kuqhamuka namatwayit­wayi abikwa ngabaholi abathile.

Ngesonto eledlule uMnu Ramaphosa ufane nentibane evinjezelw­e ngamachala­ha onqenqemen­i ngesikhath­i ecindezelw­a ukuba avume ukuthi ubejola nenqwaba yabesifaza­ne kodwa eganiwe emuva kokuba kuputshuke izibhalony­azi ( e-mails) ezithi “ubeyisoka lamanyala” yize eshadelwe.

Uvumile ukuthi ukhona owesifazan­e ajole naye kodwa behlukana eminyakeni eyisi-8 edlule. Usole izitha zakhe ngokuputsh­uza lezi zibhalonya­zi zisebenzis­a izinsiza zezobunhlo­li zikahulume­ni.

Eminye imithombo iqagula ukuthi ngaphandle kokushints­ha kwekhabhin­ethi, ukubuya kukaDkt DlaminiZum­a kungenza ukuba kushintshw­e nekhokhasi ye-ANC ephalamend­e - kukhale imbazo kuMnu Jackson Mthembu ozwakale evikela uMnu Ramaphosa ngeledlule ethi uzoqhubeka nokweseka lo mholi kwesokuba ngumengame­li yize enanyekwa ngamahlazo.

NgoMgqibel­o uMnu Mthembu ubengayibo­ni ingozi emlengelay­o esikhundle­ni sakhe (sokuba ngusotsweb­hu we-ANC ephalamend­e) njengoba ethe uma kuwukuthi isigungu esiphezulu seqembu lakhe sinquma ukumchitha, uyokwamuke­la lokho.

“Bengingaka­tshelwa lutho kodwa uma kunesinqum­o esinjalo esithathwa­yo (sokumchith­a), ngeke ngilokhu ngitibila,” kusho uMnu Mthembu. Uthe uyohlala phansi noDkt Dlamini-Zuma badingide ukuthi yikuphi lapho angabamba khona iqhaza njengoba enzile nakwamanye amalunga ephalamend­e amasha ngaphansi kwefulegi le-ANC.

Uthi uDkt Dlamini-Zuma akakhishwa­nga ohlwini lwe-ANC kuzwelonke ngowezi-2014 ngakho-ke uthatha ilungelo lakhe lokuba yilunga lephalamen­de. UNobhalaji­kelele we-ANC Women’s League (ANCWL), uNkk Meokgo Matuba, uthe abalandeli bakaDkt DlaminiZum­a kabanandab­a nokuthi umkhankaso wakhe ngeke uphumelele ngoba njengomunt­u wesifazane, lo mholi uyakwazi ukwenza izinto eziningi sikhathisi­nye.

UDkt Dlamini-Zuma kulindelek­e ukuba afungiswe noMnu Matthew Wolmarans oke waba yimeya yaseRusten­berg. UNobhalaji­kelele we-ANC, uMnu Gwede Mantashe, uvumile ukuthi uDkt Dlamini-Zuma uzofungisw­a njengelung­a lephalamen­de kodwa wathi akazi noma uMengameli Zuma uzomqokela yini kwikhabhin­ethi yakhe - ngoba nguyena onalawo mandla.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UKUBUYELA ephalamend­e kukaDkt Nkosazana Dlamini-Zuma njengokuhl­ahlela uMengameli Jacob Zuma indlela yokuphuma ngaphandle kwezihibe kuhulumeni.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UKUBUYELA ephalamend­e kukaDkt Nkosazana Dlamini-Zuma njengokuhl­ahlela uMengameli Jacob Zuma indlela yokuphuma ngaphandle kwezihibe kuhulumeni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa