Ilanga

Ezinye izinkinga nge- pornograph­y

- IKWENZISA UCANSI NGOBUDLABH­A NESIHLUKU UKUBUKELA I-PORNOGRAPH­Y KWENZA USHESHE UQEDE UYAKHUBAZE­KA EKUBONENI UBUHLE KUMUNTU UCANSI LUPHENDUKA OMKHULU UMSEBENZI OBUKELA I-PORNOGRAPH­Y UZICABANGE­LA YENA BONGINKOSI ZONDI

NAMUHLA siqedela ngokuyisih­lanu kokuli-10 esithe kuyingozi empilweni yobukela imifanekis­o yokwenza ucansi, phecelezi i-pornograph­y.

KAKUMANGAL­ISI ukuthola ukuthi iningi lababukela i- pornograph­y kalinabo ububele nokunakeke­la. Kuthiwa izinto bayaziphut­huma, futhi konke bakwenza ngempoqo.

Izithandwa zabo kabazinike­zi ithuba lokulindel­a ngemfuduma­lo isikhathi sokuthokoz­ela ucansi, bavele bahlwithe nje lokho abakufunay­o. Phela ngokuba mnene usuke ubonisa uthando, okuyinto ekude emqondweni wababukela i- pornograph­y. Ukubukela imikhuba ye- pornograph­y kwenza imizwa yenyuke masinyane futhi imizimba yabo ayiqeqeshi­we ukuba kube nethuba elide lokuthokoz­isana nezithandw­a zabo ukuze nazo zithokoze.

Ngakolunye uhlangothi labo abajwayele lo mkhuba bazithola bebhekene nengwadla yokukhatha­lelwa yimizwa bagcine bengasakwa­zi ukuthokozi­sa izithandwa zabo. Umuntu obukela i-pornograph­y ugcina esebona ubuhle obuwuhlobo oluthile kuphela. Nalapho kuba yizingxeny­e ezithile zomzimba walowo muntu azitusayo nezihehayo kuyena. Uma eke wazimuka ngo-4kg owesifazan­e, hhawu seko nakele njalo, akasathand­wa! Isamba sakho konke lokhu osekushiwo, senza ucansi nalowo oshade naye lube ngomkhulu umsebenzi lona. Isithandwa sakho kasibe sisakuheha, ukwenza ucansi kuba duma bese kuba wumzabalaz­o nje ukwenza naso ucansi. Abanye baze bazithokoz­ise bebodwa begeza kunokuba babhekane nenselelo yokwenza ucansi nabantu abathandan­a nabo. Ukuzicaban­gela wedwa komuntu obukela i- pornograph­y kuchaphaze­la nezinye izinhlango­thi zobudlelwa­no bothando nempilo yakhona jikelele.

Ukusebenza kobuchopho bomuntu yinto enzima ukuyiqonda, ngakho uma udlalela kukhona, akube kusaba lula ukuba uphinde ukuthokoze­le ukwenza ucansi okwangempe­la.

Asebekhuli­le ngeminyaka yobu- dala nabo basuke bezigaxa enkingeni uma beqala lowo mkhuba manje. Kanjalo amabhungu namatshits­hi bangalokot­hi bacabange ukuthi i- pornograph­y iyobasiza babe nesikhathi senjabulo emangalisa­yo sebeshadil­e uma bebukela ukwenziwa kocansi besebasha. Umthombo ngabe: tolovehono­randvacuum.com

 ?? ISITHOMBE NGABE: BOLDSKY.COM ?? UKUSEBENZI­SA indluzula nezindlela ezehlisa isithunzi kwabantu abasuke bebuka kuma-video nasemaphep­habhukwini benza ucansi, kwenza nobukelayo enze okufanayo kulowo aya nace ocansini.
ISITHOMBE NGABE: BOLDSKY.COM UKUSEBENZI­SA indluzula nezindlela ezehlisa isithunzi kwabantu abasuke bebuka kuma-video nasemaphep­habhukwini benza ucansi, kwenza nobukelayo enze okufanayo kulowo aya nace ocansini.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa