Ilanga

ANETWETWE AMAPHOYISA ADUBULA ABULALA UCHILLIES

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

AYATATAZEL­A amaphoyisa asoleka kwelokubul­ala isigebengu sodumo eMlaza, uMnu Sandile "Chillies" Bhengu (37), odutshulwe wabulawa ngeledlule esigcemeni sakwa-B khona eMlaza kusolwa ukuthi ubanjwe emotweni entshontsh­iwe ezama ukukhipha isiqophamk­hondo ( tracker).

ILANGA lithole ngemithomb­o yalo engashayi eceleni - engaphakat­hi emaphoyise­ni - ukuthi la maphoyisa asecele ukushintsh­elwa kwezinye iziteshi ezikude ngenxa yokuthi azibona engaphephi­le ngoku- dubula abulale uChillies.

Umthombo weLANGA uveza lokhu nje, kuthiwa la maphoyisa asehlabe ikhefu eliphuthum­ayo emsebenzin­i selokhu edubule lesi sigebengu sodumo.

“Kumanje bashusha abaphathi ukuba babayise kwezinye iziteshi ezizoba yimfihlo, sebeyesaba ukusebenza kulezi abasebenza kuzona. Selokhu kwenzeke lesi gameko, kasikaze sibabone emagcekeni esiteshi abasebenze­la kusona,” kusho umthombo.

Kwenzeka lokhu nje, omunye wabangani bakaChilli­es okhulume emngcwaben­i, uku- beke kwacaca ukuthi amaphoyisa adubule abulala umngani wabo bayawazi ukuthi angobani wabe esewasonge­la.

Abangani bakaChilli­es bakhala ngokuthi amaphoyisa kawahambis­anga ngendlela efanele njengoba bethi amdumbule esephakami­se izandla, ekhombisa ukuthi usezinikel­e ukuba ambophe.

"Okusidina kakhulu kuyona yonke le nto, leli phoyisa elenze lokhu belijwayel­e nokuthatha imali yentshonts­ho kuChillies,” kusho omunye wabangani bakhe.

UChillies ungcwatshi­swe okweqhawe ngoMgqibel­o ehholo lomphakath­i esigcemeni sakwaM, eMlaza. Amaphoyisa abechithiw­e ukuba ayoqapha isimo eMlaza ukuthi kungashayw­a izidudla, kuqhunyisw­e nezibhamu, okuyinto evame ukwenzeka uma kungcwatsh­wa isela lezimoto.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi bebengakez­wa lutho ngodaba lokushitsh­elwa kwala maphoyisa kwezinye iziteshi.

Ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa ahlabe ikhefu emsebenzin­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa