Abafundi bangqongqise isikole
Bakhala ngokusetshenziswa kwemali yesikole
KUSABATSHAZWA umhlola ogilwe ngabafundi baseSokheni High School, KwaSenge, eKranskop, maphakathi neKwaZulu-Natal, abavuke indlobane bangqongqisa isikole ngomlilo emini kwabha ngoba becasulwa yindlela okusetshenziswa ngayo imali yesikole.
Kuthiwa ukushiswa kwesikole kuqale ngoLwesine olwedlule ngokuba kushiswe igumbi elilodwa. Kube nomhlangano wabazali nomhloli ngoMsombuluko emagcekeni esikole, okuthe usaqhubeka abafundi bashisa amanye amagumbi. Ngokuthola kweLANGA, kunothisha okhohlwe yiphepha ebelinemininingwane yokusetshenziswa kwemali yesikole kwaGrade 10 (B), abafundi bathola ithuba lokufunda isabelo-mali. Kuthiwa ngoLwesine ekuseni babuze uthisha- nhloko ukuthi kungani isikole singenawo amawindi nezicabha ekubeni sa-belwa izizumbulu zemali.
Omunye umfundi ocele ukuba igama lakhe ligodlwe, uthi lokhu okwenziwe yilo thisha ubevele ekuhlosile ngoba ngesikhathi efika eSokheni - njengoba enezinyanga ezibalelwa kwezintathu efikile - ubuze abafundi ukuthi kungani bengakutelekeli ukufunda ngoba isikole sabo kasikho esimeni esihle.
“Abafundi babone kubhalwe imali enkulu babuza ukuthi yimuphi umsebenzi ewenzayo njengoba bekuvela nokuthi kunemali ekhokhela amabhasi athutha thina, ekubeni sihamba ngezinyawo. Akekho umfundi othuthwa yibhasi kulesi sikole, wonke amabhasi anikezwe ezinye izikole,” kusho umfundi.
Uthi isikole sabo kasilungiswa, sehlulwa ngisho yizikole zamabanga aphansi zaseMakhabeleni. Utshele leli phephandaba ukuthi bakhala kakhulu ngothishanhloko obephethe phambilini ongawenzanga umehluko esikoleni kwazise ophethe njengamanje uneminyaka emithathu efikile.
Kuthiwa othisha baphume sebegadwe ngamaphoyisa ngenxa yolaka lwabafundi. Kuvela ukuthi kushiswe igumbi lothisha langqongqa nehhovisi likathishanhloko kanti amanye amagumbi aphihlizwe amawindi nezicabha. Ethintwa usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Msawenkosi Dhlomo, uthe abafundi bathathe nge- lukuluku ekubeni leli phepha abalibonile bekubhalwe ukuthi imali izosetshenziswa kanjani uma umnyango usukhokhile.
"Okuthukuthelisa abafundi kakhulu wukuthi kabanawo amabhasi kodwa kunezikole ezingomakhelwane ezithole angaphezu kwelilodwa kanti nesikole kasikho esimweni esihle, sigugile.
"Sikhulumile nezikhulu zezemfundo zathi konke okonakele kuzolungiswa ngonyaka wezimali wezi-2018/2019,” kusho uMnu Dhlomo. Uthi kayikho imali enkulu enikezwa lesi sikole ngoba sinabafundi abalinganiselwa kwabangama-300.
UMnu Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthi badumele ukuzwa izindaba ezifana nalezi. Unxuse amaphoyisa ukuba angenelele kuboshwe abathintekayo.
“Ungqongqoshe uphoxekile ekubeni elwa kanzima ukuze abafundi bathole imfundo esezingeni eliphezulu. Umphakathi sicela usebenzisane nothisha, lungabi khona udlame,” kusho uMnu Mthethwa.
Uthi, izingane zifuna isikole esisha, ibhulakufesi namabhasi athutha abafundi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseKranskop asebophe abasolwa abayi-9 mayelana nesigameko kanti bazovela maduze enkantolo yemantshi khona eKranskop uma uphenyo seluphothuliwe.