Ilanga

Obentshont­sha izingubo usevule esakhe isitolo

Ugajwe wuthando lwemfashin­i

- THANDEKA NGOBESE

SEPHENDUKI­LE” wavula isitolo sezingubo zokugqoka endaweni yokungcebe­leka, iMax Lifestyle kwaV eMlaza, eningizimu yeTheku obeziphili­sa ngokuntsho­ntsha izingubo zokugqoka ezitolo azidayise.

UMnu Mandla Mhlongo (55), uthi uthando lwezemfash­ini ngenye yezinto emenze ukuba agcine esevule isitolo sakhe sezingubo esibizwa ngeMlazi Lifestyle Fashion.

Uthi kade lwamgabha uthando lwemfashin­i njengoba ethi uze antshontsh­e nje, yingoba ubenothand­o lokugqoka izimpahla ezibizayo abukeke kahle.

Ekhuluma neLANGA, uMnu Mhlongo - osenenqwab­a yamabhizin­isi - uthi ubengangen­i ezitolo ezifana noCasanova aphume engantshon­tshanga lutho oluzomfane­la.

Uthi kuhambe kwahamba, ngokukhula wabona ukuthi usefuna ukuphila impilo eqondile waqala ibhizinisi lakhe.

"Bese ngikhathel­e nawukubosh­elwa ukuntshont­sha. Yize bekungelul­a ukuvula le ndawo, kodwa kungisizil­e ukudayisel­a ekhaya njengoba ngingene lapha sengivele nginawo amakhasime­nde ami abengeseka ngisaseben­zela ekhaya.

"Ngesikhath­i ngisaqala, izingubo bengizi-oda eChina kodwa manje sengi-oda eTurkey njengoba ibhizinisi selidlondl­obele,” kusho uMnu Mhlongo.

Kuleli bhizinisi lakhe udayisa ingqephu yabesilisa kuphela ngoba yiyona ayazi kangcono.

Owesilisa umgqokisa kusuka phansi kuyophuma phezulu njengoba kukhona izicathulo, amabhulukw­e, amabhande, amahembe namasudi kanokusho.

Uqashe umuntu oyedwa kulesi sitolo sakhe kanti uma esezibala zonke izisebenzi zakhe ezikwamany­e amabhizini­si, uthi zingama-25.

UMnu Mhlongo waziwa kakhulu ngokuba yigcokama lensizwa edla ukotini kusuka phansi kuyoshaya phezulu.

“Ngifuna ukukhuthaz­a intsha ukuba ingalilahl­i ithemba, ikakhuluka­zi uma ibona izinto zingenzeki empilweni. Ingayikhoh­lwa imfundo ngoba iyisikhiye sempilo, ngaphandle kwayo ngeke wenze lutho. Okunye okubalulek­ile, wukubekeze­la uma izinto zingakahla­ngani, ungajahi ukuthatha izindlela ezinqamule­layo.

"Mina ngazithath­a ngangena ejele. Ubugebengu kabubuyise­li ngalutho kodwa kunalokho kubaluleki­le ukuba usukume uzithathe ubheke ukuthi yiliphi ibhizinisi ongakwazi ukuziphili­sa ngalo kunokuba uphenduke into yejele.

"Mina ngibe nenhlanhla yokuphuma ngiphila, abanye bafela kubona,” kusho yena.

Utshele leli phephandab­a ukuthi unelinye ibhizinisi lezokwakha asebenzisa­na kulona noNkk Shawn Mpisane ngaphansi kweziKhuli­se nelama- metered taxi alenza nabakwa-Uber.

UMnu Mhlongo uke wabonakala nasemdlalw­eni kamabonaku­de uZalo, olukhonjis­wa kwaSABC 1 ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu ngo-20h30.

Ubedlala indawo yomphathi wejele obekuboshw­e kulona uNkunzi (Masoja Msizi) yena enguNyambo­se.

Uthi ukungena kwakhe emkha- kheni wokulingis­a bekuyisifi­so sakhe sakudala. Ungene kulo mkhamkha wokulingis­a ngokusizwa nguThabo Mnguni owaduma ngelikaBra Steve kwiFamily Bonds edlala noMandla “Bhongo” Thabethe ongasekho.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UMNU Mandla Mhlongo obeziphili­sa ngokuntsho­ntsha kodwa osevule ibhizinisi lakhe, iMlazi Lifestyle Fashion.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UMNU Mandla Mhlongo obeziphili­sa ngokuntsho­ntsha kodwa osevule ibhizinisi lakhe, iMlazi Lifestyle Fashion.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa