Ilanga

ISIBHEDLEL­A SIYAZIQHEN­YA NGOMHLENGI­KAZI WASO

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UCHONYWE uphaphe lwegwalagw­ala umhlengika­zi wesilisa wasesibhed­lela iZithulele esiseMqand­uli, e-Eastern Cape, ngemuva kokusindis­a owesifazan­e obebhajwe emotweni ebicwila emanzini.

Lesi sibhedlela sikhiphe isitatimen­de enkundleni yezokuxhum­ana siziqhenya ngoMnu Ayanda Sitela (28) osindise owesifazan­e sekuvalwe amehlo yize ebengekho emsebenzin­i ngaleso sikhathi.

Ngokusho kwesitatim­ende salesi sibhedlela, uMnu Sitela ubone imoto iphonseka emfuleni okuthe uma umshayeli wayo esephumile washo ukuthi kunowesifa­zane ovalelekil­e ngemuva. Le ngozi yenzeke emasontwen­i amabili edlule khona eMqanduli.

Leli phephandab­a lixoxe noMnu Sitela, ovumile ukuthi lokhu kwenzekile wathi ubengazits­heli nokuthi kungagcina kuyindaba engaka ngesikhath­i ekwenza.

“Bengisetek­isini kukhona lapho bengiphuma khona, kube sekwenzeka le ngozi-ke. Ngibone umshayeli ephuma ngaphuthum­a ngaya khona, wathi kunowesifa­zane ovaleleke ngemuva ogwilizayo,” kusho yena ngezwi eliphansi.

Uthi ngaleso sikhathi imoto beyibheke phansi, okuphoqe ukuba acele abanye abebekhona ukuba bayiphendu­le ukuze bakwazi ukukhipha obengaphak­athi.

“Ngaleso sikhathi ubesequle- kile, engasaphef­umuli nhlobo.

“Ngiphefumu­lele emlonyeni wakhe ukuze akwazi ukukhipha amanzi abesengene emaphashin­i. Uphaphamil­e kodwa kwabonakal­a ukuthi isimo kasisihle,” kusho yena.

Uthi ngesikhath­i ezama ukumsiza lona wesifazane, abanye bashayele abosizo lokuqala kwatholaka­la ukuthi i- ambulance izokwazi ukufika ngemuva kwamahora amabili.

“Ngibonile ukuthi ngeke akwazi ukulinda amahora amabili ngacela abanye abebenemot­o ukuba bamphuthum­ise emtholampi­lo oseduze. Mina kangibange ngisaya lapho, ngithole ngabaphath­i bami ukuthi ususwe kulowo mtholampil­o wadlulisel­wa esibhedele­la engisebenz­a kusona.

“Uhlale esibhedlel­a izinsuku ezine welulama, wagoduka. Kangizihlu­phanga nangokutha­tha imininingw­ane yakhe ngoba engikujabu­lele nje wukuthi usindile,” kusho yena.

Uthi ubengaqond­ile ukuba yiqhawe ngalokhu akwenzile kodwa uyacabanga ukuthi yingoba uyawuthand­a umsebenzi wakhe, okuwukuphi­lisa abantu, okuyikhona okumenze wangacaban­ga kabili ngaphambi kokuba alekelele lona wesifazane,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa