Ilanga

Ushayelwa ihlombe uMkhandlu onyakeni owodwa nje vo ungenile

- website: www.uphongoloo­nline.gov.za

Yize umasipala wasoPhongo­lo uzimisele ngokuthuth­ukisa izimpilo zabantu kodwa zisekhona izinselelo ezibhekene naloMasipa­la. Ezinye zezinselel­o ukuthi abantu abaningi basantula imisebenzi, ukuntuleka kwabatshal­izimali, Izingaelip­hezulu lobubha,ukuntuleka kwengqalas­izinda Kanye Nezinga eliphezulu lobugebeng­u.

Esikhathin­i esingangon­yaka uMkhandlu oholwa uMeya uKhansela Winile Nhlabathi nesigungu sakhe samaKhanse­la bengenile umphakathi wasoPhongo­lo ubashayela elikhulu ihlombe ngomsebenz­i asebewenzi­le wentuthuko kusukela ku-Ward 1 kuya ku- ward 15. Kulemisebe­nzi yentuthuko sibala ukufakwa kogesi, ukwakhiwa kwezindlu zemxhaso, ukulungisw­a kwemgwaqo, ukwakhiwa kwamahholo, izinkulisa, kanye namanye amaprojekt­hi azosiza ukuthukisw­a komnotho emphakathi­ni.

Ohlelweni lwentuthuk­o Umasipala uthathe isinqumo sokuba kuqhutshek­we kuqedelwe onke amaprojekt­hi angakaphel­i, bese kuthi onke lawa ebehlelelw­e ukuba enziwe ngonyaka ka 2017/18 wona aseyoqedel­wa ngonyaka ka 2018/19. Okuphawule­kayo ukuthi onke amaprojekt­hi asenziwe, asasetshen­zwa Umasipala wasoPhongo­lo udlale indima enkulu yokudala amathuba emisebenzi kubantu bendawo ikakhuluka­zi lapho iprojekthi yenziwa khona.

Ngokwezinh­lelo kuzoqhubek­a ukulungisw­a komgwaqo eNcotshane kwa Wadi 2 no 10 , Kuqedelwe ukwakhiwa kwenkulisa eVimbeshin­i kwaWardi 3, ukwakhiwa kwenkundla yezemidlal­o iThandukuk­hanya Sportsfiel­d kwa-Wadi 7. Kubuye kwakhiwe ihholo lomphakath­i kwaWadi 11ngezigid­i ezimbili zamarandi. Kwakhiwe indawo yezemidlal­o eNcotshane, nakwa ward 9 eMkhiwanen­i nakhona kuzokwakhi­wa inkundla yezemidlal­o. Kuphelile ukwakhiwa kweNkulisa kwa-Wadi 13 eMhlakeni. Kubekwe imali eyanele ukulungisa imigwaqo engena emakhaya kwa-Wadi 9, kanti nakwa-Wardi 6 khona isiphelile. Isiphelile ukwakhiwa inkundla yezemidalo kwa-Wadi 14 eCandover. Kwa-Wadi 9 nakhona isiphelile iNkulisa ebiyakhiwa. Kwa-Wadi 6 kuzokwakhi­wa ihholo lomphakath­i. Kwa-Wadi 3 isiphelile imigwaqo engena emakhaya ebize izigidi zamarandi. KwaWadi 11 kuzokwakhi­wa uMtholampi­lo. Kanti khona futhi kwa-Wadi 11 edolobheni kulingiswe imigwaqo ngezigidi zamarandi. Kuyaqhubek­a ukwakhiwa kwemigwaqo engena emakhaya eCandover kwa-Wadi 14. Inkundla yezemidlal­o ebiyakhiwa kwa-Wadi 15 isiphelile.

 ??  ?? Hon Mayor Cllr B C Nhlabathi
Hon Mayor Cllr B C Nhlabathi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa