Kwakhiwa Imigwaqo Ecandover Nasedolobheni
Kuyaqhubeka ukwakhiwa kwemigwaqo engenela emakhaya eCandover, lokhu kwenzeka emva kokuba Umasipala wathatha isinqumo sokuba kulungiswe Ingqalasizinda ezindaweni zasemakhaya ukuze izimpilo zabantu zibe lula. Kuyisifiso soMkhandlu wasoPhongolo ukuthi bonke abantu abakhele loMasipala babe nempilo encono. Ngokwezinhlelo iCandover enye yezindawo lapho kulungiswa khona umgwaqo engamakilomitha amabili ngemali eyizigidi zamarandi.
UKwakhiwa kwalomgwaqo nakho kuvule amathuba amaningi emisebenzi. kwabayishumi abantu bendawo abaqashiwe Induna Logistic bawu bane (4) abasifazane abaqashiwe kanti abayisithupha abesilisa. Kuyisifiso sika Meya uNhlabathi ukuba abantu besifazane banikwe amathuba ukuze bekwazi nabo ukuzithuthukisa.
Kusenjalo ufakwa itiyela umgwaqo oyikhilomitha elilodwa wasedolobheni kwa wadi 11 uPiet Retief ne- Martins. Lomgwaqo owakhiwa uSonkintileka iSibaya Asphalting.
Kusemaphethelweni ukufakwa kwetiyela lomgwaqo osuka ngase Clinic edolobheni ubheke ngase Pongola Education Centre. Lomgwaqo owenziwa yinkampani iSenzo Construction uqale ukulungiswa ngo Ntulikazi 2016 kanti uzophela kuyo lenyanga ka Mandulo.
Ngonyaka ka 2016/17 uMasipala waqala uhlelo lokwakhiwa komgwaqo ongamakhilomitha amabili waseMgura kwa-Wadi 9 emvakokuba umphakathi wakuleli wadi wawucele ukulungiselwa lomgwaqo. uMeya uNhlabathi uyakugqugquzela ukuthi yonke lemisebenzi eyinthuthuko yomphakathi iphathwe njengezikhali zamantungwa futhi kubalulekile ukuthi umphakathi uzibhekele wona impumelelo yawo. uMeya uphinde agcizelele ukuthi yonke lemisebenzi iqashwe amakomidi azobhekela ukuthi ayiphazamiseki yini ukuze yonke ibe impumelelo.