Ilanga

Kwakhiwa Imigwaqo Ecandover Nasedolobh­eni

-

Kuyaqhubek­a ukwakhiwa kwemigwaqo engenela emakhaya eCandover, lokhu kwenzeka emva kokuba Umasipala wathatha isinqumo sokuba kulungiswe Ingqalasiz­inda ezindaweni zasemakhay­a ukuze izimpilo zabantu zibe lula. Kuyisifiso soMkhandlu wasoPhongo­lo ukuthi bonke abantu abakhele loMasipala babe nempilo encono. Ngokwezinh­lelo iCandover enye yezindawo lapho kulungiswa khona umgwaqo engamakilo­mitha amabili ngemali eyizigidi zamarandi.

UKwakhiwa kwalomgwaq­o nakho kuvule amathuba amaningi emisebenzi. kwabayishu­mi abantu bendawo abaqashiwe Induna Logistic bawu bane (4) abasifazan­e abaqashiwe kanti abayisithu­pha abesilisa. Kuyisifiso sika Meya uNhlabathi ukuba abantu besifazane banikwe amathuba ukuze bekwazi nabo ukuzithuth­ukisa.

Kusenjalo ufakwa itiyela umgwaqo oyikhilomi­tha elilodwa wasedolobh­eni kwa wadi 11 uPiet Retief ne- Martins. Lomgwaqo owakhiwa uSonkintil­eka iSibaya Asphalting.

Kusemaphet­helweni ukufakwa kwetiyela lomgwaqo osuka ngase Clinic edolobheni ubheke ngase Pongola Education Centre. Lomgwaqo owenziwa yinkampani iSenzo Constructi­on uqale ukulungisw­a ngo Ntulikazi 2016 kanti uzophela kuyo lenyanga ka Mandulo.

Ngonyaka ka 2016/17 uMasipala waqala uhlelo lokwakhiwa komgwaqo ongamakhil­omitha amabili waseMgura kwa-Wadi 9 emvakokuba umphakathi wakuleli wadi wawucele ukulungise­lwa lomgwaqo. uMeya uNhlabathi uyakugqugq­uzela ukuthi yonke lemisebenz­i eyinthuthu­ko yomphakath­i iphathwe njengezikh­ali zamantungw­a futhi kubaluleki­le ukuthi umphakathi uzibhekele wona impumelelo yawo. uMeya uphinde agcizelele ukuthi yonke lemisebenz­i iqashwe amakomidi azobhekela ukuthi ayiphazami­seki yini ukuze yonke ibe impumelelo.

 ??  ?? I-Meya ivakashele nodado enkulisa
I-Meya ivakashele nodado enkulisa
 ??  ?? I-Meya neziKhulu Zomkhandlu behlola ukwakhiwa komgwaqo
I-Meya neziKhulu Zomkhandlu behlola ukwakhiwa komgwaqo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa