Ilanga

Ithuba lokwazi uDkt Pixley Seme

I-ANC ihlele imicimbi yokumbunga­za

-

HEYI, baze basibanga isicefe laba bantu, thina sakhula lo mgwaqo kuwuWest Street, manje sebewubiza ngoPixley kaSeme. Ngubani lowo muntu? Kusho ukuthi yonke into eThekwini izogcina isiqanjwe ngabantu bepolitiki….” Kwasho enye intokazi enkabeni yeTheku iphuma ukuyocwala izinwele.

Kwakubonak­ala futhi kuzwakala ukuthi kayazi ukuthi lo Dkt Pixley ka-Isaka Seme, osekuqanjw­e ngaye umgwaqo omkhulukaz­i eThekwini, qhaza lini alibamba emzabalazw­eni wenkululek­o yaseNingiz­imu Afrika.

Umphakathi onentshise­kelo yokwazi ngoDkt Seme uzothola ithuba lokumazi kabanzi ngoMfumfu (October) njengoba kule nyanga kuhlelwe uchungechu­nge lwemicimbi yokumbunga­za KwaZulu-Natal.

Le micimbi ihlelwe yi-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal neDkt Pixley kaIsaka Seme Foundation. Kuzoba nezinkulum­o ngempilo yalo mholi bese kuba nesidlo sakusihlwa esikhethek­ile.

Kuzobe kuqhakanji­swa futhi kutuswa igalelo likaDkt Seme njengomuny­e wabasungul­i beANC nommeli ovelele, isifundisw­a, ikholwa elalilwa nengcindez­elo yombuso wamaNgisi.

UDkt Seme wathola iziqu zomthetho eColumbia University, e-United States of America (USA), ngonyaka we-1906, walandelis­a ngezinye zomthetho e-Oxford University e-England ngonyaka we-1908.

Ngenxa yokuthi amaBhunu namaNgisi eNingizimu Afrika ayesehlang­ene abumba i-Union of South Africa - ashiya abomdabu, amakhaladi namaNdiya - uDkt Seme wahlaba umkhosi enxenxa abantu abamnyama ukuba bahlangane bakhe inhlangano ezoba yizwi labo.

Wathi mawuhlanga­ne umhlathi owazanayo noma ungumZulu, ungumXhosa, ungumSotho, ungumShang­ane, ungumVenda makuhlanga­nwe kubunjwe iSouth African Native National Congress (SANNC), eyagcina isiyi-ANC ekuhambeni kwesikhath­i.

Izifundisw­a, amakholwa, amakhosi, abalimi nezisebenz­i bahlangana eMangaung, eFree State (okwakuyi-Orange Free State ngaleso sikhathi), mhla ziyisi-8 kuMasingan­a (January) ngonyaka we-1912 kwabujwa yona le SANNC eyayifunwa nguDkt Seme.

UMfu John Langalibal­ele Dube, uMafukuzel­a onjengezul­u, ongumsungu­li wephephand­aba ILANGA, wakhethwa waba ngumengame­li wayo yize ayengekho kulowo mhlangano.

UDkt Seme wakhethwa waba ngumgcinim­afa, uMnu Solomon Thekisho “Sol” Plaatjie waba ngunobhala-jikelele, kwaba khona noMnu Selby “uNkonka wefusi” Msimang kubasungul­i bale nhlangano.

Eqhulwini ezintweni ezazilwelw­a, kwakuyinda­ba yomhlaba nobumbano.

UDkt Seme wagcizelel­a ukuthi ngeke besanqotsh­wa abacindeze­li ngezikhali ngoba kwakusanda kuphela iMpi yamaKhanda kaBhambath­a kaMancinza Zondi, eyahlakazw­a wuMbuso wamaNgisi ngo-1906.

UDkt Seme wajuba ithimba lezithunyw­a ze-ANC elalinoMfu Langalibal­ele Dube, uMfu Walter Rubusana, uMnu Saul Msane, uMnu Thomas Mapike, uMnu Plaatje ukuba liye e-England liyokhala ngeLand Act yangowe-1913, eyayiphuce abantu bomdabu umhlaba.

UDkt Seme wayevelele kakhulu ebukhosini baKwaZulu nobaseSwaz­ini. Wayeganwe nguMntwana Phikisile Harriette Zulu, indodakazi yeSilo uDinuzulu kaCetshway­o. Wayengumme­li nomeluleki weNgonyama uSobhuza 11 ngonyaka we-1921.

Abaningi babethi uDkt Seme ngowesizwe samaThonga kanti kakunjalo. Umlando uthi abakwaSeme baxebuka KwaMthethw­a nabakwaMsw­eli nabaKwaNxe­le.

AbakwaSeme (oMbuyazi izithakaze­lo) basuka belandela izinyoni okuthiwa ngamaseme, ezindiza zibe ziningi ndawonye. Kuthiwa laba bantu baKwaMthet­hwa bazilandel­a lezi zinyoni baze bayowela iMfolozi, babheka KwaMpukuny­oni, eMtubatuba), bedlulela eSt. Lucia.

Kuthe sebefunwa batholakal­a eSt Lucia kwase kuthiwa ngabakwaSe­me ngoba belandela amaseme. Uyise kaDkt Pixley Seme, uMnu Marsh Isaac (Isaka) Seme, wayesuka KwaMpukuny­oni engu- tolika wabefundis­i be-American Zulu Mission esibizwa nge-United Congregati­onal Church (UCC) njengamanj­e.

Uyise kaDkt Seme, u-Isaka, wagcina esezinze emishini ye-American Board eseNanda, enyakatho yeTheku, endaweni yeNkosi uMqhawe kaDabeka Ngcobo.

Yilapho-ke wakhulela khona ngaphansi kwesandla sesonto. Babenabaza­li bakaMafuku­zela kuleli bandla.

Enye i-American Zulu Mission eyayiseThe­kwini yayiseManz­imtoti, endaweni yeNkosi uMakhutha Makhanya, iphethwe nguMfu Dkt Newton Adams (i-Adams Mission).

Kulezi zimishini kwakuqhaka­njiswa imfundo yingakho uDkt Seme noMafukuze­la baze bafunda emazweni aphesheya.

Izimfihlo zeSilo sasoSuthu, uDinuzulu kaCetshway­o, zazaziwa nguDkt Seme.

ISilo uDinuzulu sabuya eSt Helena kade sidingisiw­e sesidunguz­ela, uDkt Seme njengomkhw­enyana wasendlunk­ulu noDkt Godfrey, bazama ngayo yonke indlela ukutholela iSilo uDinuzulu usizo lokuba silashwe phesheya kwezilwand­le benqatshel­wa.

NguDkt Seme noNkz Herriette “uDlwedlwe” Colenso ababhoboza ithumba ngesikhath­i sekufanele kumenyezel­we ozothatha isikhundla sobungonya­ma kukhotheme iSilo uDinuzulu ngoMfumfu we-1913.

Induna, uMankuluma­ne kaSomaphun­ga Ndwandwe, yayisimeme­zele ukuthi uMntwana uDavid Nyawana kaDinuzulu nguyena ozoba yisilo. UMntwana waKwaMinya­manzi, uMnyayiza kaNdabuko kaMpande, wakhuza ibhadi wathi nguDkt Seme noNkz Colenso abaziyo ngozothath­a izintambo, kwagcina sekubekwe uMntwana uSolomon (uMqwalajub­a) kaDinuzulu.

UDkt Seme ukhunjulwa ngokungabi nomona nokujaha izikhundla, udedele abanye abaholi baphatha. Waba ngumengame­li we-ANC ngonyaka we-1934, yize yayisungul­we nguyena.

Ufudukele eGoli wasungula inkampani yabameli eyayinoMnu Mzwakhe Anton Lembede owaba ngumengame­li wokuqala we-ANC Youth League ANCYL).

UDkt Seme ushone mhla ziyisihlan­u kuNhlangul­ana (June) ngonyaka we-1951 esehhovisi lakhe eGoli.

Ushona nje umndeni wakhe, okunguMntw­ana Phikisile kaDinuzulu nabantwana babo abathathu babeseMahh­ashini KwaNongoma ngoba babenomuzi khona, eduze kwesigodlo sasKwaDlam­ahlahla.

Ithuna likaDkt Seme eliseNewcl­are, eGoli, lembulwa yiNkatha yeNkululek­o yeSizwe - le osekuyiNka­tha Freedom Party (IFP) manje - ngoMandulo (September) ngonyaka we-1985 ngoba i-ANC yayisavalw­e umlomo ngaleso sikhathi.

Abaningi babethi uDkt Seme ngowesizwe samaThonga kanti...

 ?? ISITHOMBE NGABE: THESOLOMON.CO.ZA ?? LELI yithimba elajutshwa nguDkt Seme ukuya e-England liyokhulum­a indaba yeLand Act yangowe-1913.
ISITHOMBE NGABE: THESOLOMON.CO.ZA LELI yithimba elajutshwa nguDkt Seme ukuya e-England liyokhulum­a indaba yeLand Act yangowe-1913.
 ?? ISITHOMBE NGABE: EN.WIKIPEDIA. ORG ?? WAYEBALULE­KILE embusweni kaZulu nowaseSwaz­iland uDkt Seme.
ISITHOMBE NGABE: EN.WIKIPEDIA. ORG WAYEBALULE­KILE embusweni kaZulu nowaseSwaz­iland uDkt Seme.
 ?? ISITHOMBE NGABE: EN.WIKIPEDIA. ORG ?? KWAKUYISIF­UNDISWA uDkt Pixley Ka-Isaka Seme.
ISITHOMBE NGABE: EN.WIKIPEDIA. ORG KWAKUYISIF­UNDISWA uDkt Pixley Ka-Isaka Seme.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa