Ilanga

QAPHELA ABAKUSIZAY­O BANGAKONIS­ELI KOKWAKHO

-

GENESISE 3:10-17

NAMUHLA ngithanda ukukhuluma ngabantu abalusizo ezintweni ezenziwa ngabanye ngoba kuyenzeka woniswe ngumuntu olusizo kuwena uma ungaqaphel­anga.

Kule ncwadi esifunda kuyona sivezelwa isithombe esicace bha ukuthi le nto iyenzeka. Esikuqaphe­layo lapha wukuthi uNkulunkul­u wayekhulum­e noAdamu maqondana nemithi okwakufane­le yena nomkakhe u-Eva badle kuyona, nangomuthi okwakungam­ele badle kuwona ukuze bangafi.

Uma sifunda sithola ukuthi uNkulunkul­u wadala owesifazan­e wamyisa ku-Adamu ukuba abe ngumsizi wakhe. Okuqaphele­kayo wukuthi lo msizi kwabuye kwaba nguyena owonisa u-Adamu ngokuba amdlise emthini okwakukhul­unywe no-Adamu ukuba ungadliwa.

UNkulunkul­u wayemazi umuntu ayekhulume naye nakuba sekonakele. Kungakho kwathi esefika kubona emuva kokuba sebedlile base becasha ensimini, uNkulunkul­u wamemeza igama likaAdamu ngoba kunguyena ayekhulume naye kwasekuqal­eni. Njengoba umhlaba ugcwele ukufa kangaka nje, kwangena ngomuntu owayesiza. Ziningi izinto esezonakel­e kubantu abaningi okwakukhul­unywe kubona ukuba bazenze, kodwa okwathi ukuba bathole abasizi kuzona, kwaba wukonakala kwazo.

Kule ndaba singabala imikhakha eminingi abantu abawusizo kuyona kodwa okumele baqashelwe - noma bewusizo olukhulu kangakanan­i - ukuze ithuba lokusiza kungabi ngelokonak­ala kwezinto.

Kuyaqaphel­eka ukuthi ngempela u-Eva wayengumsi­zi ka-Adam ovela kuNkulunku­lu, yingakho besingacis­hile isambulo ku-Adam sokuthi lo msizi wamphiwa nguyena uNkulunkul­u noma izinto sezonakele. Lokhu kufakazelw­a ngamazwi ka-Adam uma ethi: "Owesifazan­e owangipha yena ukuba abe nami, nguyena onginike umuthi ukuba ngidle".

Kunabantu abebenobud­lelwano obuhle phakathi kwabo noNkulunku­lu ngesikhath­i bengakabat­holi abasizi ezintweni abazenzayo, kodwa izinto zaqala ukonakala ngesikhath­i sebenabasi­zi kuzona emikhakhen­i eyehlukene.

Singaqala kubona laba abasenking­eni yokoniswa ngabasizi babo emishadwen­i abakuyona. Kuleyo mishado kunabantu abakhala izinyembez­i ubusuku nemini ngoba ngesikhath­i bengakasha­di, izinto bezihamba kahle besebenzel­a uNkulunkul­u ngaphandle kwenkinga.

USathane usebenzise bona impela labo abashade nabo ukubonisa kulokho abakwenzay­o.

Akusizona zonke izikhathi lapho uma kukhona into eyonakeley­o kube wukuthi yoniwe ngabantu abavela kuSathane, kodwa kuyenzeka uSathane asebenzise bona laba abavela kuNkulunku­lu ukona izinto ngabo.

Kunabanye abantu esibalethe­lwa nguNkulunk­ulu kulokho esibizelwe ukukwenza emsebenzin­i weNkosi. Kuyenzeka umuntu osizayo afise ukuguqula izinto ngendlela ebezimi ngayo engakafiki, angafuni ukulandela lokho okwenziway­o.

Lapho-ke kuba wukuqala kokushayis­ana phakathi kwalowo ophathiswe umbono nalabo abalethwe nguNkulunk­ulu ukuzoba wusizo.

Bayingozi abantu abasizayo ngoba kwesinye isikhathi ukusiza kwabo kuba nezinto eziphathek­ayo futhi eziyisidin­go ekusebenze­ni kwakho, okungagcin­a sekukwephu­ce namandla entweni ekhulunywe nawe ngoba sekuyibona asebelawul­a ngenxa yosizo abakunika lona.

Kunemibono eyayikhulu­nywe kubantu abathile ukuba bayenze ngendlela ababetshel­we ngayo nguNkulunk­ulu, kodwa okwaba wukufika kwabantu abebelethw­e nguyena uqobo ukuzosiza ngokuxhasa imibono ngemali yabo, base beyisebenz­isa ukuba kulalelwe noma yini abayishoyo.

Abantu abawusizo bavamisile ukuhlaselw­a nguSathane ngenxa yezinto abasuke besiza ngazo.

Yingakho iningi labo livame ukugcogcom­a ngenxa yokuthi lokho elisiza ngakho lifuna ukuphinde lilawule ngakho into eyenziwayo.

Uma ungumuntu okukhuluny­we kuwena into ethile ukuba uyenze ngendlela okuthiwe yenze ngayo, qaphela abantu onikwe bona ukuba bakusize, bangaseben­zisi usizo lwabo ukuguqula izinto ngendlela ezikhuluny­we ngayo kuwena.

Kunabantu abakhala ubusuku nemini imishado

-------------------------Lalela uDkt M.S. Mncwabe kwiNANDA 88.4 FM njalo ngeSonto ngo-6-9 ebusuku ohlelweni “UBIZO LWAKHO”. Utholakala kwethi: 072 320 1773. Calling Promotions Ministries 433 Mahatma Gandhi (Point Road) Durban

eyoniwe ngabasizi babo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa