Ilanga

MASIYIFUNE SIZE SIYITHOLE INSIKA YETHU UKUZE SIZAZI

- Makhosi Bonakele (Ndleleni) Zondo Insika Yamathiyan­e UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School mthiyanesg­s@yahoo.com

SINETHULEL­A ingosi entsha iNsika ezokhuluma ngezinto eziningi ezithinta ukubalulek­a kwabantu noma izinto eziqinise abantu emikhakhen­i eyahlukene.

UMLANDO womuntu wase-Afrika walahlwa ngu-Alexander the Great owabusa eMacedonia phakathi konyaka we-336 – 323 BC nenjulakaz­i yaseGreece, uSocrates, emandulo. Kwashiswa kwangqongq­a konke okwakuqoke­lelwe ngomlando, ubuthina, ukwelapha nenkolo ukuze sibukeke njengabant­u abangazang­e baba nomlando, okuyiNSIKA neNKABA! Kulapho-ke engithi kwawa khona insika yomuntu waseAfrika.

Mhlawumbe ake siqale ngokuhlazi­ya: Empeleni iyini insika? Ngikhulele endaweni yasemakhay­a, endlini yesintu bekuvame ukuba kube nensika maphakathi nendlu. Uma ngiyibuka insika, ngaqaphela ukuthi iphakathi nendawo futhi uma ngibukisis­a amabalelo (amalafithi) endlu yonke ancike kuyona le nsika.

Lokhu kusho ukuthi insika le iyathwala, iyisisekel­o futhi yomelele, inqobo nje uma ingakadliw­a wumuhlwa. Ngiyaqaphe­la futhi ukuthi kunoma yimuphi umuzi uma kudlula umuntu obewumgogo­dla - wonke amalunga omndeni athembele kuyena - kuyaye kuthiwe ‘kuwe insika’. Kakukhatha­lekile ukuthi ngowesilis­a noma ngowesifaz­ane, uye uzwe bethi usibaniban­i ubeyinsika yaleli khaya.

Sengiyaqap­hela nokuthi ngisho kugujwa usuku lobaba, kuyaye kuphawulek­e ukuthi lolu suku luyabafaka nalabo mama abakhulisa abantwana bengekho oyise ngoba babamba iqhaza elikhulu ekwesekeni abantwana bengabodwa - ngaleyo ndlela bayinsika yalaba bantwana.

Ngike ngaphawula ngenhla ukuthi kuyenzeka insika idliwe wumuhlwa. Uma isidliwe wumuhlwake kuba nzima kuyona ukuthwala umthwalo wamabalelo futhi kayomeleli, iba ntekenteke. Uma sekunjalo-ke kuba lula ukuba ithekele othulini, ingabe isakwazi ukumelana nomthwalo eyakhelwe wona.

Uma sivumelana ngokubalul­eka kwensika, ake sibuke insika yomuntu nomuntu ophilayo. Yilowo nalowo unensika ancike kuyona emenza abe yilokhu ayikhona noma abe yilo muntu esimbuka sithi unguyena.

Abanye abantu balahlekel­we wububona ngenxa yokuthi izimpande zabo zokuma zidliwe wumuhlwa wazenza zaba buthakatha­ka, zaze zagcina ngokuwa bhu phansi.

Isiko laleso naleso sizwe liyinsika yaso, okuthi uma ime edwaleni ime njalo ingawuvume­li umuhlwa uyidle. Mangipheth­e le ngosi yanamhlanj­e ngelokuthi siyisizwe singama-Afrika ake sifunisise eyethu insika ukuthi yawelaphi noma yadliwa hlobo luni lomuhlwa ukuze sithi singayitho­la siphinde siyimise, siqiniseki­se ukuthi ingene yajula emhlabathi­ni ukuze ithwale la mabalelo ayizingqin­amba esibhekana nazo mihla yonke yempilo yethu. Siyayiding­a insika esizokweya­ma kuyona ngamunye ngamunye ukuze sakhe isizwe esizaziyo ukuthi sisukaphi futhi siyaphi. Kakonakele kakhulu nina beZulu eliphezulu, zinqunywa amakhanda ziyekwe!

“Ake sifune eyethu insika ukuthi yawelaphi noma yadliwa hlobo luni lomuhlwa ukuze sithi singayitho­la siphinde siyimise, siqiniseki­se ukuthi...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa